1UBALAMI wa ti kuBalaki, Ngakele lapa amalati a isikombisa, u ngi lungisele lapa izinkabi ezi isikombisa nezinqama ezi isikombisa.
2uBalaki wenza njengokutyo kuka Balami; uBalaki noBalami ba nikela kuwo onke amalati inkabi nenqama.
3uBalami wa ti kuBalaki, Yima emhlabelweni wako otyayo, mina ngi hambe; ingabe uJehova u ya kufika a hlangane nami; konke a ngi kombisa kona, ngo ku tyela wena, Wa kupukela endaweni epakemeyo.
4uTixo wa hlangana noBalami, wa ti kuyena, Ngi wa lungisile amalati a isikombisa, futi ngi nikele kuwo onke inkabi nenqama.
5uJehova wa faka izwi emlonyeni ka Balami, wa ti, Buyela kuBalaki, u tyo loku.
6Wa e se buyela kuyena, wa m bona e mi ngomhlabelo wake otyayo, yena namakosana onke aseMoabi.
7Wa u tata umfanekiso wake, wa ti, uBalaki inkosi yase Moabi u ngi tatile eAramu ezintabeni za sempumalanga, e ti, Woza u ngi qalekisele uJakobe, u ze u u lwe nabakwaIsraeli;
8Ngi nga m qalekisa kanjani o nga qalekiswa nguTixo na? ngi lwe kanjani nabo a ba ngalwiyo noJehova na?
9Ngokuba ngi pezu kwamatye ngi ya m bona, noma ngi sezintabeni ngi ya m buka; bheka, labo bantu ba ya kuhlala bodwa, ba nga balwa kanye nezizwe.
10Ubani o nga bala utuli luka Jakobe na? nobuningi benxenye yobune ka Israeli na? Ma ngi fe ukufa kolungileyo, nokugcina kwami ku be njengokwake!
11uBalaki wa ti kuBalami, Wenzani kimina na? Ngi ku tatele ukuqalekisa izita zami, kepa, bheka, se u ba busisile ngokupeleleyo.
12Yena wa pendula wa ti, Ngi nga ku qondi ukukuluma oku bekwe emlonyeni wami nguJehova na?
13uBalaki wa ti kuyena, Woza, ngi ya kuncenga, si ye kwenye indawo, u ba bone kona; u ya kubona inxenye yabo, u nga ba boni bonke; u ngi qalekisele bona lapo.
14Wa m leta ensimini yase Zofimi, pezulu kwePisga, waka amalati a isikombisa, wa nikela inkabi, nenqama kuwo onke amalati.
15Wa ti kuBalaki, Yima lapa ngasemhlabelweni wako otyayo, mina ngi hlangane noJehova lapaya.
16uJehova wa hlangana noBalami, wa beka izwi emlonyeni wake, wa ti, Buyela futi kuBalaki u tyo ngokuti.
17Lapo e fika kuyena, Bheka, wa e mi kuwona umhlabelo wake, namakosana aseMoabi kanye naye. uBalake wa ti kuye U kulumeni uJehova na?
18Wa kuluma umfanekiso wake, wa ti, Vuka, Balake, u zwe; lalela mina wena ndodana ka Zippore;
19uTixo a ka siye umuntu, ukuba a qambe amanga; nendodana yomuntu, ukuba a penduke, U tyilo, a ka yi kukwenza na? noma e kulumile a ka yikukulungisa na?
20Bheka, ngi samukele isiyalezo ukubusisa: yena u busisile; nami a ngi na ku ku pendula.
21A ka bonanga ububi kwaJakobe, a ka bonanga ukudelela kwaIsraeli; uJehova uTixo wake u naye, nokumemeza kwenkosi ku pakati kwabo.
22uTixo wa ba kipa Egipite; u namandhla kungati a wendhluzele.
23Impela abuko ubunuse kwaJakobe, nokubula kwaIsraeli, nga lesi sikati ko tyiwo ngoJakobe nabakwaIsraeli; Wenzeni uTixo na?
24Bheka, abantu bo vuka njengebubesi elikulu: ba zipakamise njengebubesi elitya ba nga lali pansi be nga ka i dhli impango, ba puza igazi lobuleweyo.
25uBalaki wa ti kuBalami, Musa ukuba qalekisake, musa ukubabusisa futi.
26uBalami wa pendula uBalaki, wa ti, A ngi ku tyelanga, ukuti, Konke oku kulunywa uJehova, ma ngi kwenze na.
27uBalaki wa ti kuBalami, Woza, ngi ya kuncenga; ngi ku lete kwenye indawo, umhlaumbe uTixo a nga vuma ukuba u ngi qalekisele bona lapo.
28uBalaki wa yisa uBalami pezu kwePeori, eli beke nga kuJeshimone.
29uBalami wa ti kuBalaki, Ngakele lapa amalati a isikombisa, u ngi lungisele lapa izinkabi ezi isikombisa nezinqama ezi isikombisa.
30uBalaki wenza njengokutyo kukaBalami, wa nikela inkabi nenqama kuwo onke amalati.