1KONA uJesu wa holelwa uMoya ehlane, ukuba a lingwe uSatani.
2Se e zile ukudhla izinsuku ezi mashumi amane, nobusuku obu mashumi amane, wandu kulamba.
3Kwa fika umlingi kuye, wa ti, Uma u iNdodana ka Tixo, yityo ukuba lamatye a be izinkwa.
4Wa pendula wa ti, Ku lotyiwe ukuti, Umuntu a nge pile ngesinkwa sodwa, u pila ngamazwi onke a puma emlonyeni ka Tixo.
5Kona uSatani wa m yisa emzini ongcwele, wa m misa esiqongweni setempeli,
6Wa ti kuye, Uma u iNdodana ka Tixo, ziponse pansi ngokuba ku lotyiwe ukuti, U ya kuyala izingelosi zake ngawe, zi ku pate ngezandhla, u nga quzuleki ngonyawo etyeni.
7uJesu wa ti kuye, Futi ku lotyiwe ukuti, U nga lingi iNkosi, uTixo wako.
8uSatani wa buya wa m yisa entabeni ende kakulu, wa m bonisa imibuso yonke yezwe, nobukosi bayo:
9Wa ti kuye, Ngo ku nika loku konke, uma u kotama u kuleke kimi.
10Kona uJesu wa ti kuye, Suka, Satani; ku lotyiwe ukuti, Wo kuleka eNkosini uTixo wako, u m konze yena yedwa.
11Kona uSatani wa m shiya, kwa fika izingelosi, za m konza.
12uJesu se e zwile ku tiwa, uJohane u nikelwe ekubotyweni, wesuka wa ya eGalile.
13Wemuka eNazareta, weza wa hlala eKapernaume, nga selwandhle, ezweni la kwa Zabulona nela kwa Naftali;
14Ukuba ku gcwaliseke okwa shunyayelwa uIsaya umprofeti ukuti,
15Izwe la kwa Zabulona, nezwe la kwa Naftali, endhleleni ya selwandhle, pesheya kwe Jordani, iGalile lezizwe:
16Abantu aba be hlezi ebumnyameni ba bonile ukukanya okukulu, nakwaba be hlezi ezweni na setunzini lokufa ku pumele ukukanya.
17Kona uJesu wa qala ukushumayela nokuti Pendukani, ngokuba umbuso wezulu u sondele.
18uJesu e sa hamba nga selwandhle lwa seGalile, wa bona izelamani ezibili uSimone o tiwa uPetro, noAndrea umfo wabo, be ponsa ineta elwandhle be ngabalobi.
19Wa ti kubo, Ngi landeleni; ngi ya kunenza ni be abalobi babantu.
20Besuka masinyane, ba shiya amaneta, ba m landela.
21Se e qubekile, wa bona ezinye izelamani ezibili, uJakobe ka Zebedi noJohane umfo wabo be semkunjini kanye noZebedi uyise, be lungisa amaneta abo: wa ba biza.
22Besuka masinyane, ba shiya umkumbi noyise, ba m landela.
23uJesu wa hamba ezweni lonke la seGalile, e fundisa ezindhlini zokusonta, wa shumayela ivangeli lombuso, wa ba pilisa abantu izifo zonke, nokugula konke.
24Udumo lwake lwezwakala ezweni lonke la seSiria; ba leta kuye abagulayo bonke, aba kwelwe izifo nezinhlupeko eziningi, naba namademone naba namabungane, naba namaparalio; wa ba pilisa.
25Kwa m landela abantu abaningi, be vela eGalile, na seDekapoli, na seJerusalema, na seJudia, na ngapesheya kweJordani.