1NGA leyomihla kwa fika uJohane umbapatizi, e shumayela ehlane la seJudia.
2Wa ti, Pendukani, ngokuba umbuso wezulu u sondele.
3Lowo uyena a shumayela ngaye uIsaya umprofeti, e ti, Izwi lomemezayo ehlane lokuti Lungisani indhlela yeNkosi, nenze imendo yayo i qonde.
4uJohane lowo wa e nengubo yoboya bekameli, nebande lesikumba okalweni lwake; ukudhla kwake kwa ku izinkumbi, nezinyosi za sendhle.
5Kona kwa pumela kuye iJerusalema, neJudia lonke, nezwe lonke la seJordani,
6Ba bapatizwa uye eJordani, be vuma izono zabo.
7Kepa e bona abaFarisi nabaSadusi abaningi be za ekubapatizeni kwake, wa ti kubo, Nzalo yezinyoka, ubani o ni bonise ukuba ni balekele ulaka oluzayo na?
8Vezani izitelo ezi fanele ukupenduka;
9Ni nga zindhli ngokuti, Si noAbrahama ubaba wetu; ngi ti kini, uTixo a nga m vusela uAbrahama abantwana ku lamatye.
10Izembe se li bekiwe empandeni yemiti; imiti yonke e nga teli izitelo ezilungileyo i ya kunqunywa, i ponswe emlilweni.
11Mina ngi ya ni bapatiza ngamanzi, ni penduke; kepa lowo ozayo emva kwami umkulu ku nami; a ngi fanele ukupata nezicatulo zake; yena u ya kunibapatiza ngoMoya o ingcwele, na ngomlilo.
12Osihlungo sake si sesandhleni sake, u ya kuwelisisa amabele ake, a wa butele endhlini, a tyise amakoba ngomlilo ongaci nekiyo.
13Kona uJesu e vela eGalile weza kuJohane eJordani, ukuba a bapatizwe nye.
14Kepa uJohane wa m alela, e ti. Imina engi fanele ukubapatizwa uwe, wena u za kimi na?
15uJesu wa pendula wa ti kuye, Vuma kaloku, ngokuba ku fanele si gcwalise ukulunga konke; kona wa m vumela.
16uJesu, se e bapatiziwe, wa kupuka masinyane emanzini, izulu la m vulekela, wa bona uMoya ka Tixo ehla, kugati ijuba, e za pezu kwake.
17Bheka, kwa fika izwi li vela ezulwini, li ti, Lo u indodana yami etandiweyo, engi kolwa iyo.