1QONDANI ni nga teli izipo zenu pambi kwabantu, ukuba ni bonwe ibo; uma ku njalo, a ni namvuzo kuYihlo o sezulwini.
2Njalo lapo u zi tela izipo, u nga kalisi itilongo pambi kwako, njengabazenzisi benza ezindhlini zokusonta na sezindhleleni, ukuba ba dunyiswe abantu. Ngi qinisile ngi ti kini, ba nomvuzo wabo.
3Kepa wena, lapo u zi tela izitelo isandhla sako sokohlo, a si nga kwazi esi kwenzayo esokunene;
4Ukuze ukupa kwako ku siteke; ko ti uYihlo o bona ekusitekeni, a ku vuze obala.
5Na lapo u kulekayo, u nga bi njengabazenzisi; ngokuba be tanda ukukuleka be mi ezindhlini zokusonta na sekuhlanganeni kwezindhlela, ukuba ba bonwe abantu. Ngi qinisile ngi ti kini, ba nomvuzo wabo.
6Kepa wena, lapo u kulekayo, ngena endhlini yako, u vale umnyango wako, u kuleke kuYihlo o sekusitekeni; ko ti uYihlo o bonayo ekusitekeni a ku vuze obala.
7Ekukulekeni kwenu ni nga kulumize njengabezizwe; ba ti bona ba ya kuzwiwa ngokukuluma kwabo okuningi.
8Ma ni nga ba lingisi; uYihlo wenu u ya kwazi eni ku dingayo, ni nga ka celi kuye.
9Ngako kulekani ni ti, Baba wetu o sezulwini, Ma li hlonitywe igama lako;
10Umbuso wako ma u ze; Intando yako ma yenziwe emhlabeni njenga sezulwini;
11U si pe namhla ukudhla kwetu okwaneleyo;
12U si tetelele amacala etu njengokuba si ba tetelela aba namacala kiti;
13U nga si ngenisi ekulingweni, kodwa u si sindise kokubi; [ngokuba umbuso u ngowako namandhla, nobukosi, ku ze ku be pakade Ameni.]
14Ngokuba uma ni tetelela abantu izono zabo, uYihlo wenu o sezulwini u ya kunitetelela nina.
15Kepa uma ni nga ba teteleli abantu izono zabo, uYihlo wenu a ka yi kunitetelela izono zenu.
16Uma ni zila ukudhla, ni nga bi njengabazenzisi, ni nyukumale, ngokuba be fipaza ubuso babo, ukuba ba bonakale kubantu be zila. Ngi qinisile ngi ti kini, ba nomvuzo wabo.
17Kepa wena lapo u zilayo gcoba ikanda lako, u geze ubuso bako;
18Ukuba u nga bonakali kubantu u zila, u bonakale kuYihlo e sekusitekeni, ko ti uYihlo o bona ekusitekeni, a kuvuze obala.
19Ni nga zibekeleli imfuyo emhlabeni, lapo konayo inundu nokugwala, na lapo ku fohla amasela ebe.
20Kodwa ni zibekelele imfuyo ezulwini, lapo ku ngoni inundu nokugwala, na lapo ku nga fohli amasela ebe.
21Ngokuba lapa i kona imfuyo yenu, yo ba kona nenhliziyo yenu.
22Ukukanya komzimba ku iso; njalo uma iso lako lihle, wo kanya umzimba wonke.
23Kepa uma iso lako libi, ko ba mnyama umzimba wonke wako. Njalo uma ukukanya oku pakati kwako ku mnyama, lobubumnyama bu ngakanani!
24A ku ko muntu o nga konza amakosi amabili; ngokuba u ya kuzonda enye, a tande enye; nokuba a bambelele kwenye, a i dele enye. Ni nge konze uTixo noMamona.
25Ngaloku ngi ti kini, Ni nga kataleli ukupila kwenu, ukuba ni ya kudhlani, ni ya kupuzani; nomzimba wenu, ukuba ni ya kwambatani. Ukupila a ku dhluli ukudhla na? nomzimba a u dhluli izambato na?
26Bhekani izinyoni zezulu; a zi hlwanyeli, a zi vuni, a zi buteli ezindhlini; kepa uYihlo wenu o sezulwini u ya zondhla. A ni zi dhluli kakulu na?
27U mupi kini o ngenezelela ubude bake ingalo inye ngokukatalela na?
28Ni katalela izambato ngani na; Qondani iminduze ya sendhle, ukumila kwayo; a i sebenzi, a i poti:
29Kepa ngi ti kini, noSolomona ngokukazimula konke kwake, ka hlobisanga okwayo.
30Uma uTixo e vunulisa njalo utyani ba sendhle obu kona namhla, ngangomso bu ponswe eziko, a ka yi kunembesa kakulu nina eni nokukolwa okuncinyane na?
31Ni nga kataleli ukuti, Si ya kudhlani? Si ya kupuzani? Si ya kwambatani na;
32Abezizwe ba funisisa konke loku; kepa uYihlo o sezulwini u yazi ukuba ni swele konke loku.
33Kodwa funani kuqala umbuso ka Tixo, nokulunga kwake, kona konke ku ya kunezelelwa nina.
34Ni nga kataleli ingomso: ingomso li ya kukatalela okwalo. Inkatazo yosuku yanele lona.