ISAHLUKO 12
1UJEHOVA wa tyo kuMosi, wa ti.
2Yityo kwabaka Israeli, u ti, Nxa umfazi e kulelwa, a zale umfana, wo hlala e ngcolile izinsuku ezi isikombisa; njengezinsuku zokungcola kwesifo sake wo hlala e ngcolile.
3Ngosuku lwesishiyagalombili ka sokwe inyama yejwabu.
4Kona wo hlala e segazini lokuhlambuluka izinsuku ezimashumi amatatu nantatu; a nga pati uto olungcwele, a nga ngeni endaweni engcwele, ku nga ka peli izinsuku zokuhlambuluka kwake.
5Kodwa uma e zala intombazana, wo ba o ngcolile amasonto amabili, njenga sekungcoleni kwake, a hlale e segazini lokuhlambuluka kwake izinsuku ezimashumi a isitupa nesitupa.
6Nxa se zi pelile izinsuku zokuhlambuluka kwake ngomfana, noma ngentombazana, ka lete imvu e se nomnyaka munye, i be umnikelo wokutyiswa; nevukutu elitya, noma ihobe, li be umnikelo wesono, a ku lete emnyango wetabanekele lokuhlangana, kumpristi;
7Yena a ku nikele pambi kuka Jehova, a m hlaulele, a ze a hlambuluke emtonjeni wegazi lake. Lo u ngumteto wa lowo o zalayo umfana, noma intombazana.
8Uma e nge nakuleta imvu, a ka lete amahobe amabili, noma amavukutu amatya amabili; elinye li be umnikelo wokutyiswa, nelinye li be umnikelo wesono; umpristi a m hlaulele, a hlambuluke.
Bible Society of South Africa 1893