1IZIKULU zezindhlu za oyise zabakwa Giladi, indodana ka Makiri indodana ka Manasa, bezindhlu zamadodana ka Josefa, za sondela, za kuluma ngapambi kuka Mosi, namakosana, nezikulu za kwaIsraeli.
2Ba ti, uJehova wa yaleza inkosi yetu ukuba a nike abakwa Israeli izwe li be ifa labo ngenkato; nenkosi yetu i yalezwe uJehova ukuba i nike ifa lika Zelofehade umfo wetu amadodakazi ake.
3Noma be gana amadodana ezinye izizwe zakwaIsraeli, lapoke ifa li ya kukitywa efeni la obaba li bekwe efeni lesizwe lapo bamukelwe kona; li suswe efeni letu lenkato.
4Lapo ku fika usuku lwenjabulo kwabakwaIsraeli, ifa labo li ya kubekwa kwe lesizwe lapo bamukelwe kona: ngako ifa labo li suswe efeni lesizwe sa obaba.
5uMosi wa yaleza abakwa Israeli njengezwi lika Jehova, wa ti, Isizwe samadodana ka Josefa si kuluma kahle.
6I lento e yalezwa uJehova ngamadodakazi ka Zelofehade, u ti ma a gane ngokubona kwawo; kodwa a gane esizweni sa oyise kupela.
7Ngakoke ifa labakwaIsraeli a li i ku qubekela ezizweni zonke; ngokuba bonke abakwaIsraeli ba bambelele ilowo njalo efeni lesizwe sa oyise.
8Indodakazi e li fuyileyo ifa esizweni kuzo e za kwaIsraeli i ya kuba umfazi womunye wendhlu yesizwe sa oyise, ukuze abakwaIsraeli ba jabule ilowo njalo ngefa lika yise.
9Ifa li nga suki kwesinye isizwe li ye kwesinye; kodwa zonke izizwe zabakwaIsraeli zi hlale i leso efeni laso.
10Amadodakazi ka Zelofehade a senza isiyalezo sika Jehova kuMosi.
11Ngokuba uMala, noTirza, noHogla, noMilka, noNoa, amadodakazi ka Zelofehade, a e ganile kumadodana omfo wabo ka yise.
12A e ganile futi ezindhlini zamadodana ka Manasa indodana ka Josefa, ifa labo la hlala esizweni sendhlu ya oyise.
13I lezi iziyalezelo nezahlulelo, eza yalezwa uJehova ngesandhla sika Mosi kubantwana baka Israeli ematafeni a se Moabi, ngaseJordani eduze neJeriko.