1UELIHU wa pendula, wa ti,
2Yizwani amazwi ami, nina bahlakanipileyo; lalelani ngezindhlebe zenu, nina e ni nokwazi,
3Ngokuba indhlebe i ya hlukanisa amazwi, njengokuba umlomo u zwa ukudhla.
4Ma si ziketele ukwahlula; ma si kwazi pakati kwetu okulungileyo.
5Ngokuba uJobe u tyilo ukuti, Mina ngi lungile; uTixo u ngi susele ukwahlula kwami.
6Ku ngi fanele ini ukuziqambela amanga? inxeba lami a li nakupola ku ngeko icala.
7U pi umuntu o fana noJobe, o puza ukudelela njengamanzi.
8O hamba ndawonye nabenza okubi, nojayelene namashinga.
9Ngokuba u tyilo ukuti, a ku sizi luto ukuba umuntu a zitokozise ngoTixo.
10Ngako ngi laleleni nina bantu bengqondo; a ku be kude noTixo ukuba enze kabi, na kumNinimandhla, ukuba enze isono.
11Ngokuba u ya kubuyisela umuntu imisebenzi yake, abantu bonke ba zuze ku be ilowo njengezindhlela zake.
12Yebo, impela uTixo a yi kona, noSomandhla a yi kwedusa ukwahlula.
13Ubani o m nikile umhlaba ukuba a u linde na? Ubani o misile umhlaba wonke na?
14Uma e beka inhliziyo yake kumuntu, uma e zibutela umoya wake nompefumlo wake;
15Inyama yonke i ya kububa kanyekanye, umuntu a penduke utuli.
16Uma u nengqondo, yizwa loku; u lalele ukutyo kwamazwi ami.
17O zondayo okulungileyo u ya kubusa na? U ya ku m lahla olungileyo na?
18Ku fanele ini ukuti enkosini, wena u mubi? nakumakosana ukuti nina ni ya m dela uTixo?
19Po ku ncane kanjani kuyena o nga nakiyo imizimba yamakosana, no nga ketiyo abacebileyo ku nabafokazana na? ngokuba bonke ba umsebenzi wezandhla zake.
20Ba za kufa ngesikatyana, abantu ba za kuhlutywa ebusuku, ba nyamalale; no namandhla u ya kususwa si ngeko isandhla.
21Ngokuba amehlo ake a qapele izindhlela zomuntu, u ya bona ukuhamba konke kwake.
22Akuko ubumnyama aliko netunzi lokufa, lapo abenza okubi be nga catya kona.
23Ngokuba ka yi kubeka pezu komuntu o ku nga m faneli; ukuba a ngene ekwahluleni noTixo.
24U ya kuqoboza amadoda amakulu, e nga hlolanga, a beke abanye ezindaweni zawo.
25Ngako u yazi imisebenzi yawo, u ya gumbuqela ebusuku, a ze a pele nya.
26U ya ba tyaya njengaboni emehlweni abanye;
27Ngokuba ba pindela emva, ba m shiya, ba nqabe ukugcina izindhlela zake.
28Ba ze benze ukukala kompofu ku m fikele; u yezwa ukukala kohlupekayo.
29Lapo e nika ukutokoza, ubani o ngahlupa na? Lapo e tukusa ubuso bake ubani o nga m bona? noma ku isizwe noma umuntu nje.
30A nga busi o zenzisayo, funa abantu ba cutywe.
31Impela kuhle ku tyiwo kuTixo, ukuti, mina ngi zwile ukuhlupeka, a ngi sa yi kona.
32Loku e ngi nga ku boniyo, wo ngi fundisa kona; uma ngonile a ngi sa yi kupinda, ngone.
33Ku fanele ini ku be njengokufisa kwako na? Yena u ya ku kupindisela, noma wena wala ukuketa; a si mina; ngako kuluma o kwaziyo.
34Abanokwazi ma ba ngi tyele, umuntu ohlakanipileyo ma ngi zwe.
35uJobe u kulumile e nge nakwazi, amazwi ake a be nge nangqondo.
36Ngi fisa mina ukuba uJobe a buzwe, ku ze ku be sekupeleni, ngenxa yaloko a ku pendulayo ngamadoda amabi.
37Ngoba u yenezela ukona ezonweni zake, u tyaya izandhla pakati kwetu, andise amazwi ake kuTixo.