1UJOBE welekela inshumayelo yake, wa ti,
2uTixo o kona, o susile indaba yami, noSomandhla, o hlupile umoya wami;
3Umoya wami u se kona pakati kwami ku ze ku be kaloku, nomoya ka Tixo u semakaleni ami;
4Izindebe zami a zi yi kushumayela okubi, nolimi lwami a lu yi kukohlisa.
5Ma ku be kude nami ukuba ngi vume ukuti ni lungile; ngo ze ngi fe, ngi nga lahlanga ukulunga kwami.
6Ukulunga kwami ngi ku bambisisile, a ngi vumi uku ku yeka; inhliziyo yami a i yi ku ngi sola, ngi se kona.
7Isita sami ma si be njengesoni, nongivukeleyo a be njengongalungile.
8Ngokuba itemba lomzenzisi li ini, lapo e se nqunywa, lapo uTixo e se kipa umpefumlo wake.
9uTixo wo kuzwa, ukukala kwake lapo e se hlelwe ukuhlupeka na?
10Wo kwenama ngoSomandhla na? Wo m kulekela kuTixo njalo na?
11Ngo ni fundisa ngesandhla sikaTixo loku oku kuye umNinimandhla, a ngi yi kukufihla.
12Bhekani nina nonke, ni ku bonile; po nina ni ziqenyelani?
13Loku ku isabelo e sahlukaniselwa isoni, uTixo, nefa labahlupa abanye, aba ya kulamkela kumninimandhla.
14Uma abantwana bake banda, bandela inkemba; inzalo yake a i yi kwesuta isinkwa.
15Laba aba salayo ba ya kumbelwa ukufa; abafelokazi bake ba nga m kaleli.
16Noma e buta isiliva li be ngangotuli, a lungise izingubo zi be nga ngenhlabati.
17Noko e zi lungisa zi ya kufakwa abalungileyo; aba ngenacala ba lahlukanise isiliva.
18U yaka indhlu yake njengenyundu, na njengexiba elakiwa umlindi.
19Isicebi so lala pansi, kodwa a si yi kubutwa; si vula amehlo aso si pele.
20Ukwesaba ku ya m fikela njengamanzi, isivunguvungu si ya m susa ebusuku.
21Umoya wa sempumalanga u ya m tata a nyamalale; u m kukule endaweni yake, njengesipepo.
22uTixo u ya kumtyaya, a nga m yeki; wo fisa ukubalekela isandhla sake.
23Abantu ba ya kumtyayela izandhla zabo, ba m xotye endaweni yake.