1LO u ngumteto womnikelo wecala; u ngcwelengcwele.
2A ku hlatywe umnikelo wecala endaweni lapa ku hlatywe kona umnikelo wokutyiswa; a fafaze ngegazi lawo ilati inxa zonke.
3A nikele amafuta onke awo; umsila wawo, namafuta ambesa umbilini,
4Nezinso zombili, namafuta a kuzo, a sezinkalweni, namanoni a pezu kwesibindi ngasezinsweni, ka ku suse;
5Umpristi ka ku tyise elatini, ku be umnikelo womlilo kuJehova; u umnikelo wecala.
6Abesilisa bonke kubapristi a ba u dhle; u ya kudhliwa endaweni engcwele; u ngcwelengcwele.
7Umnikelo wecala u njengomnikelo wesono; umteto wayo yombili munye; umpristi o hlaula ngawo wo ba awake.
8Umpristi o nikela umnikelo wokutyiswa womuntu, so ba esompristi isikumba somnikelo wokutyiswa a u nikeleyo.
9Neminikelo yonke yempupu e pekiweyo eziko, nayo yonke e pekiweyo ebodweni, na sepenini, yo ba eyompristi o i nikileyo.
10Kodwa iminikelo yonke e telwe amafuta, neyomileyo, yo ba eyamadodana onke ka Aroni, okwabo bonke ku lingane.
11Lo u ngumteto womhlatyelo wokutula a ya kuunikela kuJehova.
12Uma e u nikela u be umnikelo wokubonga, ka nikele kanye nomhlatyelo wokutula izinkwana ezi nga vutyelwe, zi telwe amafuta, nezinkwana ezi izincwecwe ezi gcotywe ngamafuta, nezinkwana ezi xovwe ngamafuta, zempupu enhle, zi pekiwe.
13Kanye nezinkwana ka nikele umnikelo wake, isinkwa esi nga vutyelwe nomhlatyelo wokubonga weminikelo yake yokutula.
14A tabate kuwo esinye eminikelweni yonke, a si nikele si be umnikelo wokupakanyiswa kuJehova, si be esompristi o fafazayo ngegazi leminikelo yokutula.
15Inyama yomhlatyelo wokubonga weminikelo yake yokutula a i dhliwe ngalolosuku e nikelwa ngalo; ka nga i shiyi ku ze ku se.
16Kepa uma umhlatyelo womnikelo wake u ngowokwetembisa, noma u ngowesihle, a u dhliwe ngalolosuku a nikela umhlatyelo ngalo; na ngangomso okuseleyo kuwo ku nga dhliwa;
17Kodwa inyama eseleyo yomhlatyelo a i tyiswe ngomlilo ngosuku lwesitatu.
18Uma ku dhliwa inyama yomhlatyelo wake weminikelo yokutula ngosuku lwesitatu, a i yi kwamkelwa, nowa i nikelayo a ka yi kubhekwa; ko nengeka; umuntu o i dhlayo u ya kuba necala.
19Inyama e tinta into embi, a i nga dhliwa; a i tyiswe ngomlilo; kepa lenyama bonke abahlambulukileyo ba nga i dhla.
20Kodwa umuntu o nga hlambulukile o dhlayo inyama yomhlatyelo wokutula, o ngoka Jehova, lowomuntu u ya kunqanywa kwabakubo.
21Nanxa umuntu e pata into e nga hlambulukile, noma umuntu o nga hlambulukile, noma inkomo e nga hlambulukile, noma intoni e nengekayo, e nga hlambulukile, a dhle inyama yomhlatyelo wokutula, o ngoka Jehova, na lowomuntu u ya kunqunywa kwabakubo.
22uJehova wa tyo kuMosi, wa ti,
23Yityo kwabaka Israeli, u ti, Ni nga dhli amafuta enkomo, nawemvu, nawembuzi.
24Amafuta enkomo ezifeleyo, namfuta enkomo edetyuliweyo ku nga setyenzwa ngawo kuyo yonke imisebenzi; kepa ni nga wa dhli nempela.
25Ngokuba lowo o dhlayo amafuta enkomo e nikelwa i be umnikelo womlilo kuJehova, lowo o wa dhlayo ka nqunywe kwabakubo.
26Negazi ni nga li dhli, noma elenyoni noma elenkomo, ezindhlini zonke zenu.
27O dhlayo igazi lowo ka nqunywe kwabakubo.
28uJehova wa tyo kuMosi, wa ti,
29Yityo kwabaka Israeli, u ti, O nikela umhlatyelo wokutula kuJehova, ka lete kuJehova umnikelo wake wa semhlatyelweni wokutula.
30Ka lete ngezandhla zake iminikelo yomlilo ka Jehova; a lete amafuta kanye nesifuba ukuba isifuba si zuliswe si be umnikelo wokuzuliswa pambi kuka Jehova.
31Umpristi a tyise amafuta elatini, kepa isifuba so ba esika Aroni namadodana ake.
32A no nika umpristi umlenze wokunene, u be umnikelo wokupakanyiswa kuyo imihlatyelo yokutula.
33Indodana ka Aroni e nikela igazi leminikelo yokutula, namafuta, ko ba okwayo umlenze wokunene, u be isabelo sayo.
34Ngokuba isifuba sokuzuliswa, nomlenze wokupakanyiswa ngi ku tabatile kwabaka Israeli kuyo imihlatyelo yabo yokutula, ngi ku nikile uAroni umpristi, namadodana ake ngomteto opakade kwabaka Israeli.
35Loku ku isabelo sika Aroni nesabelo samadodana ake, emnikelweni yomlilo kuJehova, msukwana e ba leta, ukuba ba be abapristi baka Jehova;
36A ku yalayo uJehova, ukuba ba piwa abaka Israeli, msukwana e ba gcoba, ku be umteto opakade ezizukulwaneni zabo.
37Lo u ngumteto womnikelo wokutyiswa, nowomnikelo wempupu, nowomnikelo wesono, nowomnikelo wecala, nowomnikelo wokumisa, nowomhlatyelo wokutula;
38uJehova a m yala ngawo uMosi entabeni ya seSinai, msukwana e yala abakaIsraeli, ukuba ba nikele kuJehova, ehlane la seSinai.