1AKU memeze, u kona yini o ya kukupendula; u ya kubeka ku mupi o lungileyo kwa ba hlanzekileyo na?
2Ngokuba ulaka lu ya m bulala umuntu o isiula, umona u ya bulala yena o isipukupuku.
3Ngi m bonile yena o isiula e gxilile; kepa masinya nga bona ku citeka umuzi wake.
4Abantwana bake be kude nokubusa, ba fidhlizeka esangweni, ka muko o ba pepisayo.
5Oku vunwa ibo ku dhliwa abalambileyo, ba ku kipa na semeveni, umpangi u ya dhla konke a ba nako.
6Nokuba ukuhlupeka ku nga veli otulini, nokudabuka ku nga pumi pansi emhlabatini;
7Kepa umuntu u zalwa a be nokuhlupeka, njengokuba izinhlansi zi ya qatya.
8Kodwa nga ngi m konza uTixo, na kuye uTixo nga ngi bekela icala lami.
9Yena o zenzayo izinto ezinkulu ezi nge nakufunyaniswa; izimangaliso ezi nge nakubalwa;
10Yena onisayo imvula emhlabeni, otumayo amanzi emazweni;
11Ukupakamisa labo aba tobileyo; ba pakanyiswe aba dabukileyo, ba buse.
12A ya jabisa amacebo abo aba ngamaqili, izandhla zabo zi nga bi nako ukufeza umsebenzi.
13Aba ngamaqili u ya ba cupa ngobuqili babo; icebo labakohlisayo li ya citeka nje.
14Ba ya ngena ebunyameni emini, ba putaputaze emini njenga sebusuku.
15Kepa u ya ba sindisa abampofu enkembeni, na semlonyeni wabo, na sesandhleni sesiqwaga.
16Njalo abampofu ba nokwetemba, inkohliso i vimbe umlomo wayo.
17U busisiwe lomuntu uTixo a m lungisayo; ngako u nga deli ukuhlupa oku vela kuSomandhla;
18Ngokuba yena u ya fihliza, a buye a bope; u ya limaza, izandhla zake zi ya polisa amanxeba.
19Yena wo ku sindisa ezinhlupekweni ezi isitupa; yebo, na sezinhlupekweni ezi isikombisa a u yi kulimala ngoto.
20Nxa ku kona indhlala u ya ku ku siza u nga fi, na sempini ukuba u nga bulawa inkemba.
21Nxa ku tyaya ulwimi u ya kucatya lu nga ku hlupi; futi u ngesabi ukufa lapo ku fikayo.
22U ya kuhleka lapo u bona ukuciteka nendhlala; u ngesabi izilwane ezi semhlabeni.
23Ngoba a u yi ku quzuleka ematyeni a sendhle; nezilwane za sendhle zo hlalisana kahle nawe.
24U ya kwazi ukuba indhlu yako i hlezi i tulile; u ya kubala imihlambi yako, u fumanise i pelele.
25Futi wo kwazi ukuba inzalo yako i ya kuba ningi, abantwana bako ba be ngangotyani ba semhlabeni.
26U ya kufika etuneni u su gugile, njengokuba iqinqa lamabele li vunwa ngesikati salo.
27Beka loku, se si ku hlolile; ku njaloke impela; a ku zwe wena.