1UJEHOVA wa kuluma kuMosi, wa ti,
2Yaleza abakwaIsraeli, u ti kubo, Lapo se ni fikile ezweni laseKenani; (leli izwe eli ya ku ba elenu li be ifa, izwe laseKenani, kanye nemincele yalo:)
3Ngaseningizimu li ya kuba elenu ku suke ehlane lase Zini nga semnceleni weEdomi, umkaulo wenu wa seningizimu u ya kuba osebeni lokugcina lolwandhle luka saoti ngasempumalanga:
4Umkaulo wenu u ya kubuya eningizimu u fike ekukupukeni kweAkrabimi, u dhlulele eZini: nokupuma ku be seKadesh-barnea eningizimu, ku dhlulele eHazar-adda, naseAzmoni.
5Umkaulo u suke eAzmoni u qondile u ze u fike emfuleni wasEgipite; nokupuma kwawo ku be selwandhle.
6Umkaulo wa sentyonalanga u ya kugcina olwandhle olukulu; loku ku be umkaulo wenu wa sentyonalanga,
7Umkaulo wenu nga senyakato u ya kuba ilo u ya kuqala elwandhle olukulu u qonde entabeni iHori
8Entabeni iHori, u qonde ekungeneni kweHamate nokupuma kwawo ku be seZedadi:
9Umkaulo u dhlulele eZiferoni, nokupuma kwawo ku be seHaza-enani, loku ku be umkaulo wenu wa senyakato,
10Owasempumalanga u suke eHazaenani u fike eShefamu:
11Umkaulo u suke eShefamu u fike eRibla, ngasempumalanga kweAine; nomkaulo wehle u fike eceleni lolwandhle iKinnerete ngasempumalanga.
12Umkaulo wehlele eJordani, nokupuma kwawo ku be selwandhle luka saoti; leli li be izwe lenu kanye nayo yonke imikaulo yalo.
13uMosi wa yaleza abakwaIsraeli, wa ti, Leli lizwe eni ya kulifuya ngenkato, uJehova a yaleza ukuba li nikwe izizwe ezi isishiyagalolunye, nenxenye yesizwe:
14Isizwe sabakwaRubeni, njengendhlu ya oyise, nesizwe sabakwaGadi, njengendhlu ya oyise, zi lamukele ifa lazo; nenxenye yesizwe sika Manasa i lamukele ifa layo;
15Izizwe ezibili na leyo nxenye yesizwe zi lamukele elazo ifa nganeno kweJordani eduze nase Jeriko ngasempumalanga.
16uJehova wa kuluma kuMosi, wa ti,
17Nanka amagama amadoda a ya ku nahlukanisela izwe: uEleazari umpristi, noJoshua indodana kaNuni.
18Ni tate inkosana i benye kuleso sizwe njalo, ukwahlukanisa izwe li be ifa.
19Amagama abantu ilawo; esizweni sakwa Juda, uKalebi indodana ka Jefuna.
20Esizweni sabakwaSimeoni, uShemueli indodana ka Amihudi.
21Esizweni sabakwaBenjamini, uElidadi indodana ka Kislone.
22Nenkosana yesizwe sabakwaDani, uBukki indodana ka Jogli.
23Inkosana yabakwaJosefa, esizweni sabakwaManasa uHannieli indodana ka Efode.
24Inkosana yesizwe sabakwaEfraimi, uKemueli indodana ka Shiftani,
25Inkosana yesizwe sabakwaZebuloni uElizafani indodana ka Parnaki.
26Inkosana yesizwe sabakwaIsakari, uPaltieli indodana ka Azzani.
27Inkosana yesizwe sabakwaAsheri, uAhihude indodana ka Shelomi.
28Inkosana yesizwe sabakwa Naftali, uPedaheli indodana ka Amihudi.
29I laba aba yalezwa uJehova ukuba ba dabulele abakwaIsraeli ifa labo ezweni lase Kenani.