1LOKU abaningi ba lingile ukuhlela encwadini lezozindaba ezi qinisekile pakati kwetu.
2Njengaloku be si nikile labo ababonayo ngamehlo, naba be ngabakonzi bezwi kwa sekuqaleni,
3Be ngi ti kuhle, loku ngi hlolile kahle konke kwa sekuqaleni, ukuba ngi ku lobele ngokulandisana, Teofilo odumileyo,
4Ukuba u lazi iqiniso la lezizinto o zi fundisiwe.
5Kwa ku kona emihleni ka Herodi, inkosi ya seJudia, umpristi otile, igama lake li nguZakaria, owesigaba sika Abia; umkake wa e ngowa sezintombini zika Aroni, igama lake li nguElisabeta.
6Ba be lungile bobabili ebusweni buka Tixo, be hamba ngemiyalo nemiteto yonke yeNkosi, be nge nacala.
7Ba be nge namntwana, loku uElisabeta wa be inyumba; ba be badala bobabili.
8Kwa ti e sekukonzeni pambi kuka Tixo ngokulandelana kwesigaba sa kwabo,
9Ngomkuba wenkonzo wa dhliwa inkato ukuba a tyise impepo, e se ngene etempelini leNkosi.
10Abantu bonke ba be kuleka ngapandhle ngesikati sempepo.
11Kwa bonakala kuye, ingelosi yeNkosi, i mi ngakwesokunene selati lempepo.
12Wetuka uZakaria e i bona, wehlelwa ukwesaba.
13Kepa ingelosi ya ti kuye, U ngesabi, Zakaria; ku zwiwe ukukuleka kwako; umkako uElisabeta wo ku zalela indodana; u ya kuqamba igama layo uJohane.
14Wo ba nokujabula nokutokoza wena; abaningi ba ya kujabula ngokuzalwa kwake.
15U ya kuba mkulu pambi kweNkosi; a ka yi kupuza iwaini notywala; u ya kugcwala uMoya o ingcwele kwa sesiswini sika nina.
16Abaningi kubantwana baka Israeli u ya kubaguqulela kuyo iNkosi uTixo wabo.
17U ya kuhamba pambi kwake ngomoya namandhla ka Elija, ukuba a guqulele izinhliziyo zoyise kubantwana, nabangakolwayo ekuqondeni kwabalungileyo ukulungisela iNkosi abantu abalungileyo.
18uZakaria wa ti eNkosini, Ngi nga kwazi loku ngani na? ngi mdala mina, nomkami u se neminyaka eminingi.
19Ingelosi ya pendula ya ti kuye, Ngi nguGabireli omiyo pambi kuka Tixo; ngi tunyiwe ukuba ngi kulume kuwe, ngi ku shumayeze lezizindaba ezilungileyo.
20Bheka, wo ba isimungulu, u nga kulumi, ku ze ku fike usuku ezi ya kuqiniseka ngalo lezizinto, loku u nga kolwanga amazwi ami, a za kugcwaliseka ngesikati sawo.
21Abantu ba m hlalela uZakaria, be mangala ngokulibala kwake etempelini.
22Se e pumile wa e nge nakukuluma nabo; bazi ukuba wa e bonile isibonakaliso etempelini; wa ba qweba, e se isimungulu.
23Kwa ti, se zi pelile izinsuku zokukonza kwake, wesuka wa ya endhlini yake.
24Emva kwa lezozinsuku wa kulelwa umkake uElisabeta, wa zifihla izinyanga ezi isihlanu, e ti,
25I ngenzele njalo iNkosi, emihleni eya ngi bheka ngayo ukususa ihlazo lami ebantwini.
26Ngenyanga yesitupa ingelosi uGabireli ya tunywa uTixo ukuya emzini wa seGalile o tiwa iNazareta,
27Entombini e miselwe indoda, igama layo li nguJosefa, wendhlu ka Davida; igama lentombi li nguMaria.
28Ingelosi ya ngena kuye ya ti, E! wena o nenhlanhla, iNkosi i nawe, u busisiwe esifazaneni.
29E se i bonile wetuka ngezwi layo, e zindhla ukuba ukubingelela kuni loku.
30Ingelosi ya ti kuye, U ngesabi, Maria; u fumene umusa kuTixo.
31Bheka, u za kukulelwa, u zale indodana, u qambe igama layo uJesu.
32U ya kuba mkulu yena, a tiwe iNdodana yoPezu konke; iNkosi uTixo i ya kumnika isihlalo sobukosi sika Davida uyise;
33U ya kubusa indhlu ka Jakobe ku ze ku be pakade; umbuso wake a u sa yi kupela.
34Wa ti uMaria engelosini, Loko ko ba kanjani, ngi nga yazi indoda na?
35Ingelosi ya pendula ya ti kuye, Umoya o ingcwele u ya kuza kuwe, amandhla oPezu konke a ku sibekele; njalo oku ingcwele oku za kuzalwa uwe, ku ya kutiwa iNdodana ka Tixo.
