1NGENXA yaloku inhliziyo yami i ya tutumela, i suke endaweni yayo.
2Yizwa, zwisisa umsindo wezwi lake, nodumo olu puma emlonyeni wake.
3U ya li pumisa ngapansi kwezulu lonke, nonyazi lwake ngasekugcineni komhlaba.
4Emva kwalo ku duma udumo; u ya duma ngezwi lobukosi bake, a yi ku vimbela lapo ku zwakala izwi lake.
5uTixo u ya duma ngamandhla ngezwi lake; wenza izinto ezinkulu e zi nga zi qondiyo tina.
6U ti kungqoqwane, Yehlela emhlabeni; na semvuleni encane, na semvuleni enkulu.
7U ya vimbela isandhla sabantu bonke ukuba bonke bazi umsebenzi wake.
8Kona izilwane zi ya ngena emhumeni, zi hlale ezindaweni zazo.
9Ezingotyeni zake ku vela isivunguvungu; namakaza nga senyakato.
10Ngokupefumla kuka Tixo ku vela iqwa, nobubanzi bamanzi bu hlanganiswe.
11U yetwesa ifu elikulu ngemvula; u ya hlakaza ifu lokukanya kwake.
12A penduke ngokutyo kwake; ukuba enze loko a ku tyoyo ezindaweni ezakiweyo zomhlaba.
13U ya kufikisa, ukuba ku be uswazi ezweni lake, nokuba ku be umusa.
14Lalela loku Jobe, yima u kumbule imisebenzi ka Tixo e mangalisayo.
15U yazi ini lapo uTixo wa lungisa, lapo wenza ifu lake li kanye na?
16U yazi ini ukulinganiswa kwamafu, imisebenzi e mangalisayo yopeleleyo ekwazini konke na?
17Nokuba izingubo zako zi fudumala lapo e tulisa umhlaba ngomoya wa seningizimu.
18Welulile kanye naye izulu na? eli namandhla, li fana nesibuko?
19Si fundise loku oku si fanele ukutyo kuye; ngokuba si nge hlele amazwi etu ngobumnyama.
20U ya kutyelwa ini ukuba ngi ya kuluma? Uma umuntu e kuluma impela u zo bujiswa.
21Kaloku abantu a ba boni ukukanya oku kazimulayo emafwini; umoya u ya dhlula u wa hlanze.
22Izulu elihle li vela ngasenyakato; kuTixo ku kona inkazimulo enkulu.
23Ngaye umNinimandhla, si nge m qonde; u lungile emandhleni, na sekwahluleni kwake, ekulungeni okukulu a yi ku hlupa.
24Ngako abantu ba ya mesaba; A ka naki muntu o zi tyoyo ukuba u hlakanipile.