1UJOBE welekela inshumayelo yake, wa ti,
2Sengati nga ngi njenga sezinyangeni ezadhlulayo njengasemihleni lapo nga gcinwa uTixo.
3Lapo isibani sake sa kanya pezu kwekanda lami, lapo ngokukanya nga hamba ebumnyameni;
4Njengokuba kwa ku njalo ngi sezinsukwini zokuvutwa kwami lapo okufihliweyo kuka Tixo kwa ku pezu kwedokodo lami;
5Lapo umNinimandhla wa be e se nami, nabantwana bami be sa ngi zungeza.
6Lapo nga geza izindhlela zami ngobisi, itye la ngi telela imifula yamafuta.
7Lapo nga puma nga ya esangweni la semuzini nga lungisa isihlalo sami endaweni yokutenga.
8Kona izinsizwa za ngi bona, za hlonipa abadala besuka bema.
9Amakosazana a yeka ukukuluma, a beka izandhla emilonyeni yawo.
10Izinduna za tula, izilimi zazo za namatela ezimbovwini zazo.
11Lapo indhlebe ya ngi zwa, ya ngi busisa; nalapo iso la ngi bona la ngi babaza.
12Ngokuba nga m kulula ompofu okalayo, nentandane e nge namuntu wokuyisiza.
13Ukubonga kwake o be sekufeni be kwehlela pezu kwami, ngenza inhliziyo yomfelokazi i jabule kakulu.
14Nga faka ukulunga, kwa ba kimi; ukwahlula kwami kwa ku ingubo nomqele
15Nga ngi amehlo ezimpumputeni, nga ngi izinyawo kwa ba xugayo.
16Nga ngi uyise wabampofu, indaba e ngi nga i qondiyo, nga yi hlolisisa.
17Nga pula imihlati yowonayo, nga kipa a ku ntyontyayo emazinyweni ake.
18Kona nga ti, ngi za kufa esidhlekeni sami konje, ngi ya ku yandisa imihla yami i be nga ngesihlabati
19Impande yami ya xantela ngasemanzini, amazolo a lala ebusuku bonke emagatyeni ami.
20Ukukanya kwami kwa ku se kutya kimi umcibityelo wami wenziwa ngokutya esandhleni sami.
21Abantu ba ngi lalela ba ngi linda, ba lalela ukutyo kwami ngokutula.
22Ngasemva kwamazwi ami, a ba bonanga be kuluma futi; amazwi ami a consela pezu kwabo.
23Ba ngi hlalela njengemvula; ba ngi kamisela imilomo yabo njengemvula yokugcina.
24Uma ngi ba hlekela ba be nga kolwa a ba bu delanga ubuso bami;
25Nga hlala ngokujabula pakati kwabo, nga hlalisa o kwenkosi, nga hlalisa o kwenkosi i semabutweni ayo, njengoduduza abalilayo.