1KWA ti lapa oSanbalati noTobia, noGeshemu umArabia, nezinye izita zetu, zezwa ukuba, ngakile udonga, ukuba a si seko isikala kulo; (kepa ngaso leso sikati nga ngi nga ka misi izicaba emasangweni;)
2oSanbalati naye uGeshemu ba tumela kimi, be ti, A ke si hlangane emuzaneni otile o semfundeni ya seOno. Bona ba be cabanga ukungihlupa.
3Nga tumela kubona izigijimi, nga ti, Ngi sebenza umsebenzi omkulu a ngi nakwehla; u zo yekwelani umsebenzi, ngi wu shiye, ngehle ngi ye kini na?
4Kepa ba tumela kimi kane, njengako loko; nga ba pendula kanjalo.
5Kona uSanbalati, ngokwesihlanu wa tumela inceku yake kimi kanjalo i pete incwadi evuliweyo esandhleni sayo;
6O kwa ku lotywe kuyo, ukuti ku zwakala ezizweni naye uGeshemu u ya kutyo ukuti wena nabaJuda ni cabanga ukuhlubuka; ngako loku ni yaka udonga, ukuze u be inkosi yabo, njenga lamazwi.
7Futi u misile abaprofeti ba shumayele ngawe eJerusalema, ba ti, ku kona inkosi eJudia; ko ze ku bikwe enkosini njenga lamazwi. Wozake ngako, ma si qondisane.
8Nga tumela kuye, nga ti a kwenziwa luto olu njengokutyoyo, kepa wena u ya qambanje enhliziyweni yako.
9Ngoba bonke ba setusa, be ti zo ze zi pele amandhla izandhla zabo, ukuba ku nga setyenzwa. Ngako wena, Tixo wami, qinisa izandhla zami zi be nawo amandhla.
10Kona ngeza endhlini ka Shemaia indodana ka Delaia indodana ka Mebetabeli, o wa be e zivalele; wa ti, A ke si hlangane endhlini ka Tixo, pakati kwalo itempeli, ma si vale isicaba zetempeli; ngoba ba zo fika, ba ku bulale, yebo ba zo fika ebusuku, ba ku bulale.
11Nga ti, ku nga m fanela umuntu o njengami a baleke na? Ku kona ubani, o njengami, o nga ngena etempelini ukuzisindisa na? A ngi yi ku ngena.
12Kona nga bona impela ukuba uTixo wa e nga m tumile; kepa u yena nje o profeta ngami; ngokuba oTobia noSanbalati ba be kokela.
13Wa e kokelwe, ukuba ngesabe ngeze njengezwi lake, ngone, bona ba be nako ukukuluma kabi ngami, be ngi dela.
14Tixo wami, kumbula oTobia noSanbalati ngazo lezi zenzo zabo, naye umprofetikazi uNoadia, nabanye abaprofeti, abafisa ukungesabisa.
15Udonga lwa pela ngosuku lwamashumi amabili nesihlanu lwenyanga uElula, ezinsukwini ezi mashumi mahlanu nambili.
16Kwa ti, lapo zonke izita zetu zezwa loku, nabezizwe aba be kona be bona lezo zinto, ba zidelela; ngokuba ba bona ukuba ukwenza kuka Tixo wetu, loku.
17Nga leyomihla izikulu za kwa Juda za tumela kuTobia izincwadi eziningi, nezika Tobia za fika kuzo.
18Ngoba abaningi ba kwaJuda ba be fungile kuye, ngoba yena wa e umkwenyana ka Shekania indodana ka Ara; indodana yake uJohanani wa e tatile indodakazi ka Meshulamu indodana ka Berekia.
19Futi be babaza izenzo zake ezihle ebusweni bami ba landa amazwi ami kuye. uTobia wa zi tuma izincwadi ukungesabisa.