1UJEHOVA wa tyo kuMosi, wa ti,
2Yityo kwabaka Israeli, u ti kubo, Nxa umuntu e tembisa ngesitembiso esitile, imipefumlo yo ba eka Jehova ngokulinganisa.
3Ukulinganiswa kowesilisa o neminyaka emashumi amabili ku ze ku be emashumi a isitupa, ukulinganiswa ko ba amashekeli esiliva a ngamashumi a isihlanu, ngeshekeli lendawo engcwele.
4Uma ku ngowesifazana ukulinganiswa ko ba amashekeli amashumi amatatu.
5Uma e neminyaka emihlanu ku ze kube emashumi amabili, ukulinganiswa kowesilisa ko ba amashekeli amashumi amabili, okowesifazana ko ba amashekeli a ishumi.
6Uma e nenyanga ku ze ku be iminyaka e isihlanu, ukulinganiswa kowesilisa ko ba amashekeli a isihlanu esiliva okowesifazana ko ba amashekeli amatatu esiliva.
7Uma e neminyaka emashumi a isitupa nedhlulayo, uma ku ngowesilisa, ukulinganiswa kwake ko ba amashekeli a ishumi nesihlanu, nokowesifazana ko ba amashekeli a ishumi.
8Kodwa uma e mpofu, e nge nakutela a kulinganiselweyo, a keze kumpristi, umpristi ka m linganisele; umpristi ka m linganisele ngokwamandhla ake owetembisayo.
9Uma ku izilwane ezi nga nikelwa kuJehova, zonke lezi ezinikelwa umuntu kuJehova zo ba ngcwele.
10Ka nga zi guquli, ka nga zenani ngezinye, esihle ngesibi, esibi ngesihle; uma enana isilwane ngesilwane, sona naso okwenanwa ngaso zo ba ngcwele.
11Uma ku isilwane esingcolileyo, esi nge nikelwe kuJehova, ka si lete isilwane kumpristi;
12Umpristi ka si linganise, nomasihle noma sibi; so ba ngokulinganisa kompristi.
13Kepa uma e si hlenga ka kwengezele okwesihlanu kwaso kuso isilinganiso.
14Nxa umuntu e ngcwelisa indhlu yake i be ngcwele kuJehova, umpristi ka i linganise, noma inhle noma imbi; yo ma ngokulinganisa kompristi.
15Uma o i ngcwelisayo e hlenga indhlu yake, ka kwengezele kuyo okwesihlanu kwemali yesilinganiso, yo ba eyake.
16Uma umuntu e ngcwelisa kuJehova inxenye yezwe lefa lake, ko linganiswa ngembeu yalo; ihomeri lembeu yebarle a li be ngokulinganiswa amashekeli amashumi amahlanu esiliva.
17Uma e ngcwelisa izwe lake ngomnyaka wokujabula, ka li me ngesilinganiso.
18Kepa uma e ngcwelisa izwe lake emva komnyaka wokujabula, umpristi ka m linganisele imali ngeminyaka eseleyo ku ze ku fike umnyaka wokujabula, ko ncityiswa isilinganiso.
19Uma owa ngcwelisayo izwe e li hlenga ka kwengezele kulo okwesihlanu kwemali yesilinganiso, lo hlala li be elake.
20Uma e nga hlengi izwe, noma e tengisa ngezwe komunye, a li sa yi kuhlengwa.
21Izwe, ekupumeni kwalo ngomnyaka wokutokoza, lo ba ngcwele kuJehova, njengezwe eli ngcweliswayo; li ya kudhliwa umpristi.
22Uma umuntu e ngcwelisa kuJehova izwe a li tengileyo, eli nge silo izwe lefa lake,
23Umpristi ka tyo kuye imali yesilinganiso ku ze ku fike umnyaka wokujabula; ka nike isilinganiso ngalolosuku si be ngcwele kuJehova.
24Ngomnyaka wokujabula izwe li ya kubuyela kuyena ela tengwa kuye, kuyena owa li dhlayo ifa lezwe.
25Ukulinganisa konke ko ba ngeshekeli lendawo engcwele; amagira amashumi amabili a ishekeli.
26Kepa izibulo lesilwane, li izibulo lika Jehova, a li nga ngcweliswa muntu; noma li inkomo, noma li imvu, li nge lika Jehova.
27Uma ku isilwane esingcolileyo, ka si kulule ngesilinganiso, a kwengezele kuso okwesihlanu kwaso; uma si nga hlengwa, a ku tengwe ngaso ngesilinganiso.
28Kodwa a i ko into enikelweyo, umuntu a i nikelayo kuJehova, kuko konke a nako, noma kubantu, noma ezilwaneni, noma ezweni lefa lake, oku nga tengiswa ngayo, i hlengwe; konke okunikelwayo ku ngcwelengcwele kuJehova.
29A ku ko umuntu o nikelwayo o nga kululwa; u ya kubulawa impela.
30Nokweshumi konke kwezwe, noma ku imbeu, noma ku izitelo zemiti, ku ngokuka Jehova; ku ingcwele kuJehova.
31Uma umuntu e hlenga okweshumi kwake, ka kwengezele kuko okwesihlanu kwako.
32Nako konke okweshumi kwezinkomo nokwezimvu, konke oku dhlula pansi kwentonga, okweshumi ko ba ngcwele kuJehova.
33Ka nga hloli ukuba kuhle, nokuba kubi; ka nga kwenani ngokunye; uma e kwenana ngokunye, loko naloko a kwenana ngako ko ba ngcwele; a ku nga hlengwa.
34Le i imiyalo, uJehova a i yalela uMosi ngabaka Israeli entabeni ya seSinai.