1ABABUSI babantu ba hlala eJerusalema, abantu abanye benza inkato ukuba ba tate omunye kwaba ishumi a zo hlala eJerusalema, umuzi o ingcwele, naba isishiyagalolunye kweminye imizi.
2Abantu ba bonga bonke abantu aba vuma ngenhliziyo ukuhlala eJerusalema.
3Laba ba izikulu zezwe eza zi hlala eJerusalema; kodwa emizini ya kwaJuda ba hlala kwa ilowo endaweni yake emizini ya kubo, abaIsraeli, abapristi, abaLevi, amaNetini, nabantwana bezinceku zika Solomona.
4Ba hlala eJerusalema abatile ku bantwana baka Juda, na kubantwana baka Benjamini; na kwaba ka Juda; uAthaia indodana ka Uzia, indodana ka Zekeria, indodana ka Amaria, indodana ka Shefatia, indodana ka Mahalaleli, kubantwana ba ka Perezi.
5NoMaseia indodana ka Baruki, indodana ka Kolhozi, indodana ka Hazaia, indodana ka Adaia, indodana ka Joiaribe, indodana ka Zekaria, indodana ka Shiloni.
6Onke amadodana ka Perezi a hlalayo eJerusalema, amaqawe a ngamakulu amane, namashumi a isitupa nesishiyagalombili.
7Lawa amadodana ka Benjamini, uSalu indodana ka Meshulamu, indodana ka Joeda, indodana ka Pedaia, indodana ka Kolaia, indodana ka Maseia, indodana ka Itieli, indodana ka Jesaia.
8Ngasemva kwake uGabai, Salai, amakulu ashiyagalolunye, namashumi amabili nesishiyagalombili.
9Umbonisi wabo wa e uJoeli indodana ka Zikri; uJuda indodana ka Senua wa e ngowesibili pezu komuzi.
10Kubapristi; uJedaia indodana ka Joiaribe, uJakini.
11uSeraia indodana ka Hilkia, indodana ka Meshulamu, indodana ka Zadoki indodana ka Meraiote, indodana ka Ahitubi, yena wa e pezu kwendhlu ka Tixo.
12Abafo wabo abenza umsebenzi wendhlu, ba be amakulu a isishiyagalombili namashumi amabili nambili; noAdaia indodana ka Jerohamu, indodana ka Pelalia, indodana ka Amzi, indodana ka Zekaria, indodana ka Pashure, indodana ka Malkia.
13Nabafo wabo, aba izikulu kwabadala ba be amakulu amabili namashumi amane nambili; noAmashai indodana ka Azareli indodana ka Ahasai, indodana ka Meshilemoti, indodana ka Ka Imere.
14Nabafo wabo, amaqawe ikulu namashumi amabili nesishiyagalombili; umbonisi wabo uZabdieli, indodana yomunye kumaqawe.
15KubaLevi, uShemaia indodana ka Hashube, indodana ka Azrikamu, indodana ka Hashabia indodana ka Buni;
16NoShabetai, noJozabade womkulu kubaLevi, be ababonisi bomsebenzi o nga pandhle kwendhlu ka Jehova.
17uMatania, indodana ka Mika, indodana ka Zabdi, indodana ka Asafa, u yena owa hola ekuqaleni ukubonga ekukulekeni; noBakbukia wesibili kubafo wabo, noAbda indodana ka Shamua indodana ka Galali, indodana ka Jedutuni.
18Bonke abaLevi aba be semuzini ongcwele ba be amakulu amabili, namashumi ashiyagalombili nane.
19Nabalindi bamasango, oAkuba, noTalmona, nabafo wabo aba be gcina amasango ba be ikulu namashumi a isikombisa nambili.
20Abaseleyo kubaIsraeli, abapristi, nabaLevi, ba hlala emizini yonke ya kwa Juda kwa ilowo endaweni yake.
21AmaNetini a hlala eOfele, uZiha, noGispa ba be pezu kwamaNetini.
22Umbonisi futi wabaLevi eJerusalema kwa kuUzi indodana ka Bani, indodana ka Hashabia, indodana ka Matania, indodana ka Mika, kumadodana ka Asafa, abahlabeleli ba be pezu komsebenzi wendhlu ka Jehova.
23Ngokuba kwa ku umyalo wenkosi ngabo, nesimiso esiqinileyo nga bahlabeleli umsebenzi otile wemihla ngemihla.
24uPetahia indodana ka Meshezabeli, kubantwana ba ka Zera indodana ka Juda, yena wa be isandhla senkosi ezindabeni zonke zabantu.
25Imizana, namasimu ayo, abanye abantwana baka Juda aba hlala kuyo eKirjatarba, na semizaneni ya kona na seDiboni, na semizaneni ya kona, na se Jekabzeli, na semizaneni ya kona.
26Na seJeshua, na seMolada, na seBethpaleti,
27Na seHazarshuali, na seBeresheba, na semizaneni ya kona.
28Na seZiklagi, na seMekona, na semizaneni ya kona.
29Na seEnrimona, na seZaria, na seJamuta,
30Na seZanoa, eAdalamu, na semizaneni ya kona, eLakisha, namasimu a kona, eAzeka, na semizaneni ya kona. Ba hlala kwa suka eBeresheba kwa za kwa fika emfundeni ya seHinoma.
31Nabantwana baka Benjamini ba hlala kwa qala eGeba kwa za kwa beka eMikmashi, na seAija, na seBeteli, na semizaneni ya kona,
32Na seAnatoti, na seNobi, na seAnania,
33Na seHazori, na seRama, na seGitaimu,
34Na seHadidi, na seZebomi, na seNebalate,
35Na seLodi, na seOno, imfunda yabasebenzi.
36Kuba Levi abahluka kwa Juda, na kwa Benjamini.