36Bheka, uElisabeta wa kwenu u kulelwe indodana, e se mdala; le inyanga yesitupa kuyena o tiwa inyumba.
37A kahlulwa luto uTixo.
38Wa ti uMaria, Nansi incekukazi yeNkosi; a ku be kimi njengokutyo kwako. Ingelosi yemuka kuye.
39Wesuka uMaria nga lezozinsuku, wa tyetya wa ya ezweni la senhla, emzini wa seJudia.
40Wa ngena endhlini ka Zakaria, wa bingelela uElisabeta.
41Kwa ti, uElisabeta e se zwa ukubingelela kuka Maria, wa xuma umntwana esiswini sake; uElisabeta wa gcwala uMoya o ingcwele;
42Wa memeza ngezwi elikulu, wa ti, U busisiwe wena esifazaneni, i busisiwe nenzalo yesisu sako.
43Ngehlelwa ngani iloku ukuba e ze kimi unina weNkosi yami?
44Bheka izwi lokubingelela kwako se li zwakele ezindhlebeni zami, umntwana wa xuma esiswini sami ngokujabula.
45U busisiwe okolwayo ukuti, ku ya kwenzeka okwa shunyayelwa iNkosi kuye.
46Wa ti uMaria, Umpefumlo wami u ya i dumisa iNkosi.
47Nomoya wami u tokoza ngoTixo uMsindisi wami.
48U bhekile ubupansi bencekukazi yake; bheka, izizukulwane zonke zi ya kuti ngi busisiwe.
49U ngenzele izinto ezinkulu uSomandhla; li ingcwele igama lake.
50Umusa wake u kwabamesabayo ku ze ku be izizukulwane zezizukulwane.
51Wenzile imisebenzi emikulu ngengalo yake; u citile abazidhlayo ngokuzindhla kwezinhliziyo zabo.
52U wisile amakosi ezihlalweni zawo, u ba pakamisile abatobekileyo.
53Abalambileyo u ba sutisile ngokumnandi, abacebileyo u ba mukiseze.
54U i sizile inceku yake uIsraeli ngokukumbula umusa.
55Njengokutyo kwake kobaba betu, kuAbrahama nenzalo yake ku ze ku be pakade.
56uMaria wa hlala naye ku nga ti izinyanga ezintatu wa buyela ekaya.
57Kwa pela isikati sika Elisabeta sokuba a belete; wa beleta indodana.
58Abakelene naye naba kubo bezwa ukuti iNkosi i menzele umusa omkulu; ba tokoza naye.
59Kwa ti ngosuku lwesishiyagalombili beza kusoka umntwana, ba m qamba ngegama lika yise uZakaria.
60Kepa unina wa pendula wa ti, Ai, u za kutiwa uJohane.
61Ba ti kuye, A ku ko umuntu wa kini o bizwa nga leligama.
62Ba m qweba uyise uma u tanda ukuba a bizwe ngokutini.
63Wa biza isitetyana sokuloba, wa loba ukuti, uJohane igama lake. Ba mangala bonke.
64Kwa vuleka umlomo wake masinyane, lwa sombuluka ulimi lwake, wa shumayela e bonga uTixo.
65Bonke abakelene nabo behlelwa ukwesaba; za duma lezizindaba ezweni lonke la senhla la seJudia.
66Bonke abezwayo ba zi gcina ezinhliziyweni zabo, be ti Nembala u za kuba umntwana muni lo na? Isandhla seNkosi sa si naye.
67uZakaria uyise wa gcwala Umoya o ingcwele, wa shumayela, e ti,
68Ma i bongwe iNkosi uTixo ka Israeli; i ba hambile abantu bayo, ya ba hlenga.
69Ya si misela upondo lokusindisa endhlini ka Davida inceku yayo;
70Njengokutyo kwayo ngomlomo wabaprofeti a bangcwele bayo, iloku kwa dabuka izwe.
71Ukusisindisa eziteni zetu, na sesandhleni sabo bonke aba si zondayo;
72Ukuba i wenze umusa o wa tyiwoyo kobaba betu, i kumbule isivumelwano esingcwele sayo:
73Isifungo eya si funga kuAbrahama ubaba wetu.
74Sokusipa ukuba si kululwe esandhleni sezita zetu, si i konze si nge nakwesaba,
75Ngobungcwele nokulunga pambi kwayo izinsuku zetu zonke.
76Wena, mntwana, u ya kutiwa, u umprofeti woPezu konke; u ya kuhamba pambi kweNkosi ukulungisa izindhlela zayo;
77Ukubazisa abantu bayo ukusindisa ngokutetelela izono zabo,
78Ngomusa omkulu ka Tixo wetu oku si hambe ngawo ukubeja kwa pezulu,
79Ukukanyisa aba hlezi ebumnyameni na setunzini lokufa, ukuqondisa izinyawo zetu zi ye endhleleni yokutula.
80Wa kula umntwana, wa ba namandhla ngokomoya; wa e sehlane kwa za kwa fika usuku lokubonakaliswa kwake kubaIsraeli.