1KALISANI itilongo eZioni, ni hlokomise entabeni yami e ingcwele; ma ba tutumele bonke a ba hlezi ezweni; ngokuba usuku luka Jehova lu yeza, ngokuba lu seduze.
2Usuku lobumnyama nolokunyukubala, usuku lwamafu nobumnyama obunzima, njengokusa ku sa beja pezu kwezintaba, abantu abaningi aba namandhla; a ku ba ngako a banje napakade, a ku yi ku pinda emva kwabo ba be kona abanje, ku ze ku be seminyakeni yezizukulwane nezizukulwane.
3Umlilo u ya dhla pambi kwabo; nasemuva ilangabi li ya tyisa: izwe li njengensimu ya sEdene ngapambi kwabo, kepa emuva kwabo li ugwadule olu citekileyo, futi a ku yi ku ba kona okusindayo ku bona.
4Isimo sabo si njengesimo samahashi; na njengabakweli emahashini njalo bo gijima.
5Njengomsindo wezincwele ezinhlokweni zezintaba ba ya kweqa, njengomsindo welangabi lomlilo eli zi dhlayo izibi, njengabantu aba namandhla be hlelelwa ukulwa.
6Ebusweni babo abantu ba ya kuba nobuhlungu; ubuso babo bonke bo twesa ukufudumala.
7Bo gijima njengamaqawe; na njengamadoda okulwa ba ya kukwela odongeni, ba ya kuya ilowo ngendhlela yake, a ba yi ku pambana emikondweni yabo.
8A ba yi ku qubutyana ilo umgane wake; ilendoda yo hamba ngendhlela yayo; ba ya kuwa pakati kwemikonto, kepa a ba yi ku limala.
9Ba ya kuzihambela emzini; ba gijime odongeni, ba kwele ezindhlini; ba ngene ngezibuko njengesela.
10Izwe lo tutumela pambi kwabo, nezulu li zamazame; ilanga nenyanga yo nyamalala, nezinkanyezi zi suse ukukazimula kwazo.
11Ku ya kuti uJehova a pumise izwi lake pambi kwempi yake; ngokuba li kulu kakulu ibandhla lake; ngokuba u namandhla yena o wenza izwi lake; ngokuba usuku luka Jehova lu kulu lu yesabeka kakulu; ubani a nge ma ngalo na?
12Ngakoke manje u tyo uJehova, ukuti, pendukelani kimi ngenhliziyo yonke yenu, na ngokuzila, na ngokukala na ngokulila;
13Ni dabule izinhliziyo zenu, ni nga dabuli izambato zenu, ni pendukele kuJehova uTixo wenu; ngokuba u nomusa, u ya haukela, u puza ukutukutela, u vame ubunene, u dabukile ngokubi.
14Ubani o kwaziyo ukuba a nga buya yena a dabuke, a shiya emva kwake ubusiso; umnikelo wokudhla no wokupuza kuJehova uTixo wenu na?
15Kalisani itilongo eZioni yahlukanisani ukuzila, ni meme umhlangano.
16Hlanganisani abantu, nahlukanise umhlangano, ni bute abadala, ni hlanganise abantwana nabancelayo, umyeni ma ka pume ekamelweni lake, nomakoti embedeni wake osibekelweyo.
17Abateteleli, izikonzi zika Jehova ma ba kale pakati kwendhlu yesango nelati, ma ba tyo, ngokuti; Jehova, haukela abantu bako, u nga niki ifa lako ekudelelweni, ukuze izizwe zi ba buse; yini ukuba zi tyo pakati kwabantu, ukuti, Upi uTixo wako na?
18Lapo uJehova u ya kuba nomona ngezwe lake, a haukele abantu bake.
19Futi uJehova wo pendula, a ti kubantu bake, Bhekani ngo tuma kini ukolweni, newaini elitya namafuta, ni sute iko: a ngi sa yi ku nenza ni deleleke pakati kwezizwe.
20Futi ngo susa kini impi ya senyakato, ngi yi xotyele ezweni elomileyo elicitakeleyo, ubuso bayo ngaselwandhle lwa sempumalanga, nenxenye yayo elandelelayo ngaselwandhle olusemuva, ko ti ukunuka kwayo ko nyuka, nepunga layo lo kupuka, ngokuba yenzile okukulu.
21U ngesabi mhlabati; jabula wetabe ngokuba uJehova u ya kwenza okukulu.
22Ni ngesabi nina zilwane za sendhle, ngokuba amadhlelo a sehlane a ya hluma, ngokuba umuti u ya tela ukudhla kwawo, umkiwane nesinwazi si ya nika amandhla aso.
23Jabulani ngako bantwana ba seZioni, netabe kuJehova uTixo wenu; ngokuba u ni nikile imvula eyandulelayo ngokuhle, futi u ya kunehlisela imvula eyandulelayo, nemvula elandelayo ngenyanga yokuqala.
24Ku ya kuti izibuya zi gcwale ukolweni, nemipongolo yewaini, neyamafuta i ya kucicima.
25Ngo buyisela kini iminyaka e dhliwe izinkumbi, nenkasa, nomkotane, nesikonyana, impi yami e nga yi tuma pakati kwenu.
26Ni ya kudhla nokudhla nina, ni sute, ni bonge igama lika Jehova uTixo wenu, o wenze kini ngokumangalisayo; futi abantu bami a ba yi ku jaba napakade.
27Ni ya kwazi ukuba ngi pakati kwabaIsraeli, futi mina ngi nguJehova uTixo wenu, amuko ngapandhle; abantu bami a ba yi ku jaba napakade.
28Ku ya kuti emvake, ngo tela umoya wami pezu kwenyama yonke; amadodana enu namadodakazi enu a ya kwazisa, abadala benu bo pupa amapupo, namadoda a matya enu a bone izibonakaliso.
29Futi ngo tela umoya wami pezu kwezincekukazi ngaleyomihla.
30Ngi ya kwenza imimangaliso ezulwini na semhlabeni, igazi, nomlilo, nezinsika zomusi.
31Ilanga lo guquka li be mnyama, nenyanga igazi, ku nga ka fiki usuku olukulu olusabekayo luka Jehova.
32Ku ya kuti bonke a ba kuleka ngegama lika Jehova ba ya kusindiswa; ngokuba ku ya kuba kona ukusindiswa entabeni iZioni, na seJerusalema njengaloku uJehova u tyilo, ukuti, kubo abaseleyo a ya kuba biza uJehova.