1WA pendula uBildade umShui, wa ti,
2Ko ze ku be nini ukuluma lezizindaba? ko ze ku be nini amazwi omlomo wako e fana nesipepo?
3uTixo u yona yini lapo e teta icala na? uSomandhla u ya lona icala na?
4Uma abantwana bako bonile kuye, yena u ba xotyile ngenxa yokona kwabo;
5Uma u pendukela kuTixo ngezikati, u kuleke kuye uSomandhla,
6Uma u lungile u kolekile; impela u be za ku vuka a ku size, a li gcine ikaya lokulunga kwako li be lihle.
7Nokuba ukuqala kwako kwa ku ku ncane, noko ukupela kwako ku ya kwanda ka kulu.
8Kumbula izizukulwane, a ke u buze isizukulwaneni sa pambili, u qinise, u funisise koyise baso;
9Ngoba tina si nga ba izolo nje, ka sazi luto, ngoba izinsuku zetu emhlabeni zi isitunzi nje;
10Bona a ba yi kukufundisa yini, ba ku tyele, ba wa kipe amazwi ezinhliziyweni zabo?
11Amagceba a ya hluma ku ngeko exapozini na? incema i nga mila lapo e ngeko amanzi na?
12Uma ku se manzi, ku nga ka nqunywa, ku ya buna kuqala ku nemiti yonke.
13Zi njalo izindhlela zabo abakohlwayo uTixo; itemba lomzenzisi li ya kupela;
14Itemba lake li ya nqunywa, ukwetemba kwake ku ya kuba ulwembu.
15U ya kwetemba indhlu yake, kodwa a i yi kuma; u ya kubambelela kuyo kepa a i yi kuqina.
16Yena u luhlaza elangeni, igatya lake li ya hluma ensimini yake.
17Izimpande zake zi ya tandela enqwabeni, i hlezi ematyeni.
18Uma e citeka endaweni yake, ngoqobo i ya kumala, i ti ka ngi za nge ngi ku bona.
19Ku njaloke, ukujabula kwendhlela yake, ku ya ku vela abanye emhlabeni.
20Bheka, uTixo ka so ze a m lahle umuntu o neqiniso, futi ka so ze a ba size abashingayo;
21Ku ze ku gcwale umlomo wako ukuhleka, nezindhlebe zako ukujabula.
22Bona aba ku zondayo ba ya kwembata amahloni; indhlu yabonayo i ya kupela.