1UJEHOVA wa m pendula uJobe, wa ti,
2Umsoli u ya kupikisana noSomandhla na? Omlulekayo uTixo ma pendule kuko.
3Kona uJobe wa pendula uJehova wa ti,
4Bheka ngi mubi! Ngi za kukupendula ngi tini na? Ngi ya kubeka isandhla sami pezu komlomo wami.
5Se ngi kulumile kanye, kodwa a ngi yi ku pendula futi, yebo nakabili, a ngi yi ku qubekela pambili.
6uJehova e sesivunguvungwini wa pendula uJobe wa ti,
7Bopa ukalo lwako njengendoda, ngi ya kukubuza u ngi pendule.
8U ya kucita ukwahlula kwami na? u ngi lahle ukuba u be o lungileyo na?
9U nengalo e njeng eka Tixo na? u nga duma ngezwi njengaye na?
10Zihlobiseke ngodumo nangobukosi, u zivatise ngokukazimula na ngobuhle.
11Kipa ubuningi bolaka lwako, u bheke bonke abaziqenyayo u ba tobise.
12U bone bonke abazidhlayo u ba gobe; u nyatele ababi ezindaweni zabo.
13U ba tukuse otulini ndawonye; u valele ubuso babo ebumnyameni.
14Konake ngi ya kuvuma kuwe ukuba isandhla sako sokunene si nga ku sindisa.
15Bhekake imvubu, e nga yenza kanye nawe, i ya dhla utyani njengenkabi.
16Qonda amandhla ayo, a sokalweni lwayo, nokuqina kwayo ku senkabeni yesisu sayo.
17I ya zamazamisa umsila wayo, njengomuti wesedare; imisipa yamatanga ayo i tandene.
18Amatambo ayo, a njengezinsika zetusi; na njengemivalo yensimbi.
19I ya i dhlula imisebenzi ka Tixo; umdali wayo wa yi pa isinkemba sayo.
20Kepa izintaba zi ya i vezela ukudhla lapo ku dhlala kona zonke izilwane za sendhle.
21I ya lala pantsi kwemiti e nemitunzi ekusiteni komhlanga, na semaxapozini.
22Imiti e nemitunzi i ya i sitibeza ngamatunzi ayo; imiti ya semfuleni i ya i pahla.
23Bheka umfula u pupumela pezu kwayo, a yetuki, noko iJordani li hamba pezu komlomo wayo a i zamazami.
24Ba ya i bamba pambi kwamehlo ayo na? ba i hlabe ikala layo ba li bope ngentambo na.