1WA buya wa ngena eKapernaume ngasemva kwezinsuku; kwezwakala ukuti, u sendhlini.
2Ba butana masinyane abaningi, a kwa be ku sa ba ko indawo yokubamkela, na ngasemnyango; wa shumayela izwi kubo.
3Kwa fika kuye aba leta o iparalio, e twelwe abantu abane.
4Ba be nge nakusondela kuye ngenxa yabantu, bambula upahla lapa e kona; se be bobosile, ba wehlisa umbede a be lele kuwo o iparalio.
5uJesu e bona ukukolwa kwabo, wa ti ko iparalio, Mntanami, u tetelelwe izono zako.
6Kwa ku kona ababali abatile, be hlezi kona, be zindhla ngezinhliziyo zabo ukuti.
7Lo u kulumelani inhlamba na? ubani o nga tetelela izono, ka si ye uTixo yedwa na?
8uJesu se e kwazi ngomoya wake ukuba ba zindhla okunjalo pakati kwabo, wa ti kubo, Ni zindhlelani loku ezinhliziyweni zenu na?
9Ukupi okulula, ukuti ko iparalio, U tetelelwe izono zako; nokuti, Suka u tabate umbede wako, u hambe na?
10Kepa ukuze nazi ukuba iNdodana yomuntu i namandhla emhlabeni okutetelela izono, wa ti ko iparalio,
11Ngi ti kuwe, Suka, u tabate umbede wako, u ye endhlini yako.
12Wa se e suka, wa tabata umbede wake, wa puma pambi kwabo bonke; ba mangala bonke, ba m dumisa uTixo, ba ti, A si zanga si ku bone okunje.
13Wa buya wa hamba, wa ya nga selwandhle; abantu bonke ba butana kuye; wa ba fundisa.
14E sa dhlula wa bona uLevi ka Alfeu, e hlezi endaweni yokutela imali, wa ti kuye, Ngi landele. Wesuka, wa m landela.
15Kwa ti, e se cambalele ekudhleni endhlini yake, abatelisi abaningi nezoni ba cambalala noJesu nabafundi bake; ba be baningi, ba m landela.
16Ababali nabaFarisi, be m bona e dhla nabatelisi nezoni, ba ti kubafundi bake, Ini ukufa a dhle a puze nabatelisi nezoni na?
17uJesu e zwile wa ti kubo, Abapilileyo a ba dingi inyanga, abagulayo bodwa; a ngi zanga ukubiza abalungileyo, ngi ze ukubiza izoni zi penduke.
18Abafundi baka Johane nabaFarisi ba be zila ukudhla, beza ba ti kuye, Ini ukuba abafundi baka Johane nabaFarisi ba zile ukudhla, be nga zili abafundi bako na?
19uJesu wa ti kubo, Abayeni ba nga zila ini, umyeni e se nabo na? Ba nge zile umyeni e se nabo.
20Kodwa ku za kufika izinsuku, lapo umyeni e ya kususwa kubo bandu kuzila nga lolosuku.
21A ku ko umuntu o tungela isiziba esitya engutyeni endala; ku nga ti isiziba esitya esinjalo si hxebule endala, kwande ukuhxebuka.
22A ku ko umuntu o tela iwaini elitya ezimvabeni ezindala; ku nga ti iwaini elitya li qumise izimvaba, iwaini li citeke, izimvaba zonakale, kodwa iwaini elitya nga li telwa ezimvabeni ezintya.
23Kwa ti wa dabula emasimini ngesabata, abafundi bake ba qala ukuka izikwebu be hamba.
24Abafarisi ba ti kuye, Bheka, ba kwenzelani okungafanele ngesabata na?
25Wa ti kubo, A ni zanga ni funde ini okwenziwa uDavida, msukwana e dinga e lambile, yena nabo aba be naye?
26Ukuti, wa ngena endhlini ka Tixo, ku se mi uAbiatara umpristi omkulu, wa dhla izinkwa zokubekelwa, ezi nga fanele ukudhliwa umuntu, abapristi kupela, wa nika aba be naye?
27Wa ti kubo, Isabata la benzelwa abantu, abantu a benzelwanga isabata.
28Njalo iNdodana yomuntu i iNkosi neyesabata.