1WA buya wa qala ukufundisa ngaselwandhle; kwa butana kuye abantu abaningi, wa ngena emkunjini wa hlala elwandhle; abantu bonke ba be nga selwandhle emhlabatini.
2Wa ba fundisa okuningi ngemifanekiso, wa ti kubo ekufundiseni kwake.
3A ke ni zwe; Bhekani, kwa puma umhlwanyeli, wa ya ukuhlwanyela;
4Kwa ti ekuhlwanyeleni kwake, enye imbeu ya wa ngasendhleleni, kwa fika izinyoni zezulu za i catya.
5Enye ya wa ogedhleni, i nge namhlabati omningi, ya mila masinyane, ngokuba i nge namhlabati omningi:
6Kepa se li pumile ilanga, ya hamuka, ya bana, i nge nampande.
7Enye ya wa emeveni; ameva a hluma a i minyanisa, a i telanga ukudhla.
8Enye ya wa emhlabatini olungileyo, ya tela ukudhla okuhlumayo nokwandayo, ya veza, enye ngamashumi amatatu, enye ngamashumi a isitupa, enye ngekulu.
9Wa ti kubo, O nezindhlebe zokuzwa a kezwe.
10E se yedwa, ba m buza lomfanekiso aba be naye naba ishumi nambili.
11Wa ti kubo, Ni piwe nina ukwazi imfihlakalo yombuso ka Tixo; kodwa kwabangapandhle konke kwenziwa ngemifanekiso:
12Ukuba ngokubona ba bone, ba nga bonisisi; na ngokuzwa bezwe, ba nga qondi; funa ba penduke, ba tetelelwe izono.
13Wa ti kubo, A ni wazi lomfanekiso na? ni ya kuyazi kanjani yonke imifanekiso na?
14Umhlwanyeli u hlwanyela izwi.
15Aba ngasendhleleni ilabo, lapa ku hlwanyelwe kona izwi, se be zwile, ku fike uSatani masinyane, a suse izwi e be li hlwanyelwe ezinhliziyweni zabo.
16Njalo abahlwanyelwe ogedhleni ilabo, se be li zwile izwi, ba tyetya ba lamkele ngokujabula;
17Kepa ka ba nampande pakati kwabo, ba hlala isikatyana, kwandu kufika ukuhlupeka nokuzingelwa ngenxa yezwi, ba kubeke.
18Abahlwanyelwe emeveni ilabo aba li zwa izwi,
19Kepa ukunaka lelizwe, nokukohlisa kwemfuyo, nezinkanuko zezinye izinto, zi ngena, zi minyanise izwi, li nga bi nasitelo.
20Abahlwanyelwe emhlabatini olungileyo ilabo, aba li zwa izwi, ba lamkela, ba tela izitelo, omunye ngamashumi amatatu, omunye ngamashumi a isitupa, omunye ngekulu.
21Wa ti kubo, Isibani si letwa ukuba si bekwe pansi kwesitya, nokuba pansi kombede na? a si letwa ukuba si bekwa otini lwesibani na?
22A ku ko okusitekileyo, oku nga yi kubonkaliswa; a ku ko okwa fihlakala oku nga yi kuba sobala.
23Uma e kona o nezindhlebe zokuzwa, a kezwe.
24Wa ti kubo, Qondani eni ku zwayo; nga lesosilinganiso eni linganisa ngaso, nani ni ya kulinganiselwa ngaso, kwenezelwe kinina abezwayo.
25O nako u ya kupiwa; o nge nako u ya kwapucwa na loko a nako.
26Wa ti, Umbuso ka Tixo u njengokuba umuntu e tyala imbeu emhlabatini.
27A lale a vuke ebusuku na semini; imbeu i mile, i kule, e ngazi kanjani.
28Umhlabati u tela ukudhla ngokwawo; kuqala isitombo, kona isikwebu, kwandu kuba amabele a pelele esikwetyini.
29Nxa ku vutiwe ukudhla, u faka masinyane isikela, ngokuba ukuvuna se ku fikile.
30Wa ti, Si ya kuufanisa nani umbuso ka Tixo na? si ya kuulinganisa ngesilinganiso sini na?
31U njengenhlamvu yesinapi, i sa hlwanyelwa emhlabatini, incinyane ku nazo zonke izinhlamvu zembeu ezi semhlabeni.
32Kodwa nxa se i hlwanyelwe, i mila, i be nkulu ku nazo zonke izilimo, i xantela amagatya amakulu, ku ti izinyoni zezulu zi hlale pansi komtunzi waso.
33Wa shumayela izwi kubo ngemifanekiso eminingi enjalo, njengamandhla abo okuzwa.
34Kodwa ka shumayelanga kubo ku nge ngamfanekiso; se be bodwa wa ba casisela abafundi bake konke.
35Nga lolosuku, se ku hlwile, wa ti kubo, A si wele si ye ngapesheya.
36Se be mukise abantu, ba m tabata e semkunjini, kwa ku kona naye eminye imikunjana.
37Kwa fika isipepo esikulu somoya, amaza a ponseka a ngena emkunjini, wa se u gcwele.
38Kepa yena wa e ngasemva emkunjini, e lele esicamelweni; ba m vusa ba ti kuye, Mfundisi, a u katalele ukuba si buba na?
39Wesuka wa kuza umoya, wa ti kulo ulwandhle, Tula, u ti nya! Umoya wa nqamuka, kwa ba kona ukutula okukulu.
40Wa ti kubo, Nesabelani kangaka na? a ni kolwa ngani na?
41Besaba nokwesaba; ba kuluma ba ti, Ubani lo, loku umoya nolwandhle lu ya m lalela?