1WA ti kubafundi bake, A ku ngenzeke, ku ngezi izikubekiso, kodwa nako kwezi za ngaye.
2Ku m lungele yena, itye lokusila li panyekwe entanyeni yake, a ponswe elwandhle, ku nokuba a kubekise omunye ku laba abancinyane.
3Qapelani. Uma umfo wenu e kona wena, u m sole; uma e penduka, u m tetelele.
4Uma e kona wena kakombisa ngosuku, a buyele kuwe kakombisa ngosuku, e ti, Ngi ya penduka, wo m tetelela.
5Abapostoli ba ti eNkosini; Senezelele tina ukukolwa.
6Ya ti iNkosi, Uma ni nokukolwa ku ngangenhlamvu yesinapi, ni nga ti ku lelisukamini, A ku sipulwe, u tyalwe elwandhle; li ya kunilalela.
7U mupi umuntu kini e nenceku i lima, nokuba yalusa, o za kuti kuyo, i sa ngena i vela endhle, Sondela, u hlale, u dhle?
8A ka yi kutyo ini kuyo ukuti, Lugisa engi za ku kudhla, u zibope, u ngi konze, ngi ze ngi dhle, ngi puze, kona u nga dhla nawe, u puze.
9U ya i bonga leyonceku, ngokuba yenzile okuyaliweyo na? Ngi ti, qa.
10Ku njalo nani, se ni kwenzile konke, eni ku yalelwe, ni ti, A si zinceku zaluto; senzile esi ku fanele si kwenze.
11Kwa ti ekuhambeni kwake ukuya eJerusalema, wa dabula eSamaria na seGalile.
12E sa ngena emzaneni, kwa m hlangabeza abantu aba ishumi, amalepero, bema kude naye.
13Ba memeza, be ti, Jesu, Nkosi, si haukele.
14Se e ba bonile, wa ti kubo, m hambani, ni ye ni zibonise abapristi. Kwa ti be sa hamba, ba hlanzwa.
15Omunye kubo, se e bonile ukuba u piliswe, wa buya, wa dumisa uTixo ngezwi elikulu.
16Wa wa ngobuso ngasezinyaweni zake, wa m bonga. Wa e ngowa seSamaria.
17uJesu wa pendula wa ti, A ba hlanzwanga aba ishumi na? Bapi abashiyagalolunye na?
18A ku fumaneke aba buyele ukubonga uTixo, kupela lo wezizwe.
19Wa ti kuye, Suka, u hambe, inkolo yako i ku sindisile.
20E buzwa abaFarisi ukuba u za kufika nini umbuso ka Tixo, wa ba pendula wa ti, Umbuso ka Tixo a u fiki u bonwa.
21A ku yi kutyiwo ukuti, Nangu, nokuba, nanguya! bheka, umbuso ka Tixo u pakati kwenu.
22Wa ti kubafundi bake, Ku ya kufika izinsuku, lapo ni ya kufisa ukubona usuku lunye lweNdodana yomuntu, kepa a ni yi kulubona.
23Ba ya kuti kini, Nangu, nokuba, nanguya! ma ni nga yi, ni nga ba landeli.
24Njengonyazi olu baneka kwenye indawo pansi kwezulu lu kanya lu ze lu fike kwenye indawo pansi kwezulu, ko ba njalo iNdodana yomuntu ngosuku lwayo.
25Kepa nga i hlupeka kakulu kuqala, i delwe ilesisizukulwane.
26Njengokwenzeka ezinsukwini zika Noa, ko ba njalo ezinsukwini zeNdodana yomuntu.
27Ba be dhla, be puza, be ganwa, bendiswa, kwa za kwa fika usuku uNoa a ngena emkunjini ngalo, kwa fika uzamcolo, wa bubisa bonke.
28Ku njalo na njengokwenzeka ezinsukwini zika Loti; ba be dhla, be puza, be tenga, be tengisa, be lima, baka;
29Kodwa nga lolosuka uLoti a puma eSodoma ngalo, la na umlilo nesolufa, li vela ezulwini, la ba bubisa bonke.
30Ko ba njalo nga lolosuku iNdodana yomuntu i ya kubonakaliswa ngalo.
31Nga lolosuku, o pezu kwendhlu, impahla yake i sendhlini, a ka ngehli ukuitabata; njalo o sendhle a ka nga buyi.
32Kumbulani umka Loti.
33O funa ukusindisa ukupila kwake wo ku lahlekelwa; kepa o ku lahlekelwa ukupila kwake, wo ku sindisa.
34Ngi ti kini, Nga lobobusuku ku ya kuba kona embedeni munye ababili, omunye wo tatyatwa, omunye a shiywe.
35Bo sila ababili ndawonye, omunye wo tatyatwa, omunye a shiywe.
36Ababili ba ya kuba sendhle, omunye wo tatyatwa, omunye a shiywe.
37Ba pendula ba ti kuye, Pi na, Nkosi? Wa ti kubo, Lapa si kona isidumbu, ilapa amanqe a ya kubutana kona.