1UELIFAZI umTemani wa pendula, wa ti,
2Uma nxa si linga ukukulumisana nawe, wo sola na? Kodwa ubani o nga tula e nga kulumi na?
3Bhekake, u ba yalile abaningi wena, u zi qinisile izandhla ezi butakataka.
4Amazwi ako a m qinisile yena o be za ku wa, u sizile namadolo a tutumelayo.
5Kepa manjeke se ku fikile kuwena u ya qaleka; ku ya ku tinta, u ya tutumela.
6Loku a siko ukuhlonipa kwako, nokukolwa kwako, nokwetemba kwako, nokulunga kokuhamba kwako?
7Kumbula, u bone ubani o ke wa citeka, e nge nacala? Abalungileyo ba nqunwapi na?
8Njengokuba se ngi bonile ukuti laba abalimayo okubi, ba hlwanyela ukona, ba vuna kona.
9Ngokupepeta kuka Tixo ba ya citeka ngomoya wamakala ake ba ya pela nya.
10Ukukonya kwebubesi, nezwi lebubesi elihahayo, namazinyo amaundhlu ezingonyama, a pukile.
11Ibubesi elidala li ya fa ngokuswela izilwane ezi pangwayo, amaundhlu ebubesi elikulu a te ci.
12Indaba ya letwa kimi, ngasesita, indhlebe yami yezwa inxenye yayo.
13Ekupupeni ebusuku, abantu se be lele ubutongo,
14Ngehlelwa ukwesaba, nga tutumela, a qaqazela amatambo onke ami.
15Kwa dhlula isituta ebusweni bami; kwa sinazeka uboya bomzimba wami;
16Sema, kodwa kwa nga hlula ukuqonda isimo saso; Isitunzi sa si sebusweni bami, kwa be ku tuliwe nje, ngezwa izwi li ti,
17Umuntu u ya kumahlula uTixo ekulungeni na? umuntu u ya kuba ngcwele ku noMenzi wake na?
18Bheka yena ka zetembi izinceku zake; nezingelosi zake u ti zi iziula;
19Kakulu ka betembi abahleziyo ezindhlini zebumba; ezi sekelwe umhlabati, ezi hlifizeka njengokuba zi dhliwe izinyundu?
20Ba kandwa kusasa ku ze ku be kusihlwa; ba ya pela ku ze ku be pakade ku nga nakwa muntu.
21Izintambo ezi kubona a zi suswa na? yini ba ya fa be nge nangqondo.