1UJESU e gcwele uMoya o ingcwele wa buya eJordani, wa holelwa uMoya ehlane,
2E lingwa uSatani izinsuku ezimashumi amane. A ka dhlanga luto nga lezozinsuku; se zi pelile wa lamba.
3uSatani wa ti kuye, Uma u iNdodana ka Tixo, yityo ku lelitye li be isinkwa.
4uJesu wa pendula wa ti kuye, Ku lotyiwe ukuti, Umuntu a nge pile ngesinkwa sodwa, [u pila ngamazwi onke ka Tixo.]
5uSatani wa m kupulela entabeni ende, wa m bonisa imibuso yonke yezwe ngesikatyana.
6uSatani wa ti kuye, Ngo ku nika lawamandhla onke nobukosi bawo; loku a nikelwe kimi, na lowo engi tanda ukumnika wona, ngi nga m nika;
7Uma u kuleka kimi konke ko ba okwako.
8uJesu wa pendula wa ti kuye Suka, Satani; ku lotyiwe ukuti, Wo kuleka eNkosini uTixo wako, u m konze yena yedwa.
9Wa m holela eJerusalema, wa m beka esiqongweni setempeli, wa ti kuye, Uma u iNdodana ka Tixo, ziponse pansi;
10Loku ku lotyiwe ukuti, U ya kuyala izingelosi zake ngawe, zi ku londe,
11Zi ku pate ngezandhla, u nga quzuleki ngonyawo etyeni.
12uJesu wa pendula wa ti kuye, Ku lotyiwe ukuti, U nga lingi iNkosi, uTixo wako.
13uSatani se e qedile ukulinga konke, wa m shiya isikati.
14uJesu wa buya ngamandhla ka Moya, weza eGalile; kwezwakala udumo lwake ezweni lonke la ngakona.
15Wa fundisa ezindhlini zabo zokusonta, e dunyiswa abantu bonke.
16Weza eNazareta lapa wa bondhliwa kona; ngosuku lwesabata wa ngena endhlini yokusonta njengokwenza kwake, wesuka wema ukufunda.
17Wa nikwa incwadi ka Isaya umprofeti; e sa penya incwadi wa fumanisa indawo oku lotyiwe kuyo ukuti,
18Umoya weNkosi u pezu kwami; ngaloku i ngi gcobile ukuba ngi shumayele ivangeli kwabampofu; i ngi tumile ukupilisa abadabukileyo ngenhliziyo, ukushumayela ukukululwa kwabatunjwayo, ukubheka kwezimpumpute, ukuhlenga abahlutyiweyo,
19Nokushumayela umnyaka omuhle weNkosi.
20Wa songa incwadi wa i buyisela encekwini, wa hlala. Ba m bhekisisa bonke aba sendhlini yokusonta.
21Wa qala wa ti kubo, Namhla nje ku gcwaliseke lencwadi ezindhlebeni zenu.
22Ba fakazisa bonke, ba mangala ngamazwi amnene a puma emlonyeni wake, ba ti, Lo a siyo indodana ka Josefa na?
23Wa ti kubo, Nembala ni ya kutyo kimi lesisiga sokuti, Nyanga, zisindise; loku esi ku zwile kwenziwe eKapernaume, kwenze na lapa ezweni la kini.
24Wa ti, Ngi qinisile, ngi ti kini, A ku ko umprofeti okolekile ezweni la kubo.
25Ngi qinisile ngi ti kini, Kwa ku kona kwa Israeli abafelokazi abaningi emihleni ka Elija, lapo kwa valeka izulu iminyaka emitatu nezinyanga ezi isitupa, ya i kona indhlala enkulu ezweni lonke;
26Kepa uElija ka tunyelwanga na koyedwa ku labo, wa tunyelwa eSarepta la seSidoni kumfazi e ngumfelokazi kupela.
27A e kona kwa Israeli amalepero amaningi emihleni ka Elisha umprofeti, kepa kwa ku nga hlanjululwe nalinye kuwo, kupela uNamana wa seSiria.
28Ba gcwala ulaka bonke aba sendhlini yokusonta, se be zwile loku,
29Besuka ba m qubela ngapandhle komuzi, ba m yisa nga sekwengameni kwentaba, okwakiwe pezu kwayo umuzi wabo, ukuba ba m ponse pansi.
30Kepa wa dabula pakati kwabo wemuka.
31Wehla wa ya eKapernaume, umuzi wa seGalile, wa ba fundisa ngamasabata.
32Ba mangala ngokufundisa kwake; izwi lake la li namandhla.
33Kwa ku kona endhlini yokusonta umuntu o nomoya wedemone elibi, wa memeza ngezwi elikulu,
34E ti, Yeka, si nani kuwe, Jesu wa seNazareta? u ze ukusibubisa na? Ngi ya kwazi ukuba u ubani, u ngo ingcwele ka Tixo.
35uJesu wa m kuza wa ti, Tula u pume kuye. Idemone la m ponsa pakati kwabo, la puma kuye, li nga m limazile.
36Ba mangala bonke, ba kuluma ba ti, Izwi lini leli na? u yala omoya ababi ngokwahlula na ngamandhla, ba pume.
37Kwezwakala udumo lwake ezindaweni zonke zezwe la ngakona.
38Wesuka endhlini yokusonta, wa ngena endhlini kaSimone. Umkwekazi ka Simone wa e kwelwe umkuhlane omkulu; ba m kulekela kuye.
39Wa m engama, wa kuza umkuhlane, wa m yeka; wesuka masinyane, wa ba konza.
40Se li tyonile ilanga, bonke aba be nabagulayo izifo ngezifo, ba ba zisa kuye; wa beka izandhla pezu kwabo bonke, wa ba pilisa.
41Amademone a puma kwabaningi, a memeza a ti, Wena u iNdodana ka Tixo. Kepa wa wa kuza, wa nqaba ukuba a kulume; loku a e m azi ukuba u uKristu.
42Se ku sile, wa puma wa ya endaweni e sehlane; abantu ba m funa, beza kuye, ba m libazisa ukuba a nge muki kubo.
43Wa ti kubo, Nga ngi shumayela ivangeli lombuso ka Tixo na kweminye imizi; ngi tunyelwe loko.
44Wa shumayela ezindhlini zokusonta za seGalile.