1WA biza abafundi bake aba ishumi nambili, wa ba nika amandhla okuba ba kipe omoya ababi, ba pilise izifo zonke nokugula konke.
2Amagama abapostoli aba ishumi nambili, a lawa; owokuqala uSimone, o tiwa uPetro, noAndrea umfo wabo; uJakobe ka Zebedi, noJohane umfo wabo;
3uFilipu noBartolome; uTomasi noMateu umtelisi; uJakobe ka Alfeu, noLebeu o tiwa uTadeu.
4uSimone umKanani, noJuda uIskarioti, owa m nikelayo.
5Laba aba ishumi nambili wa ba tuma uJesu, wa ba yala ngokuti, Ni nga yi ngendhlela e ya kwabezizwe, ni nga ngeni emizini yamaSamaria.
6Kepa ni ye kuzo izimvu ezilahlekileyo zendhlu ka Israeli.
7Uma ni sa hamba, shumayelani, ni ti, Umbuso wezulu u sondele.
8Pilisani abagulayo, ni vuse abafileyo, ni hlanze amalepero, ni kipe amademone; namkeliswe ngesihle, yipani ngesihle.
9Ni nga pati igolide, nesiliva, netusi, emabandeni enu;
10Ni nga pati isikwama sendhlela, nezingubo ezimbili, nezicatulo, nodondolo; isisebenzi si fanele ukupiwa ukudhla kwaso.
11Nxa ni ngena emzini na semuzaneni, buzani ukuba ubani ofaneleyo kuwo; ni hlale kona ni ze ni muke.
12Nxa ni ngena endhlini, ni i bingelele.
13Uma indhlu i fanele, a ku ze kuyo ukutula kwenu; kodwa uma i nga fanele, a ku buyele kini ukutula kwenu.
14Lowo o nga namkeli, e nga wezwa amazwi enu, ni ti ni sa puma ku leyondhlu, na ku lowomuzi, ni vutulele utuli lwezinyawo zenu.
15Ngi qinisile ngi ti kini, Ku ya kuba lula ezweni la seSodoma neGomora ngosuku lokwahlula, ku na ku lowomuzi.
16Bhekani, ngi ya ni tuma ni njengezimvu pakati kwezimpisi; hlakanipani njengezinyoka, ni be mnene njengamajuba.
17Kepa xwayani abantu, ngokuba ba ya kuninikela empakatini, ba ni tyaye ezindhlini zabo zokusonta.
18Ni ya kuyiswa kubabusi, na semakosini, ngenxa yami, ku be ubufakazi kubona na kwabezizwe.
19Kepa uma be ni nikela, ni nga kataleli ukuba ni ya kukuluma kanjani, nokuba ni ya kutini; ngokuba ni ya kupiwa nga lesosikati eni ya kukutyo.
20Ka si nina eni kulumayo, kodwa uMoya ka Yihlo wenu o kuluma ngani.
21Ku ya kuti umuntu a nikele umfo wabo ekufeni, uyise a nikele umntwana; abantwana ba ya kuvukela abazali babo, ba ba bulale.
22Ni ya kuzondwa abantu bonke ngegama lami; kodwa o qina ku ze ku be sekupeleni, u ya kusindiswa.
23Uma be ni zingela ku lowomuzi, no balekela komunye. Ngi qinisile ngi ti kini, A ni yi kuqeda imizi ya kwa Israeli, ku ze ku fike iNdodana yomuntu.
24Umfundi ka dhluli umfundisi; nenceku ka i dhluli inkosi yayo.
25Kwanele umfundi, ukuba a be njengomfundisi wake, nenceku i be njengenkosi yayo. Uma be bizile umninindhlu ngokuti uBelzebule, kakulu abendhlu yake.
26Ma ni nga besabi, A ku ko okusibekelweyo oku nga yi kwambulwa, nokusitekileyo oku nga yi kwaziwa.
27Loku engi ni tyela kona ebumnyameni, ni ku shumayele ekukanyeni; na loku eni ku zwayo endhlebeni, ni ku memeze pezu kwezindhlu.
28Ni ngesabi aba bulala umzimba, be nge bulale umpefumlo. No m esaba kakulu o nga bubisa umzimba nompefumlo egehena.
29A ku tengwa ini imizwilili emibili ngopeni na? A ku yi kuwa pansi namunye kuyo e ngazi uYihlo wenu.
30Ku baliwe nezinwele zonke zamakanda enu.
31Ma ni ngesabi, ni ya yidhlula imizwilili eminingi.
32Lowo o ngi vuma pambi kwabantu, nami ngi ya kumvuma pambi kuka Baba o sezulwini.
33Kepa o ngi pika pambi kwabantu, nami, ngi ya kumpika pambi kuka Baba o sezulwini.
34Ni nga zindhli ni ti, ngi ze kutuma ukutula emhlabeni; a ngi zanga kutuma ukutula, ngi ze kutuma inkemba.
35Ngi ze ukwahlukanisa umuntu noyise, indodakazi nonina, umalokazana noninazala.
36Izita zomuntu zo ba abendhlu yake.
37O tanda uyise nonina kakulu ku nami, ka ngi fanele; no tanda indodana nendodakazi kakulu ku nami, ka ngi fanele.
38O nga tabati isi pambano sake, a ngi landele, ka ngi fanele.
39O zuza ukupila kwake, wo ku lahlekelwa; kepa o lahlekelwa ukupila kwake ngami, wo ku zuza.
40Owamkela nina, u ya ngamkela; naye o ngamkelayo, u ya m amkela o ngi tumileyo.
41Owamkela umprofeti ngegama lomprofeti, u ya kuzuza umvuzo womprofeti; no m amkela olungileyo ngegama lolungileyo, u ya kuzuza umvuzo wolungileyo.
42O m puzisa a be munye ku laba abancinyane isitya samanzi abandayo sodwa ngegama lomfundi, ngi qinisile ngi ti kini, a ka yi kulahlekelwa umvuzo wake.