1WA pendula uJobe wa ti,
2Sengati ukuhlupeka kwami kwa be ku linganisiwe, nokudabuka kwami ku bekwe esilinganisweni kanye!
3Ngokuba be ku za kuba nzima ku nesihlabati sa selwandhle; ngako nga kuluma ngokungaqondi.
4Ngoba imicibityelo ka Somandhla i kimi, ubuhlungu bayo bu ya qeda umoya wami; itwetwe lokwesaba uTixo li ya ngi hlelekela.
5Imbongolo i ya kala yini lapo i sehlungwini? inkabi i ya donda yini ekudhleni kwayo?
6Imbala okuduma ku nga dhliwa ku nge naye usaoti na? Ku kona okuzwakalayo emlonyeni ku ko okumhlope kweqanda na?
7Izinto umpefumlo o kade wala uku zi pata, se zi ukudhla kwami okunengekayo.
8Sengati ngi nga zuza loku e nga ku celayo; sengati uTixo a nga ngi pa loku e ngi ku kulekayo!
9Ukuti a nga vuma uTixo ukungifihliza; elule isandhla sake, a ngi nqume!
10Loku ku ukutokoza kwami; yebo ngi ya kujabula na sebuhlungwini obuhaukelayo; loku a ngi fihlanga amazwi ake yena o ingcwele.
11Amandhla ami a ngakanani na, ukuba ngetembe wona? ukupela kwami ku yini, ukuba ngandise iminyaka yami?
12Amandhla ami amandhla amatye yini? inyama yami i yi tusi yini na?
13Maye akuko ukusiza, ukusindisa ku suswa kimi na?
14Ku fanele yena ohlupekayo a haukelwe umhlobo wake; kodwa u ya dela ukumesaba uSomandhla.
15Abafo wetu ba ngi patile ngamacebo njengomfula, na njengemifula ba ya dhlula;
16Emnyama njengeqeqeba lika ngqoqwane, neqwa li sitwa iyo.
17Lapo ku fudumele, i ya ncibilika; lapo li balele, i ya tya nya.
18Abahambayo ezindhleleni zayo, ba ya pambuka; ba kupuka ba ye ehlane ba fe.
19Amabuto a kwa Tema a kangela, izigaba za kwa Sheba za yi hlulula.
20Ba te kexe ngoba be betemba; be za lapo ba dana.
21Ngoba kaloku ni ize nje; ni bona ukujaba kwami, ni yesaba.
22Nga tyo yini, ukuti, ngi ziseleni, ngi nikeni imfuyo na?
23Po, nga tyo yini, ngi kululeni esandhleni sabo aba nolaka?
24Ngi fundiseni, kona ngo tula mina; ngi qondiseni ngi bone lapo ngone kona.
25Yeka amazwi a lungileyo a namandhla! kepa ukupikisana kwenu ku sizani?
26Ni yetemba yini ukukuza amazwi? ku umoya ukukuluma komuntu o nikileyo.
27Yebo, ni yahlula inkedama, ni mbela umhlobo wenu umgodi.
28Ngako a ke ni vume ni ngi bheke; ngoba uma ngi namanga ku sobala nje.
29A ke ni guquke, ni cinge ngi ni nxusa ku nga biko ukona, yebo, guqukani, ku kona ukulunga kwami kuleyondaba.
30Ku kona ukona emlonyeni wami na? Amahxihxiwane ami ka wezwa yini okubabayo?