1KWA ti nga lezozinsuku kwa menyezelwa uKesari Augustu, ukuba ku balwe izwe lonke.
2Lokukubalwa okokuqala kwenziwa uKurenio e se induna ya seSiria.
3Ba ya bonke ukubalwa, ilowo wa ya emzini wa kubo.
4Naye uJosefa wenyuka eGalile, e puma eNazareta, wa ya eJudia, emzini ka Davida, o tiwa iBetlehema, loku wa e ngowendhlu nenzalo ka Davida,
5Ukuba a balwe kanye noMaria umkake a m miselweyo, e kulelwe.
6Kwa ti be se kona, kwa pela izinsuku zokuba a belete.
7Wa zibula ngendodana, wa i songa ngembeleko, wa i lalisa emkombeni wezinkomo, ngokuba be nge nandawo endhlini yezihambi.
8Kwa ku kona ku lelozwe abalusi be hlezi endhle, be linda umhlambi wabo ebusuku.
9Bheka, ingelosi yeNkosi yeza yema kubo, inkazimulo yeNkosi ya ba kanyisa; besaba nokwesaba.
10Ya ti ingelosi kubo, Ni ngesabi; bhekani, ngi ya ni tyela izindaba zokutokoza okukulu oku za kuba kubantu bonke.
11Ni zalelwe namhla, emzini ka Davida, umsindisi o nguKristu iNkosi.
12Loku ku isibonakaliso kinina, ni ya kufumana umntwana e songiwe ngembeleko, e lele emkombeni wezinkomo.
13Kwa ba kona masinyane nengelosi ibandhla elikulu la sezulwini, li m dumisa uTixo, li ti,
14A ku be ubukosi kuTixo kwelipezulu, nokutula emhlabeni, notando kubantu.
15Kwa ti, izingelosi se zi mukile kubo ukuya ezulwini, labobantu aba ngabalusi ba kuluma, be ti, A si ye eBetlehema, si bone loku okwenzekileyo, esi ku tyelwe iNkosi.
16Ba tyetya ba ya, ba fumanisa uMaria noJosefa, nengane i lele emkombeni wezinkomo.
17Se be bonile, ba ya ba shumayela leyondaba, aba i tyelwe ngomntwana.
18Bonke abezwayo ba mangala nga lezozinto aba zi tyelwe ngabalusi.
19Kepa uMaria wa gcina lezozinto zonke, wa zi zindhla enhliziyweni yake.
20Abalusi ba buya, be m dumisa uTixo, be m bonga ngako konke abakuzwileyo nabakubonileyo, njengokutyelwa kwabo.
21Kwa ti se zi pelile izinsuku ezishiyagalombili zokuba a sokwe, kwa tiwa igama lake uJesu, ela qanjwa ingelosi, e nga ka kulelwa esiswini.
22Se zi pelile izinsuku zokuhlambululeka kwabo ngomteto ka Mosi, ba m yisa eJerusalema, ukuba ba m bekele eNkosini;
23Njengokulotyiwe emtetweni weNkosi ukuti, Bonke abesilisa bamazibulo, ba ya kutiwa abangcwele beNkosi:
24Nokuba ba nikele umnikelo njengokutyiwo emtetweni weNkosi ukuti, Amahobe amabili, noma amavukutu amabili amatya.
25Bheka, kwa ku kona umuntu eJerusalema, igama lake li nguSimeoni, e ngumuntu olungile, okolekayo, e bheka ukutokoza kwabaIsraeli; uMoya o ingcwele wa e naye.
26Kwa bonakaliswa kuye nguMoya o ingcwele ukuti, a ka yi kubona ukufa, e nga ka m boni uKristu iNkosi.
27Wa ngeniswa etempelini ngoMoya; kwa ti, abazali se be m ngenisile umntwana uJesu, ukuba ba m enzele njengomkuba womteto,
28Wa m gona, wa bonga uTixo, e ti,
29Nkosi, a ke u mukise kahle inceku yako njengokutyo kwako;
30Loku amehlo ami a bonile ukusindisa kwako,
31O ku lungisile ebusweni babantu bonke,
32Ukukanya kokukanyisa izizwe, nokukazimula kwabantu bako abaIsraeli.
33Ba mangala oJosefa nonina ngaloko okutyiwo ngaye.
34uSimeoni wa ba busisa, wa ti kuMaria unina, Bheka, lomntwana u miselwe ukuwa nokuvuka kwabaningi kubaIsraeli, nokuba a be isibonakaliso esipikwayo:
35Yebo, isinkemba si ya kudabula umpefumlo wako, ukuba ku bonakale izizindhlo zezinhliziyo eziningi.
36Kwa ku kona uAna umprofetikazi, indodakazi ka Fanueli, wesizwe sika Asheri, emdala; e be hlale nendoda iminyaka e isikombisa ngasemva kokwenda kwake;
37E se umfelokazi o neminyaka emashumi ashiyagalombili nane, o ngemukanga etempelini, wa konza ebusuku na semini ngokuzila ukudhla na ngokukuleka.
38Naye e fika nga lesosikati, wa bonga iNkosi wa kuluma ngaye kubo bonke ba seJerusalema aba bheke ukusindiswa.
39Se be qedile konke njengomteto weNkosi, ba buyela eGalile, emzini wa kubo, eNazareta.
40Wa kula umntwana, wa ba namandhla ngokomoya, e gcwele ukuhlakanipa; umusa ka Tixo wa u pezu kwake.
41Abazali bake ba ya eJerusalema iminyaka ngeminyaka ngesikati somhlangano wepasika.
42E se neminyaka e ishumi nambili, ba kupuka ba ya eJerusalema njengomkuba wa lomhlangano.
43Se be qedile izinsuku, ekubuyeni kwabo, umntwana uJesu wa sala emva eJerusalema; uJosefa nonina ba be ngazi.
44Kodwa ba be ti u kona kwabahamba nabo; ba hamba usuku lwa lunye, ba m funa ezihlotyeni zabo na kwabazana nabo.
45Be nga m toli, ba buyela eJerusalema, be m funa.
46Kwa ti emva kwezinsuku ezintatu, ba m fumanisa etempelini, e hlezi pakati kwabafundisi, e be zwa, e ba buza.
47Bonke aba be mu zwa ba mangala ngokuqonda kwake nangokupendula kwake.
48Se be m bonile ba mangala; unina wa ti kuye, Mntanami, u senzeleni okunje na? Bheka, uyihlo nami se si ku funa si dabukile.
49Wa ti kubo, Be ni ngi funelani na? be ni ngazi ini ukuba nga ngi ba emsebenzini ka Baba na?
50A bezwisisanga izwi a be li tyilo kubo
51Wehla nabo wa ya eNazareta, wa ba pansi kwabo. Kepa unina wa zi gcina enhliziyweni yake lezizinto zonke.
52uJesu wa dhlula ngokuhlakanipa, nobukulu, nokutandwa uTixo nabantu.