1SE ku dhlulile isabata, uMaria Magdalene, noMaria unina ka Jakobe noSalome, ba tenga amaka, ukuba beze, ba m gcobe.
2Ekuseni kakulu, ngosuku lokuqala lwesonto, ba fika etuneni ekupumeni kwelanga;
3Ba kuluma ba ti, Ubani o ya kusiginqela itye, li suke emnyango wetuna na?
4Se be bhekile, ba bona itye se li gingqiwe; la li likulu kakulu.
5Ba ngena etuneni, ba bona insizwa i hlezi ngakwesokunene, yembete ingubo ende emhlope; betuka.
6Ya ti kubo, Ni ngetuki; ni funa uJesu wa seNazareta, o be betelwe. U vukile; a muko lapa. Nansi indawo lapa be be m beke kona.
7Kodwa hambani, ni tyele abafundi bake noPetro ukuti, u ya hamba pambili kwenu ukuya eGalile; ni ya kumbona kona, njengokutyo kwake kini.
8Ba puma ba baleka etuneni; ba tutumela, ba mangala a ba ze ba tyo luto kumuntu; ngokuba besaba.
9uJesu, se e vukile kusasa ngosuku lokuqala lwesonto, wa bonakala kuqala kuMaria Magdalene; a be kipile kuye amademone a isikombisa.
10Yena wa ya wa ba tyela labo aba be naye; be sa lila be kala.
11Se be zwile ukuba u kona, nokuba u bonwe uye, a ba ze ba kolwa.
12Emva kwaloku wa bonakala ngesinye isimo kwababili kubo, be sa hamba, be ya ezweni.
13Ba ya nabo, ba tyela abanye a ba ze ba kolwa na labo.
14Ngasemva wa bonakala kwaba ishumi nanye, be hlezi ekudhleni, wa ba sola ngokungakolwa kwabo, nobulukuni benhliziyo, ngokuba be nga kolwanga ilabo aba be m bonile se e vukile.
15Wa ti kubo, Hambani ni ye emhlabeni wonke, ni shumayele ivangeli kubantu bonke.
16Okolwayo a bapatizwe, u ya kusindiswa; kodwa ongakolwayo u ya kulahlwa.
17Lezi zibonakaliso zi ya kubalandela abakolwayo: ngegama lami ba ya kukipa amademone; ba shumayele ngezilimi ezintya;
18Ba pate izinyoka; uma be puza into e bulalayo, ba nga bi nacala; ba beke izandhla pezu kwabagulayo, ba sinde.
19Kwa ti iNkosi se i kulumile nabo, yamkelwa ezulwini, ya hlala ngakwesokunene sika Tixo.
20Besuka ba ya ba shumayela ezindaweni zonke, iNkosi i sebenza nabo, i qinisa izwi ngezibonakaliso ezilandelayo. Ameni.