1KWA ku kona nga lesosikati abanye aba be shumayela kuye ngaba seGalile, igazi labo uPilatu wa li xubanisa nemihlatyelo yabo.
2uJesu wa pendula wa ti kubo, Ni ti labo ba seGalile ba be izoni bu nabo bonke aba seGalile, ngokuba be hlupeka izinto ezinje na?
3Qa ngi ti kini; kodwa uma ni nga penduki, ni ya kububa nani nonke.
4Na labo aba ishumi neshiyagalombili, owa wela pezu kwabo umbotyongo wa seSiloma wa ba bulala, ni ti labo ba be izoni ku nabantu bonke abakeleyo eJerusalema na?
5Qa, ngi ti kini; kodwa uma ni nga penduki, ni yakububa nani nonke.
6Wa shumayela lomfanekiso wokuti, Umuntu otile wa e nomkiwane u tyaliwe esivinini sake; weza wa funa izitelo kuwo wa e nga zi fumananga.
7Wa ti esisebenzini sesivini Bheka, leminyaka emitatu ngi za ngi funa izitelo ku lomkiwane, ngi nga zi fumani; u nqume, u wona ngani umhlabati na?
8Wa pendula wa ti kuye, Nkosi, u yeke nonyaka, ngi ze ngi mbe kuwo, ngi tele umquba:
9Uma u tela izitelo, kuhle; kodwa uma u nga teli, kona u ya kuunquma.
10Wa e fundisa endhlini yokusonta ngesabata.
11Bheka, wa e kona umfazi owa e nomoya wesifo iminyaka e ishumi neshiyagalombili, wa kokoba, e ngez a lulame nokululama.
12uJesu e m bona, wa m biza, wa ti kuye, Mame, u kululwe esifweni sako.
13Wa beka izandhla pezu kwake, wa lulama masinyane wa bonga uTixo.
14Inkosi yendhlu yokusonta ya pendula, i cunukele, ngokuba uJesu e pilise ngesabata, ya ti kubantu Ku kona izinsuku ezi isitupa oku nga setyenzwa ngazo; a ke ni ze nga lezo, ni piliswe, ni ngezi ngosuku lwesabata.
15Ya m pendula iNkosi, ya ti, Wena mzenzisi, ilowo wa kini a ka kumuli ini ngesabata inkabi yake, nokuba imbongolo yake emkombeni, a i hole ukuipuzisa na?
16A ku fanele ini ukuba lowo, o indodakazi ka Abrahama, o botywa uSatani leminyaka e ishumi nesishiyagalombili, a kululwe ku lesisibopo ngosuku lwesabata na?
17Se i tyilo loku, ba jaba bonke aba be pikisana nayo; kepa abantu bonke ba tokoza ngemisebenzi emikulu eyenziwe iyo.
18Wa ti, Umbuso ka Tixo u fana nani na? Ngi ya kuufanisa nani na?
19U fana nenhlamvu yesinapi, a i tabata umuntu, wa i tyala ensimini yake, ya mila ya ba umuti omkulu, izinyoni zezulu za hlala emagatyeni awo.
20Wa buya wa ti, Umbuso ka Tixo ngi ya kuufanisa nani na?
21U fana nemvubelo, a i tabata umfazi, wa i faka empupwini e izilinganiso ezintatu, ya za ya bila yonke.
22Wa dabula emizini na semizaneni, e fundisa, e ya eJerusalema.
23Wa ti omunye kuye, Nkosi, ba incozana abasindiswayo na? Wa ti kubo,
24Zamani ukungena ngesango elincinyane; baningi, ngi tyo kini, ba ya kufuna ukungena, bahluleke.
25Nxa umninindhlu e suka a vale umnyango, ni qale ukuma ngapandhle, ni ngqongqote emnyango, ni ti, Nkosi, Nkosi si vulele, a pendule a ti kini, A ngi nazi lapa ni vela kona;
26Kona ni ya kuqala ukuti, Sa dhla, sa puza ebusweni bako, wa fundisa ezindhleleni zetu.
27Kodwa u ya kuti, Ngi ti kini, a ngi nazi lapa ni vela kona; dedani kimi, nina nonke abenza okubi.
28Ku ya kuba kona ukukala nokugedhla amazinyo, lapo ni bona uAbrahama, noIsaka noJakobe, nabo bonke abaprofeti be sembusweni ka Tixo, nina ni lahlelwa ngapandhle.
29Ba ya kuvela empumalanga, na sentyonalanga, na senyakato, na seningizimu, ba cambalale ekudhleni embusweni ka Tixo.
30Bheka, ba kona abokupela aba ya kuba abokuqala; ba kona abokuqala aba ya kuba abokupela.
31Kwa fika nga lolosuku abaFarisi abatile, ba ti kuye, Puma, u suke lapa, ngokuba uHerodi e funa ukukubulala,
32Wa ti kubo, Hambani, ni ti ku leyompungutye, Bheka, ngi kipa amademone, ngi pilisa abagulayo namhla na ngomso, ngi qede ngolwesitatu.
33Kodwa ku fanele ngi hambe namhla na ngomso, na ngomhlomunye, ngokuba ku nge ke kwenzeke umprofeti a bube ngapandhle kweJerusalema.
34Jerusalema, Jerusalema, wena o bulala abaprofeti, u ba kanda ngamatye abatunyelwe kuwe, nga ngi tanda kangapi ukubutela ndawonye abantwana bako njengesikukukazi si butela amazinyane aso pansi kwamapiko aso; a ni vumanga.
35Bhekani, se ni shiyelwe indhlu yenu i citeka. Ngi ti kini, a ni sa yi kungibona, ni ze ni ti, U busisiwe ozayo ngegama leNkosi.