1BA welela ngapesheya kolwandhle ezweni lamaGadara.
2Se e pumile emkunjini, wa hlangabezwa umuntu e vela ematuneni, e nomoya omubi.
3O wa e hlala ematuneni; kwa ku nge ko umuntu o namandhla okumbopa, na ngamakatanga.
4Wa be e botyiwe kaningi ngezibopo na ngamakatanga, amakatanga a be gqatyulwe uye, nezibopo za nqanyulwa; ku nge ko umuntu o namandhla okumtambisa.
5Ngesikati sonke, ebusuku na semini, wa e sematuneni na sezintabeni, e kala, e zisika ngamatye.
6Kepa e m bona uJesu e kude, wa gijima, wa kuleka kuye.
7Wa kala ngezwi elikulu, wa ti, Ngi nani kuwe, Jesu, Ndodana ka Tixo o pezu konke? Ngi ku fungisa uTixo, u nga ngi hlupi.
8Wa ti kuye, Puma ku lomuntu, moya omubi.
9Wa m buza, wa ti, Ubani igama lako? Wa ti kuye, Ulegeona igama lami, ngokuba si baningi.
10Wa m ncenga kakulu, ukuba a nga ba mukisi ku lelozwe.
11Kwa ku kona lapo, nga sentabeni, umhlambi omkulu wezingulube, zi dhla.
12Amademone onke a m ncenga a ti, Si tume ezingulubeni, si ngene kuzo.
13uJesu wa wa vumela: omoya ababi ba puma, ba ngena ezingulubeni, umhlambi wa gijimela elwandhle nga sesiweni, (ku nga ti za zi izinkulungwane ezimbili) wa minza elwandhle.
14Aba be zalusa ba baleka, ba ya ba bika emzini na sezweni Ba puma ba ya kubona okwenziweyo.
15Beza kuJesu, ba m bona o be kwelwe idemone, o be nelegeona, e hlezi, embete, e qonda; besaba.
16Aba be bonile ba ba tyela okwenziwe kuye, owa be e kwelwe idemone, nokwezingulube.
17Ba qala ukumncenga ukuba a muke ezweni la kubo.
18Se e ngenile emkunjini, lowo owa be e kwelwe idemone wa m nxusa ukuba a be naye.
19Kodwa ka m vumelanga; kepa wa ti kuye, Hamba u ye ekaya, kwaba kini, u ba tyele loku konke iNkosi e kwenzileyo kuwe, ya ku haukela.
20Wemuka wa ya wa qala ukushumayela eDekapoli loko konke, uJesu a be kwenzile kuye: ba mangala bonke.
21uJesu e se buye wa welela ngapesheya ngomkumbi, abantu abaningi ba butana kuye; wa e nga selwandhle.
22Kwa fika omunye kubabusi bendhlu yokusonta, igama lake li nguJairo, e m bona, wa wa nga sezinyaweni zake.
23Wa m ncenga kakulu e ti, Intombazana yami i za kufa; woza u beke izandhla pezu kwayo, i sindiswe; yo pila.
24Wa hamba naye; wa landelwa abantu abaningi, ba m cindezela.
25Umfazi otile, owa be nesifo sokopa igazi iminyaka e ishumi nambili.
26Wa hlutywa kakulu izinyanga eziningi wa zi kokela konke a nako, e nga sizwa luto, kodwa kwa m qinisa kakulu.
27Se e zwile ngoJesu, weza ebantwini ngasemva, wa namata ingubo yake.
28Wa ti, Uma ngi namata izingubo zake kodwa, ngi za kusinda.
29Kwa tya masinyane ukopa kwegazi lake, wezwa ngomzimba ukuba u sindile ku lesosifo.
30uJesu se e zwile ukuba amandhla a pumile kuye, wa pendukela ebantwini, wa ti, Ubani o namate izingubo zami na?
31Abafundi bake ba ti kuye, U ya bona abantu be ku cindezela, u ti, Ngi patwe ubani na?
32Wa qalaza ukuba a bone o wenze loku.
33Umfazi esaba, e tutumela, e kwazi okwenzekile kuye, weza wa wa pambi kwake, wa m tyela iqiniso lonke.
34Wa ti kuye, Mntanami, ukukolwa kwako ku ku sindisile; hamba kahle, u sinde esifweni sako.
35E sa kuluma, kwa fika abombusi wendhlu yokusonta, ba ti, Intombazana yako i si file; u sa m katazelani uMfundisi na:
36uJesu e sa li zwa lelizwi li shunyayelwa, wa ti kumbusi wendhlu yokusonta, U ngesabi, kolwa kupela.
37A ka vumelanga umuntu a m landele, uPetro, noJakobe, noJohane, umfo wabo ka Jakobe kupela.
38Wa fika endhlini yombusi wendhlu yokusonta, wa bona ukuxokozela, nabo aba be kala, be lila kakulu.
39Wa ngena, wa ti kubo Ni xokozelelani, ni kala na? intombazana a i file, i lele.
40Ba m hleka, kepa wa ba kipa bonke, wa tabata uyise womntwana nonina, nabo aba be naye, wa ngena nabo lapa e lele kona umntwana.
41Wa bamba umntwana ngesandhla, wa ti kuye, Talita kumi; oku ukuti ukukumushelwa, Ntombazana, ngi ti kuwe, vuka.
42Yesuka intombazana, ya hamba; ya i neminyaka e ishumi nambili ngokuzalwa. Ba mangala nokumangala.
43Wa ba yalisisa ukuba ku ngaziwa umuntu; wa ti, ma i nikwe ukudhla.