1LAPO la li kona izwi kuJona lesibili, la ti,
2Suka, u ye eNineva, lomuzi omkulu, u memeze kulo isimemezelo e nga ku tyela sona.
3Lapo uJona wa suka wa ya eNineva, njengezwi lika Jehova; kepa iNineva la li umuzi omkulu impela, o nga hanjwa izinsuku ezintatu.
4Kwa ti uJona wa qala ukungena emzini ngokuhamba kosuku lu lunye, wa memeza, wa ti, Ku se kona amasuku amashumi amane, iNineva li ya kugumbuqelwa.
5Njalo abantu ba seNineva ba kolwa kuTixo, ba biza ukuzila kokudhla, ba faka indwangu yokuhla, ku qala kwabakulu ku fike kwabancane.
6Ngokuba izwi la finyelela kuyo inkosi ya seNineva, ya ti ya suka esihlalweni sobukosi bayo, ya susa ingubo yayo, yambata isaka, ya hlala pansi emloteni.
7Ya yaleza, Ya ti kulo iNineva ngomyalo wenkosi, no wezikulu, u ti, Ma ku nga dhli luto umuntu nesilwane, nezinkomo, nezimvu, ma ku nga dhli ma ku nga puzi amanzi.
8Kepa ma kwembatwe indwangu yokulila umuntu nesilwane, ma kale ngamandhla kuTixo, futi ma ba penduke ilo ngendhlela embi yake, na ngokonakalisa oku sezandhleni zabo.
9Ubani o waziyo uma uTixo wo penduka a haukele, a buye ekuvuteni kolaka lwake, ukuze si nga bujiswa na?
10Lapo uJehova wa bona imisebenzi yabo, ngokuba ba penduka ezindhleleni ezimbi zabo; kwa ti uTixo wa haukela ngenxa yokubi o wa be e ti u ya kukwenzela bona, wa e nga kwenzi.