1ABANTU bonke be butene nganhliziyonye ebaleni ngapambili kwesango lamanzi; ba tyo kuEzra umbali ukuti a lete incwadi yomteto ka Mosi, uJehova a be yalile abaIsraeli ngawo.
2Wa ti uEzra umpristi wa leta umteto, pambi komhlangano wabesilisa nabesifazana nabo bonke aba be ngezwa ba qonde, ngosuku lokuqala lwenyanga yesikombisa.
3Wa u funda ngasebaleni eli ngapambi kwesango lamanzi, wa qala kusasa kwa za kwa semini, ebusweni babesilisa nabesifazana, bonke aba be nako ukuzwisa izindhlebe zabantu bonke za lalela incwadi yomteto.
4Umbali uEzra wema endaweni epakamileyo yamaplankwe aba be yenzele lomsebenzi, kwema naye, nga kwesokunene sake, oMatitia, noShema, noAnaia, noUrija, noHilkia, noMaseia; ngakwesokodhlo sake; oPedia, noMishali, noMalkia, noHashume, noHashbadana uZekeria noMeshulamu.
5uEzra wa yi penya incwadi emehlweni abo bonke abantu; ngokuba wa e pakeme ngapezulu kwabantu bonke; lapo e penya ba suka bema bonke abantu.
6uEzra wa m bonga uJehova, uTixo omkulu. Bonke abantu ba vuma, be ti, Ameni, Ameni, be pakamisa izandhla zabo; ba kotama ba m dumisa uJehova ubuso babo bu bheke pantsi.
7Futi uJeshua, noBani, noSherebia, uJamina, uAkuba, uShabetai, uHodija, uMaseia, uKelita, uAzaria, uJozabade, uHanani, uPelaia, nabaLevi ba ba fundisa abantu umteto; abantu bema ezindaweni zabo.
8Njaloke be funda encwadini emtetweni ka Tixo ba pimisela kahle, ba zwakalisa kahle, ba ba qondisa okufundwayo.
9Wa ti uNehemia o ngumbusi noEzra umpristi umbali, nabaLevi, abafundisi babantu, ba ti kubantu bonke, Lolusuku lu ngcwele kuJehova uTixo wenu; ni nga dabuki, ni nga kali. Ngokuba bonke abantu ba be kala, lapo bezwa amazwi omteto.
10Wa ti kubo, Hambani ni dhle okunonileyo, ni puze okumandi, ni babele laba aba nga lungiselwanga luto; ngokuba namhla ku usuku olungcwele kuJehova wetu; ni nga dabuki, ngokuba ukutokoza oku vela kuJehova ku amandhla enu.
11Ku njalo abaLevi ba tulisa abantu bonke, be ti, Tulani ngoba namhla usuku olungcwele; ni nga dabuki.
12Bonke abantu ba hamba ba ya kudhla, nokupuza, nokubabela abanye, nokujabula kakulu, ngokuba ba be zwile amazwi aba be wa tyeliwe.
13Ngolwesibili kwa butana abanumzana babantu bonke, abapristi, nabaLevi, beza kuEzra umbali ukuze ba qonde amazwi omteto.
14Ba fumana ku baliwe emtetweni uJehova a u yalayo ngaye uMosi, ukuba abantwana ba ka Israeli ba hlale emadokodweni ngesikati somhlangano wenyanga yesikombisa;
15Nokuba ba memezele ba tumele izwi emizini yonke ya kubo, na seJerusalema, be ti, Pumani ni ye entabeni ni lete amagatya omhlwati, namagatya omtidhari, namagatya emihadusi namagatya esundu, namagatya emiti emihle, nenze amadokodo, njengokuba ku baliwe.
16Njaloke abantu ba puma ba wa leta, ba zenzela amadokodo kwa ilowo opahleni lwendhlu yake, nasebaleni lake, nasemabaleni endhlu ka Tixo, nasendhleleni yesango lamanzi, nasebaleni lesango lika Efraimi.
17Wonke umhlangano wabo aba be buyile kuzo izitunjwa, ba zenzela amadokodo ba hlala emadokodweni abo; seloku wa fa uJoshua indodana ka Nuni, ku ze ku be i lolusuku, abantwana ba ka Israeli ba be nga kwenzile loku. Kwa ku kona ukujabula okukulu.
18Wa funda encwadini yomteto ka Tixo imihla ngemihla iloku kwa qala ngomhla wokuqala, kwa za kwa ba umhla wokugcina. Benza umhlangano izinsuku ezi isikombisa; ngosuku lwesishiyagalombili kwa ba kona isonto, njengomkuba wabo.