1LAPO inkosi uArade wa seKenani, o wa e hlezi ngaseningezimu, e zwa ukuba abakwaIsraeli ba yeza ngendhlela yezinhloli, wa lwa nabo, wa tata abanye wa benza izibotywa.
2AbaIsraeli ba funga isifungo kuJehova, ba ti, Uma wena u nika lababantu esandhleni setu impela, konake si ya kubulala impela imizi yabo,
3uJehova wa li lalela izwi lika Israeli, wa ba nikela aba seKenani, ba ba qeda kanye nemizi yabo: na leyondawo ba i biza ngokuti iHorma.
4Ba hambake besuka entabeni iHori ngendhlela yolwandhle olubomvu, uku li haqa izwe la seEdomi nabantu ba hlupeka kakulu ezinhliziyweni ngenxa yendhlela.
5Abantu ba kuluma kabi ngoTixo, na ngoMosi, be ti, Ni si kipeleni Egipite ukuba si fe ehlane na? ngokuba asiko isinkwa, namanzi kawako; izinhliziyo zetu zi ya dinwa ilesi sinkwa esilula.
6uJehova wa ba tumela izinyoka ezi nolaka, za ba luma abantu; abaningi bakwa Israeli ba fa.
7Ngako abantu beza kuMosi, ba ti, sonile, ngokuba si kulume kabi ngoJehova, na ngawe; kuleka kuJehova, ukuba a suse izinyoka kitina. uMosi wa kulekela abantu.
8uJehova wa ti kuMosi, yenza inyoka yetusi, u i mise esibondeni; ku ya kuti yena o lunyiweyo lapo e i buka leyo nyoka, a pile.
9uMosi wa yenza inyoka yetusi, wa i misa esibondeni, kwa ti olunyiweyo inyoka lapo e i bukayo inyoka yetusi, wa pila.
10AbakwaIsraeli ba hamba, bemisa eObote.
11Be suka eObote, bemisa eIjeabaremu ehlane eli ngapambi kweMoabi nga sempumalanga.
12Besuka lapo, bemisa esigodini saseZaredi.
13Besuka lapo bemisa ngapambili kweArnoni eli sehlane eli puma emnceleni wezwe lamaAmori; ngokuba iArnoni li isahlukaniso seMoabi, emkatini weMoabi namaAmori.
14Ngako ku tiwa encwadini ka Jehova yezimpi, A kwenzileyo elwandhle olubomvu, nasemifulaneni yakwa Arnoni.
15Nasemifulaneni yemifula e yehlela endaweni ya seAre, e ye ncika emnceleni weMoabi.
16Besuka lapo ba ya eBeeri umtombo a kulume ngawo uJehova kuMosi, e ti, Ba butele ndawonye abantu, ngi ba pe amanzi.
17AbaIsraeli ba se be gwaba lesisihlabelelo, sokuti Vuka, O mtombo; hlabelelani kuwona:
18Amakosana a wu mbile, u mbiwe izikulu zabantu, ngezwi lomvezi womteto, ngezinkande zabo. Besuka ehlane ba ya eMattana.
19Be suka eMattana ba ya eNahalieli; besuka eNahalieli, ba ya eBamote.
20Besuka eBamote esigodini esi sezweni lase Moabi, ba kwela ePisga, eli bhekene neJeshimone.
21AbakwaIsraeli ba tuma izigijimi ku Sihoni inkosi yamaAmori be ti.
22Ma si dhlule ezweni lako; a si yi ku pendukela emasimini, nasezivinini; si nga wa puzi namanzi emitombo: kodwa so hamba nje ngomgwaqo wenkosi, si ze si li dhlule izwe lako.
23uSihoni a ka vumanga ukuba abakwa Israeli ba dhlule emnceleni wake: kodwa uSihoni wa buta bonke abantu bake, wa pumela abakwaIsraeli ehlane: wa fika eJehazi, wa lwa nabakwaIsraeli.
24AbakwaIsraeli ba m tyaya ngenkemba ba tata izwe lake ku suka eArnoni ku ze ku fike eJaboke, ku bantwana baka Ammoni ngokuba umncele wabantwana bakaAmmoni wa u namandhla.
25AbakwaIsraeli ba tata yonke lemizi: abakwaIsraeli ba hlala kuyo yonke imizi yamaAmori, eHeshbone, nemizana yonke yakona.
26Ngokuba iHeshbone la li ngumuzi ka Sihoni inkosi yamaAmori, o wa e lwile nenkosi yakuqala yase Moabi wa li tata lonke izwe lake esandhleni sake, kwa ze kwa fika eArnoni.
27Ngako bona aba kuluma ngeziga ba ti, Ngena eHeshbone, umuzi ka Sihoni ma wakiwe, u lungiswe.
28Ngokuba umlilo u pumile eHeshbone, ilangabi emzini ka Sihoni li qedile iAre laseMoabi namakosi ezindawo ezinkulu zase Arnoni.
29Maye kuwena, Moabi ni qediwe, O bantu ba se Kemosha, amadodana namadodakazi ake a sindileyo, u wa fake ebugqilini kuSihoni inkosi yamaAmori.
30Si dubulile kubona; uHeshbone u file kwa ze kwa fika eDibone, si ba citile kwa ze kwa fika eNofa, eMedeba.
31Njaloke abakwaIsraeli ba hlala ezweni lamaAmori.
32uMosi wa tumela uku hlola uJazeri, ba i tata imizana yakona, ba xotya abakwaAmori e aba be kona.
33Ba penduka ba kupuka ngendhlela yase Bashane; uHogi inkosi ya seBashane wa ba hlasela, yena, nabantu bonke bake, ukulwa eEdrei.
34uJehova wa ti kuMosi, u nga mesabi, ngokuba ngi m nikile esandhleni sako, nabantu bonke bake, nezwe lake; wo kwenza kuye njengokwenza kwako kuSihoni inkosi yamaAmori, o wa e hlala eHeshbone.
35Ngako ba m tyaya, namadodana ake, nabantu bonke bake, ba ze ba pela bonke; ba fuya izwe lake.