1UELIHU wa kuluma futi, wa ti,
2U cabanga u ti kuhle loku okutyiloyo ukuti, ukulunga kwami ku dhlula ukulunga kukaTixo na?
3Ngokuba u te, Ku ya ku ngi sizani na? ngi ya ku zuzani noma icala lami li suswa kimi na?
4Ngi ya ku kupendula kanye nabangane bako.
5Bheka izulu, u bone; qapela namafu a pezulu ku nawe.
6Uma wona u mona ngani yena na? Noma izono zako zanda, wenzani kuye na?
7Uma u lungile u m nikani na? wamkelani esandhleni sako na?
8Ukona kwako ku nga m limaza umuntu o njengawe; nokulunga kwako ku nga m siza umntwana womuntu?
9Ngenxa yobuningi bezinsizi, zenza abahlutywayo ba kale; ba kala ngenxa yengalo yonamandhla.
10Kepa amuko o tyoyo ukuti u pi yena uTixo umenzi wami, o payo amagama ebusuku;
11O si fundisayo kakulu ku nezilwane zomhlaba, no senza si hlakanipe ku nezinyoni zezulu.
12Lapo be kala, ka muko o pendulayo, ngenxa yokuzidhla kwabantu ababi.
13Impela uTixo a yi ku li zwa ize, nomNinimandhla a yi ku kunaka.
14Noma u ti a u yi ku m bona, ukwahlula ku pambi kwake noko; ngako temba kuye.
15Kepa kaloku, ngoba a ku njalo, u bhekile olakeni lwake; kepa azi yena, nokuba u cindezekile.
16Ngako Jobe u se kamisele ize; u yandisa amazwi a nge nangqondo.