1YEKA, u hlezi wodwa umuzi owa u gcwele abantu! u umfelokazi! lowo owa umkulu ezizweni, u inkosikazi emazweni, u ya teliswa!
2U ya lila nokulila ebusuku, izinyembezi zawo zi sezihlatini zawo; a ku ko namunye o u duduzayo kubo bonke aba u tandayo: izihlobo zonke zawo zi u pete ngenkohliso, zi izita zawo.
3uJuda u tunjiwe, ngokuhlupeka na ngokukonza okunzima; u hlezi kwabezizwe, ka fumani ukupumula: bonke aba m zingelayo ba m fumana ezingcingweni.
4Izindhlela za seZioni zi dabukile ngokuba ku ngeziwa emihlanganweni yalo: amasango onke alo a citekile; abapristi balo ba ya kala, izintombi zalo zi ya hlupeka, li nezinsizi.
5Aba li zondayo ba izikulu, izita zalo zi nenhlanhla; ngokuba uJehova u li bulele ngobuningi bezono zalo: abantwana balo ba tunjiwe izita.
6Ubuhle bonke bentombi ka Zioni bu mukile: izikulu zalo zi njengezinyamazana ezi nga fumani idhlelo; zi mukile zi nge namandhla pambi kwabazixotyayo.
7iJerusalema, ezinsukwini zokuhlupeka kwalo nosizi lwalo, la kumbula konke okumnandi kwalo ela li nako ezinsukwini za sendulo, mhla abantu balo be wa esandhleni sesita, ku ngeko o li sizayo: aba li zondayo ba li bona, ba hleka izinsizi zalo.
8Impela iJerusalema lonile; ngako li ngcolile: bonke aba be li dumisa, ba ya li delela, ngokuba ba bonile ubunqunu balo: yebo, li ya kala, li fulatele.
9Ukungcola kwake ku sezingutyeni zake: a u kumbulanga ukupela kwawo: ngako wehlile ngokwesabeka, u nge nomhaukelayo. Bheka, Jehova, usizi lwami; ngokuba isita si kukumele.
10Isita selulile isandhla saso kuko konke okuhle kwawo: ngokuba u bonile abeziziwe be ngena endaweni yawo engcwele, owa ba yala ukuba ba nga ngeni emhlanganweni wako.
11Abantu bonke balo ba ya kala, be funa ukudhla: ba zenanile izinto zabo ezinhle ngokudhla ukuba ba pile; bheka, Jehova, u bone; ngokuba ngi ya nengeka.
12A ku luto ini kinina nonke eni dhlulayo? bhekani, ni bone ukuba ku kona usizi olu ngangosizi lwami, ngehlelwe ilo, a ngi bulele ngalo uJehova ngosuku lolaka lwake olukulu.
13U tumile umlilo wa pezulu ematanjeni ami, u wahlulile: wenekele izinyawo zami ineta; u ngi buyisele emva; u ngenzile ngi citeke ngi pela amandhla usuku lonke.
14Ijokwe lezono zami li botyiwe ngesandhla sake; zalukiwe, zenyukele entanyeni yami; u qedile amandhla ami; iNkosi i ngi nikele ezandhleni engi nge suke kuzo.
15iNkosi i wa delele amaqawe pakati kwami: i ngi hlabele umkosi ukubulala izinsizwa zami: iNkosi i nyatele isikamo sevini sentombi, intombi ka Juda.
16Ngalezizinto ngi ya kala; iso lami, iso lami li ya dhluza izinyembezi, ngokuba ku kude nami umtokozisi o nga pilisa umpefumlo wami; abantwana bami ba citekile, ngokuba isita sahlulile.
17iZioni li yelula isandhla salo, kepa a mu ko o li haukelayo: uJehova u yalile ngoJakobe ukuba abakelene naye ba be izita zake: iJerusalema li into engcolileyo.
18uJehova u lungile; ngokuba ngi hlubukile umteto wake: a ke ni zwe, nonke nina bantu, ni bone usizi lwami: izintombi zami nezinsizwa zami zi tunjiwe.
19Nga biza aba ngi tandayo, kepa ba ngi kohlisa; abapristi bami, namalunga ami ba fa emzini, ngokuba ba zifunela ukudhla, ukuba ba pilise imipefumlo yabo.
20Bheka, Jehova, ngi nosizi; izibilini zami zi ya xapazela; inhliziyo yami i pandukile pakati kwami: ngokuba ngi hlubukile impela: ngapandhle inkemba i ya ngamuka abantwana, njengokufa ekaya.
21Bezwile ukuti ngi ya kala; a ku ko o ngi haukelayo; izita zonke zami zi zwile ukuhlupeka kwami; zi ya tokoza ngokuba u kwenzile, u letile usuku o lu memezileyo. Kepa zi ya kuba njengami.
22Ukona konke kwazo a ku ze pambi kwako; yenza kubo njengaloku wenzile kimi ngezono zami: ngokuba ukukala kwami ku kulu, inhliziyo yami i pela mandhla.