1KONA uEliashibe umpristi omkulu wa suka kanye naba kubo abapristi ba laka isango lezimvu; ba lenza li be ngcwele, ba misa izicaba zalo; kwa za kwa ba kuwo umbotyongo ka Mea ba lenza ngcwele kwa za kwa fika kuwo umbotyongo ka Hananeli.
2Ngasecaleni kwaka aba seJeriko. Ngasecaleni kwaka uZaka indodana ka Imri.
3Isango lezinhlanzi lakiwa amadodana ka Sena, yena wa misa imityayo yalo, wamisa izicaba zalo, nezihlutulelo zalo, neziqongqwane zalo.
4Ngasecaleni kwabo kwaka uMeremote indodana ka Urija indodana ka Kozi. Ngasecaleni kwabo kwaka uMeshulamu indodana ka Berekia, indodana ka Meshezabeli. Ngasecaleni kwabo kwaka uZadoki indodana ka Bana.
5Ngasecaleni kwabo kwaka amaTekoi, kepa izikulu zabo a zi fakanga izintamo zazo emsebenzini wenkosi yabo.
6Isango elidala lakiwa uJehoida indodana ka Pasea, kanye noMeshulamu indodana ka Besodea; bona ba beka imityayo yalo, ba misa izicaba zalo, nezihlutulelo zalo, neziqongqwane zalo.
7Ngasecaleni kwabo kwaka uMelatia umGibeoni, noJadona umMerona, amadoda a kwa Gibeoni a seMizpa, kwa ze kwa fika embusweni wombusi nganeno komfula.
8Ngasecaleni kwabo kwaka uUzieli indodana ka Harhia wabakandi begolide. Ngasecaleni kwabo kwaka uHanania indodana yomunye wabatengisayo ngemiti, bona ba li qinisa iJerusalema nga sodongeni olubanzi.
9Ngasecaleni kwabo kwaka uRefaya indodana ka Huri umbusi wenxenye yeJerusalema.
10Ngasecaleni kwabo kwaka uJedaia indodana ka Harumafe, malungana nendhlu yake. Ngasecaleni kwake kwaka uHatushe indodana ka Hashabonia.
11uMalkija indodana ka Harimo kanye noHashube indodana ka Pahatimoabi baka elinye ibanga nombotyongo wamaziko.
12Ngasecaleni kwake, kwaka uShaluma indodana ka Halohesha umbusi wenxenye yeJerusalema yena namadodakazi ake.
13Isango lemfunda lakiwa uHanuni kanye naba seZanoa; ba laka ba misa izicaba zalo, nezihlutulelo zalo, neziqongqwane zalo, amakubiti a inkulungwane kwa ze kwa fika esangweni lezala.
14Kepa isango lezala lakiwa uMalkia indodana ka Rekabi, umbusi wenxenye yeBetihakeremu; wa laka wa misa izicaba zalo, nezihlutulelo zalo, neziqongqwane zalo.
15Kepa isango lomtombo lakiwa uShaluna indodana ka Kolhozi umbusi wenxenye yeMizpa; wa laka, wa beka imityayo yalo, wa misa izicaba zalo, nezihlutulelo zalo, neziqongqwane zalo, kanye nodonga lwa secibini eli tiwa iSiloa, eduze nensimu yenkosi, na kuzo izikwelo ezehlayo emuzini ka Davida.
16Emva kwake kwaka uNehemia indodana ka Azbuke, umbusi wenxenye yeBetzuri malungana namatuna a ka Davida na kulo icibi elembiwayo nasendhlini yabakulu.
17Emva kwake kwaka amaLevi, uRehume indodana ka Bani Ngasecaleni kwake kwaka uHashabia umbusi wenxenye yeKela, endaweni yake.
18Emva kwake kwaka abafo wabo, uBavai indodana ka Henadade umbusi wenxenye yeKela.
19Ngasecaleni kwake kwaka uEzere indodana ka Jeshua umbusi weMizpa elinye ibanga malungana nendawo e yenyuka i ye endhlini yezikali, lapo udonga lu penduka kona.
20Emva kwake uBaruki indodana ka Zabai waka ngokukutoba elinye ibanga ku suka ekupendukeni kodonga kwa za kwa fika emnyango endhlini ka Eliashibe umpristi omkulu.
21Emva kwake kwaka uMeremote indodana ka Urija indodana ka Kozi ibanga elinye ku suka emnyango endhlini ka Eliashibe kwa za kwa fika ekugcineni kwendhlu ka Eliashibe.
22Emva kwake kwaka abapristi, abantu ba sezweni lakona.
23Emva kwake kwaka uBenjamini noHashube malungana nendhlu yabo. Emva kwake kwaka uAzaria indodana ka Maseia indodana ka Anania ngasendhlini yake.
24Emva kwake kwaka uBinui indodana ka Henadade elinye ibanga ku suka endhlini ka Zaria, kwa za kwa fika ekupendukeni kodonga, ngasegunjini.
25Wa ti uPalai indodana ka Uzai, waka malungana nokupenduka kodonga nombotyongo o dhulayo ngasendhlini enkulu yenkosi, ngasenhla ngasebaleni letilongo. Emva kwake uPedaia indodana ka Paroshe, waka.
26NamaNetini a e hlala eOfela, ngasesangweni lamanzi, ngasempumalanga, nombotyongo o nga pandhle.
27Emva kwabo kwaka amaTekoi ibanga elinye malungana nombotyongo omkulu o nga pandhle, kwa za kwa fika ngasodongeni lwa seOfela.
28Ngasenhla kwesango lamahashi kwaka abapristi, ku ilowo malungana nendhlu yake.
29Emva kwabo kwaka uZadoki indodana ka Imere malungana nendhlu yake. Emva kwake, kwaka uShemia indodana ka Shekania, umlindi wesango la sempumalanga.
30Emva kwake kwaka uHanania indodana ka Shelemia, noHanuni indodana yesitupa ka Zalafe, ibanga elinye. Emva kwake kwaka uMeshulamu indodana ka Berekia malungana nendhlu yake.
31Emva kwake kwaka uMalkia wabakandayo igolide kwa za kwa ba sendaweni yamaNetini, neyabatengisayo malungana nesango iMifekade kwa za kwa ba sekukupukeni kwengosi.
32Pakati kwebanga lokukupuka kwengosi ku ze ku fike esangweni lezimvu kwaka abakandi begolide kanye nabatengi.