1KWA ti, uJesu se e qedile ukuyala abafundi bake aba ishumi nambili, wemuka lapo, wa ya ukufundisa nokushumayela emizini ya kubo.
2Kepa uJohane e setilongweni, wezwa imisebenzi ka Kristu, wa tuma ababili kubafundi bake,
3Wa ti kuye, Wena u nguye o be za kuza, so bheka omunye na?
4uJesu wa pendula wa ti kubo, Hambani ni ye, ni m landise uJohane loku eni ku zwayo neni ku bonayo;
5Ukuti, izimpumpute zi ya bona, izinyonga zi ya hamba, amalepero a ya hlanzwa, izitulu zi yezwa, abafileyo ba ya vuka, abampofu ba ya shunyayezwa ivangeli.
6U busisiwe o nga kubeki ngami.
7Se be mukile, uJesu wa qala ukushumayela kubantu ngoJohane, wa ti, Na puma ni ya ehlane ukubonani na? uhlanga lu zanyazanyiswa umoya na?
8Kepa na puma ni ya ukubonani na? umuntu owambete izingubo ezicolekileyo ini? Bhekani, abambete okucolekileyo ba sezindhlini zamakosi.
9Kepa na puma ni ya ukubonani na? umprofeti ini? Yebo, ngi ti kini, omkulu ku nomprofeti
10Lo u nguye oku lotywe ngaye ukuti, Bheka, ngi ya tuma isitunywa sami pambi kwako, esi ya kulungisa indhlela yako pambi kwako.
11Ngi qinisile ngi ti kini, kwabazelwe abafazi a ku velanga omkulu ku noJohane umbapatizi kodwa omncinyane embusweni wezulu mkulu kunaye.
12Ku suka emihleni ka Johane umbapatizi ku ze ku be manje, umbuso wezulu u ya pangwa, nabapangayo ba ya u hlwita.
13Ba profeta abaprofeti bonke nawo umteto, kwa za kwa fika uJohane.
14Uma ni tanda ukuwamkela, lo u nguElija o be za kuza.
15O nezindhlebe zokuzwa a kezwe.
16Kepa lesisizukulwane ngi ya kusifanisa nani na? Si fana nabantwana abahlezi ezindaweni zokubutana, be memeza kwabahlangana nabo,
17Be ti, Si ni hlabelele, a ni sinanga; si ni lilele, a ni kalanga.
18uJohane wa fika e nga dhli, e nga puzi; ba ti, U nedemone.
19iNdodana yomutu ya fika i dhla, i puza; ba ti, Bheka, umuntu o isiminzi nentseli, umhlobo wabatelisi nezoni; kepa ukuhlakanipa ku tetelelwa imisebenzi yake.
20Kona wa qala ukusola imizi, e be yenziwe kuyo imisebenzi emikulu eminingi, ngokuba i nga pendukanga.
21Wa ti, Nako kuwena, Korazini! naka kuwena, Betsaida! uma imisebenzi emikulu e yenziwe kuwe, i be yenziwe eTire na seSidone, nga ba penduka kade, be hlala ngendwangu yokulila, na ngomlota.
22Njalo ngi ti kini, Ko ba lula eTire na seSidone ngosuku lokwahlula ku na kinina.
23Nawe, Kapernaume, o pakanyiselwe ezulwini, u ya kwehliselwa ehaidese; uma imisebenzi emikulu eyenziwe kuwe, i be yenziwe eSodoma, nga be li kona na namhla.
24Njalo ngi ti kini, Ko ba lula ezweni la seSodoma ngosuku lokwahlula ku na kuwe.
25Nga lesosikati uJesu wa shumayela wa ti, Ngi ya bonga wena Baba, Nkosi yezulu nomhlaba, ngokuba u ku fihlile loku kwabafundileyo na kwabahlakanipileyo, wa ku bonakalisa ezinganeni.
26Yebo, Baba, ngokuba kwa ku kuhle ebusweni bako.
27Ngi piwe konke uBaba; a ku ko muntu o yaziyo iNdodana, kupela uYise; a ku ko muntu o m aziyo uYise, kupela iNdodana, na lowo iNdodana e tanda ukumbonakalisa kuye.
28Zanini kimi, nina nonke enikateleyo, nenisindwayo, ngo ni pumuza.
29Tabatani ijokwe lami, ni li beke pezu kwenu, ni funde kimi, ngi mnene, ngi tobekile ngenhliziyo; ni ya kufumana ukupumula kwemipefumlo yenu.
30Ngokuba ijokwe lami li lungile, nomtwalo wami u lula.