1NI nga zindhlekeli, ukuba ni nga zindhlekelwa.
2Ngokuba ngokuzindhlekela eni zindhleka ngako ni ya kuzindhlelwa; na nga lesosilinganisa eni linganisa ngaso, nani ni ya kulinganiselwa ngaso.
3U bhekelani isibi esi sesweni lomfo wenu u nga boni ugongolo olu sesweni lako na?
4U tyo kanjani kumfo wenu ukuti, A ke ngi kipe isibi esweni lako; bheka, ku kona ugongolo esweni lako?
5Mzenzisi, qala u kipe ugongolo esweni lako, kona u ya kubonisisa ukukipa isibi esweni lomfo wenu.
6Ni nga niki izinja okungcwele; ni nga ponsi amaparele enu pambi kwezingulube, funa zi wa nyatele ngezinyawo zazo, zi buye zi ni hxebule.
7Celani, ni ya kupiwa; funani, ni ya kufumana; gqongqotani, ni ya kuvulelwa.
8Ngokuba lowo ocelayo u yamkeliswa; nofunayo u ya fumana; nogqongqotayo u ya vulelwa.
9U mupi umuntu kinina, oku nga ti uma indodana yake i cela isinkwa, a i nike itye na?
10Noma i cela inhlanzi, a i nike inyoka na?
11Uma nina, eni nga lungile, nazi ukubapa abantwana benu izipo ezinhle, kakulu uYihlo wenu o sezulwini wo ba pa aba cela kuye okuhle.
12Konke eni tanda ukuba abantu, ba kwenze kini, kwenzeni kubona. Loku ku umteto nabaprofeti.
13Ngenani ngesango elincinyane; li kulu isango, nendhlela i banzi e ya ekubujisweni; be baningi aba ngena ngalo.
14Li ncinyane isango, nendhlela i umcingo e ya ekupileni, ba incozana aba i fumanayo.
15Xwayani abaprofeti bamanga abeza kini bembatise okwezimvu, kepa ngapakati ba izimpisi ezipangayo.
16Ni ya kubazi ngezitelo zabo. Ku yakiwa ini izinhlamvu zevini emeveni namakiwane ogaganeni na?
17Njalo imiti yonke elungileyo i tela izitelo ezihle; kepa umuti omubi u tela izitelo ezibi.
18Umuti olungileyo u nge tele izitelo ezibi nomuti omubi u nge tele izitelo ezihle.
19Imiti yonke e nga teli izitelo ezihle i ya nqunywa, i ponswe emhlweni.
20Njalo ni ya kubazi ngezitelo zabo.
21A sibo bonke abatyoyo kimi ukuti, Nkosi, Nkosi, aba ya kungena embusweni wezulu; kupela owenza intando ka Baba o sezulwini.
22Baningi aba ya kuti kimi nga lomhla, Nkosi, Nkosi, a si profetanga ini ngegama lako na? na ngegama lako a si kipanga ini amademone na? na ngegama lako a senzanga ini imisebenzi emikulu eminingi na?
23Kona ngi ya kutyo kubo ukuti, A ngi zanga ngi nazi; sukani kimi, nina abenza okubi.
24Lowo o wezwa lamazwi ami, a wenze, ngo m fanisa nomuntu ohlakanipileyo, owaka indhlu yake edwaleni:
25La na imvula, kwa fika uzamcolo, umoya wa vunguza, wa i tyaya leyondhlu; kepa a i wanga, ngokuba i bi sekelwe idwala.
26Lowo o wezwa lamazwi ami, e nga wenzi, u faniswa nomuntu o isiula, owaka indhlu yake esihlabatini;
27La na imvula, kwa fika uzamcolo, umoya wa vunguza, wa i tyaya leyonhlu, ya wa, kwa ba kukulu ukuwa kwayo.
28Kwa ti, uJesu e se qedile lamazwi, abantu ba mangala ngokufundisa kwake;
29Ngokuba wa ba fundisa njengonamandhla, ku nge njengababali.