1UJEHOVA wa kuluma kuMosi noAroni e ti,
2Abakwa Israeli ba ya kumisa amatente abo ku be ilowo kwa ba kubo ngesibonakaliso sendhlu ya oyise; ba ya kumisa kude netabanekele lenhlangano.
3Nga sempumalanga ekupumeni kwelanga ku ya kuti abe isibonakaliso sekamu la kwa Juda ba mise ngezimpi zabo, uNashoni indodana ka Aminadabi, u ya kuba induna ya ba kwa Juda.
4Ibandhla lake nalabo ababalwayo kubo, ba be izinkulungwane ezi amashumi a isikombisa nane namakulu a isitupa.
5Nalaba aba ya kumisa ba landela bona isizwe sa kwa Isakari, uNataneli indodana ka Zuari, u ya kuba induna yaba kwa Isakari.
6Nebandhla lake, nalaba ababalwayo kubo, ba be izinkulungwane ezi amashumi amahlanu nane namakulu amane.
7Kwa landela isizwe sa kwa Zebuloni uEliabi indodana ka Heloni u ya kuba induna yaba kwa Zebuloni.
8Ibandhla lake, nalaba ababalwayo kubo ba be izinkulungwane ezi amashumi a isihlanu nesikombisa namakulu amane.
9Bonke ababalwayo ekamu la kwa Juda ba be izinkulungwane ezi ikulu namashumi a isishiyagalombili nesitupa namakulu amane ngezimpi zabo. Laba ba ya kuma kuqala.
10Ngaseningizimu ku ya kuba isibonakaliso sekamu la kwa Rubeni ngezimpi zabo. Induna ya ba kwa Rubeni i ya kuba u Elizuri indodana ka Shaduri.
11Ibandhla lake nalabo ababalwayo kubo ba be izinkulungwane ezi amashumi amane nesitupa namakulu a isihlanu.
12Nalabo aba ya kumisa ba landela bona isizwe sa kwa Simeoni; induna ya ba kwa Simeoni, i ya kuba u Shalumieli indodana ka Zurishadi.
13Ibandhla lake nalabo ababalwayo kubo ba be izinkulungwane ezi amashumi a isihlanu nesishiyagalombili namakulu amatatu.
14Ku landele isizwe sa kwa Gadi: induna ya ba kwa Gadi i ya kuba uEliasafu indodana ka Rueli.
15Ibandhla lake nalabo ababalwayo kubo ba be izinkulungwane ezi amashumi amane nesihlanu namakulu a isitupa namashumi a isihlanu.
16Bonke ababalwayo ekamu la kwa Rubeni ba be izinkulungwane ezi ikulu namashumi a isihlanu nanye namakulu amane namashumi a isihlanu, ngezimpi zabo; bona ba ya kupuma, ba be iviyo lesibili.
17Be se ku puma itabanekele lenhlangano kanye nekamu labaLevi pakati kwamakamu. Ba ya kupuma bonke, ku be ilowo endaweni yake ngezibonakaliso zakubo, njengokumisa kwabo.
18Ngasentyonalanga ku ya kuba isibonakaliso sekamu la kwa Efraimi njengezimpi zabo. Induna yaba kwa Efraimi i ya kuba uElishama indodana ka Amihudi.
19Ibandhla lake nalabo ababalwayo kubo ba be izinkulungwane ezi amashumi amane namakulu a isihlanu.
20Ku landele isizwe sa kwa Manasa. Induna yaba kwa Manasa i ya kuba uGamalieli, indodana ka Pedazuri.
21Ibandhla lake nalabo ababalwayo kubo ba be izinkulungwane ezi amashumi amatatu namakulu amabili.
22Ku landele isizwe sa kwa Benjamini. Induna ya ba kwa Benjamini i ya kuba uAbidani indodana ka Gideoni.
23Ibandhla lake nalabo ababalwayo kubo ba be izinkulungwane ezi amashumi amatatu nesihlanu namakulu amane,
24Bonke ababalwayo ekamu la kwa Efraimi, ba be izinkulungane ezi ikulu nesishiyagalombili nekulu ngezimpi zabo. Bona ba ya kupuma ba be iviyo lesitatu.
25Isibonakaliso sekamu la kwa Dani, si ya kuba ngasenyakato ngezimpi zabo: Induna ya kwa Dani i ya kuba uAhieza indodana ka Amishadai.
26Ibandhla lake, nalabo ababalwayo kubo ba be izinkulungwane ezi amashumi a isitupa nesibili namakulu a isikombisa.
27Nabo aba ya kumisa ba landele, isizwe sa kwa Asheri: Induna yaba kwa Asheri i ya kuba uPagieli indodana ka Okrani.
28Ibandhla lake, nalabo ababalwayo kubo ba be izinkulungwane ezi amashumi amane nanye namakulu a isihlanu.
29Ku landele isizwe sa kwa Naftali. Induna yaba kwa Naftali i ya kuba uAhira indodana ka Enani.
30Ibandhla lake nalabo ababalwayo kube, ba be izinkulungwane ezi amashumi a isihlanu nantatu namakulu amane.
31Bonke ababalwayo ekamu la kwa Dani ba be izinkulungwane ezi ikulu namashumi a isihlanu nesikombisa namakulu a isitupa; Ba ya kupuma ngasemva nezibonakaliso zabo.
32Laba i labo ababalwayo ba kwa Israeli ngendhlu ya oyise: bonke ababalwayo bamakamu emabandhleni abo ba be izinkulungwane ezi amakulu a isitupa nantatu namakulu a isihlanu namashumi a isihlanu.
33Kodwa abaLevi ababalwanga pakati kwa ba kwa Israeli njengokutyo kuka Jehova ku Mosi.
34Aba kwa Israeli benza njengako konke uTixo a ku tyo ku Mosi; bemisa njengezibonakaliso zakubo, ba puma kanjalo, kwaba ilowo ngemindeni yakubo njengendhlu ya oyise.