1UJEHOVA wa tyo kuMosi, wa ti,
2Yityo kwabaka Israeli, u ti, Lowo, noma e ngowa kwabaka Israeli, noma owezizwe o hlala kwaIsraeli, o nikela imbeu yake kuMoleki, ka bulawe impela, abantu ba sezweni ka ba m kande ngamatye.
3Ngi ya kubheka lowomuntu, ngi m nqume kwabakubo; ngokuba e nikele imbeu yake kuMoleki, wa za wa ngcolisa indawo yami engcwele, wa tuka igama lami elingcwele.
4Uma abantu be cimeza amehlo abo, ba nga boni lowomuntu lapo e nikela imbeu yake kuMoleki, ba nga m bulali;
5Kona ngi ya kumbheka lowomuntu, nabendhlu yake, ngi m nqume kwabakubo nabo bonke abamlandelayo ukuba ba pinge, ukuba ba pinge noMoleki.
6Na lowo o hambela kwaba izanusi na kuzo izinyanga ukuba a pinge nabo; ngi ya kubheka lowomuntu, ngi m nqume kwabakubo.
7Ngako zingcwelisani, ni be ngcwele; ngokuba ngi nguJehova uTixo wenu.
8A no gcina imiteto yami, ni yenze; ngi nguJehova o ni ngcwelisayo.
9Nxa umuntu e tuka uyise nonina, ka bulawe impela; u tukile uyise nonina; igazi lake li ya kuba pezu kwake.
10Nomuntu opingayo nomfazi womunye umuntu, opingayo nomfazi wake owakelene naye, abapingayo, indoda nomfazi, a ba bulawe impela.
11Nomuntu o lala nomka yise wambulile ubunqunu buka yise; a ba bulawe impela bobabili; igazi labo li ya kuba pezu kwabo.
12Uma umuntu e lala nomalokazana, a ba bulawe bobabili impela; benzile amanyala; igazi labo li ya kuba pezu kwabo.
13Uma indoda i lala nowesilisa njengokulalwa nowesifazana benzile okunengekayo bobabili; a ba bulawe impela; igazi labo li ya kuba pezu kwabo.
14Uma umuntu e tabata umfazi nonina wake, ku ukona; a ba tyiswe ngomlilo yena nabo; ukuba ku nga bi ko ukona kini.
15Uma umuntu e lala nesilwane, ka bulawe, so bulawa nesilwane.
16Uma owesifazana e sondela esilwaneni ukuba a lale naso, ka bulawe owesifazana kanye nesilwane; a ku bulawe kokobili impela; igazi labo li ya kuba pezu kwabo.
17Uma umuntu e tabata udade wabo, intombi ka yise, noma intombi ka nina, a bone ubunqunu bake, naye a bone ubunqunu bake, ku into embi; a ba nqunywe pambi kwabakubo; wambulile ubunqunu bodade wabo; u ya kuba necala.
18Uma umuntu e lala nowesifazana, e nokungcola kwake, ambule ubunqunu bake; u vezile umtombo wake, naye wambululile umtombo wegazi lake; a ba nqunywe bobabili kwabakubo.
19U ngambuli ubunqunu buka dade wabo ka nyoko, nobuka dade wabo ka yihlo; ngokuba u yambulula owakubo; ba ya kuba necala.
20Uma umuntu e lala noninakazi, wambululile ubunqunu buka yisekazi; ba ya kuba necala; ba ya kufa be nge namtwana.
21Uma umuntu e tabata umfazi womfo wabo; ku ukungcola; wambululile ubunqunu bomfo wabo; ba ya kuhlala be nge namtwana.
22Ngako gcinani imiteto yami nemiyalo yami, ni yenze, ukuba izwe, engi ni yisa kulo ukwaka, li nga ni hlanzi.
23Ni nga hambi ngemikuba yezizwe, engi zi xotya pambi kwenu; ngokuba benza zonke lezizinto, ngako nga ba zonda.
24Kepa ngi tyilo kini, nga ti, Ni ya kudhla izwe labo, ngi ya kuninika lona, li be elenu, izwe eli vama ubisi nezinyosi; ngi nguJehova o nahlukanisileyo nabanye abantu.
25Ngako a nahlukanise izilwane ezihlambulukileyo nezingcolileyo, nezinyoni ezihlambulukileyo nezingcolileyo; ni nga zingcolisi ngesilwane, na ngenyoni, na ngento e nambuzelayo emhlabeni, engi zahlukanisileyo nani, ngati zi ngcolile.
26A no ba ngcwele kimi; ngokuba mina Jehova ngi ngcwele; ngi nahlukanisile nabanye abantu, ukuba ni be abami.
27Uma owesilisa noma owesifazana, e umlozi, noma e isanusi, ka bulawe impela; a ba kandwe ngamatye; igazi labo li ya kuba pezu kwabo.