1KONAKE uJobe wa pendula uJehova wa ti,
2Ngi yazi u nga kwenza konke, akuko cebo o ku nge nqatywa nabo kuwe.
3Ubani lo o putisa icebo ngamazwi a nge nakwazi na? Mina kambe ngi kulumile loku e ngi nga ku zwanga; okukulu ku nami e be ngi be nga kwazi.
4Yizwa manje nami ngi zo kuluma, ngi cela ukuba u ngi lalele.
5Ngi ku zwile ngokuzwa kwendhlebe; kaloku iso lami li ku bonile.
6Ngako ngi ya zilahla, ngi ya penduka, ngi sotulini na semloteni.
7Kwa ti uJehova se e kulumile lamazwi kuJobe, wa ti, uJehova kuElifazi umTemani, Ulaka lwami lu ya vuta kuwe na kuzo izihlobo zako ezimbili ngokuba a ni kulumile kahle ngami njengenceku yami uJobe.
8Kalokuke zitateleni izinkunzi ezi isikombisa nezinqama ezi isikombisa ni ye encekwini yami uJobe ni zinikelele umnikelo wokutya, inceku yami uJobe i ya ku ni kulekela; yena ngi ya ku m vumela; funa ngi ni pate njengobuula benu; ngokuba a ni ku kulumile oku iqiniso ngami njengenceku yami uJobe.
9Konake ba hamba oElifazi umTemani noBildade umShuhi, noZofari umNama benze njengokutyo kuka Jehova kubo; uJehova wa m vumela uJobe.
10uJehova wa buyisa ukutunjwa kuka Jobe lapo wa kulekela izihlobo zake, uJehova wandisa konke uJobe a be e nako kwa pindwa kabili.
11Ba ti beza kuye bonke abafo wabo nodade wabo bonke; nabo bonke a ba bazana naye kuqala, ba dhla ukudhla naye endhlini yake, ba m kalela ba m duduza ngako konke okubi uJehova a be kwehlisele pezu kwake, kwa ilowo wa m nika imali, kwa ilowo indandato yegolide.
12Njalo uJehova wa busisa ukupela kuka Jobe ku nokuqala kwake, wa e nezimvu ezi izinkulungwane ezi ishumi nane, namakamelo a izinkulungwane ezi isitupa, nezinkabi ezi izinkulungwane ezimbili, nezinjomane zezinsikazi ezi inkulungwane.
13Wa ba namadodana a isikombisa, namadodakazi amatatu.
14Wa biza igama leyokuqala uJemima; negama leyesibili uKezia; neleyesitatu uKerenhapuki.
15Ezweni lonke a ku funyanwanga namunye kwabesifazana o bukeka kahle njengamadodakazi ka Jobe. Uyise wa ba pa ifa pakati kwabane wabo.
16Ngasemva kwaloko uJobe wa pila, wa ba neminyaka e ikulu namashumi amane, wa bona amadodana ake namadodana amadodana ake, kwa za kwa ba izizukulwana ezine.
17uJobe wa fa e semdala, e neminyaka eminingi.