1NGA leyomihla abantu be baningi be nge nakudhla, uJesu, wa biza abafundi bake, wa ti kubo,
2Ngi ya ba haukela abantu, se ku izinsuku ezintatu be hlezi nami be nge nakudhla;
3Uma ngi ba mukisela emakaya abo, be lambile, ba ya kukatala endhleleni, loku abanye ba vela kude.
4Abafundi bake ba m pendula ba ti, Umuntu a nga tolapi lapa ehlane ukudhla kokusutisa laba na?
5uJesu wa ba buza wa ti, Ni nezinkwa zi ngapi na? Ba ti, Zi isikombisa.
6Wa tyela abantu ukuba ba hlale pansi; wa tabata izinkwa ezi isikombisa, wa bonga, wa zi hlepula, wa nika abafundi bake, ukuba ba babele; ba babela abantu.
7Ba be nezinhlanzana ezi incozana; wa bonga, wa tyo ukuba ba babele nazo.
8Ba dhla, besuta; ba buta imvutuluka eseleyo amaqoma a isikombisa.
9Aba be dhlile ba be nga ti izinkulungwane ezine; wa ba mukisa.
10Wa se e ngena emkunjini nabafundi bake, weza ezweni la seDalmanuta.
11Kwa fika abaFarisi, ba qala ukumbuza, be funa kuye isibonakaliso sa sezulwini, be m linga.
12Wa bubula kakulu ngomoya wake, wa ti, Lesisizukulwane si funelani isibonakaliso na? Ngi qinisile ngi ti kini, Lesisizukulwane a si yi kunikwa isibonakaliso.
13Wa ba shiya, wa buya wa ngena emkunjini, wemuka wa ya ngapesheya.
14Ba be kohliwe ukupata izinkwa, be nge nasinkwa emkunjini, si sinye kupela.
15Wa ba yala wa ti, Bhekani, ni xwaye imvubelo yabaFarisi, nemvubelo ka Herodi.
16Ba zindhlisana ba ti, U tyo ngokuba si nge nakudhla.
17uJesu e kwazi wa ti kubo, Ni zindhlisanelani, ni ti, ku ngokuba ni nge nakudhla na? A ni ka qondi, a ni ka zwisisi ini na? inhliziyo yenu i se lukuni na?
18Ni namehlo, a ni boni na? ni nezindhlebe, a ni zwa na? a ni kumbuli na?
19Umsukwana be ngi hlepula izinkwa ezi isihlanu, nga babela aba izinkulungwane ezi isihlanu, na buta amaqoma mangapi e gcwele imvutuluka na? Ba ti kuye, Ishumi nambili.
20Nomsukwana be ngi hlepula ezi isikombisa, nga babela aba izinkulungwane ezine, na buta amaqoma mangapi e gcwele imvutuluka na? Ba ti, isikombisa.
21Wa ti kubo, A ni qondi ngani na?
22Wa fika eBetsaida, ba leta kuye umuntu o impumpute, ba m ncenga ukuba a m namate.
23Wa i pata impumpute ngesandhla, wa i holela ngapandhle komuzi; wa fela amate emehleweni ayo, wa beka izandhla pezu kwayo, wa i buza ukuba i bona luto.
24Wa bheka, wa ti, Ngi bona abantu be hamba ku nga ti imiti.
25Wa buya wa beka izandhla pezu kwamehlo ayo, wa i bhekisa: ya sindiswa, ya ba bonisisa bonke.
26Wa i tumela endhlini yayo e ti, U nga ngeni emzini, u nga tyeli umuntu emzini.
27uJesu wa puma nabafundi bake, ba ya emizini ya seKesaria Filipu; be sendhleleni wa buza abafundi bake, e ti kubo, Abantu ba ti, ngi ngubani na?
28Ba pendula ba ti, uJohane umbapatizi; abanye ba ti, uElija; abanye ba ti, Omunye kubaprofeti.
29Wa ti kubo, Kodwa nina ni ti ngi ngubani na? uPetro wa pendula wa ti kuye, Wena u nguKristu.
30Wa ba yala ukuba ba nga tyeli umuntu ngaye.
31Wa qala ukubafundisa ngokuti, iNdodana yomuntu i za kuhlupeka kakulu, i delwe amalunga, nabapristi abakulu, nababali, i bulawe, i buye i vuke ngasemva kwezinsuku ezintatu.
32Wa tyo lelizwi e pumesela. uPetro wa m tabata, wa qala ukumkuza.
33Wa penduka, wa bona abafundi bake, wa m kuza uPetro, e ti, Suka Satani, a u naki okuka Tixo, u naka okwabantu.
34Wa biza abantu nabafundi bake wa ti kubo, O tanda ukungilandela, a ka zidele a tabate isipambano sake, a ngi landele.
35Ngokuba o tanda ukusindisa ukupila kwake, wo ku lahlekelwa; kodwa o lahlekelwa ukupila kwake ngenxa yami, neyevangeli, wo ku sindisa.
36Ku ya kumsizani umuntu, uma e zuza izwe lonke, a lahlekelwe umpefumelo wake na?
37Umuntu a nga hlenga ngani umpefumlo wake na?
38Lowo o nezinhloni ngami, na ngamazwi ami ku lesisizukulwane esipingayo nesonayo, iNdodana yomuntu i ya kuba nezinhloni ngaye lapo i za ngobukosi buka Yise kanye nezingelosi ezingcwele.