1KEPA uJobe wa pendula wa ti,
2Lalelani kahle amazwi ami, loku ma ku be induduzo kini.
3Ngi vumeleni konake ngi ya kukuluma; lapo se ngi kulumile ni ngi binqe.
4Mina ngi sola kumuntu na? Uma ku njalo, umoya wami u nge katazeke ngani na?
5Ngi bhekisiseni, ni mangale, bambani imilomo ngezandhla zenu.
6Lapo ngi cabanga nje ngi yesaba, inyama yami i tutumela.
7Ku ngani ukuba abashingayo ba ya pila ba ze ba be badala, yebo, ba be namandhla na?
8Inzalo yabo i yema pambi kwabo kanye nabo, abazukulwana ebusweni babo.
9Izindhlu zabo zi nokutula a zi nakwesaba, noswazi luka Tixo a lwehleli pezu kwabo.
10Inkunzi yabo i ya zeka, a i peli amandhla; inkomazi yabo i ya zala, a i punzi.
11Ba pumisa izingane zabo zi njengomhlambi, abantwana babo ba ya sina.
12Ba hlabelele kakulu ngogubu negenkhle ba jabule ekuzwakaleni komtyingo.
13Ba ya qeda imihla yabo ekutokozeni, ngomzuzwana ba tyona etuneni.
14Ba tyo kuTixo, ukuti, Si yeke; a si tandi ukuzazi izindhlela zako.
15uSomandhla u ini, ukuba si m konze, so zuzani uma si m kulekela na?
16Bhekani, inhlanhla yabo a i ko esandhleni sabo; icebo laboni a li be kude nami.
17Isibani sezoni si cinywa kangakanana! nokuciteka ku zehlela kangakanana! uTixo u zabela izinsizi ngokutukutela kwake!
18Ba njengezibi ezi qutywa umoya, ba njengamakoba a xotywa isipepo na?
19uTixo u ya kubekela abantwana bake ukuhlutywa kwake; u ya m vuza, naye u ya kukwazi.
20Amehlo ake a ya kukubona ukuciteka kwake, u ya ku lu puza ulaka luka Somandhla.
21U nokujabula kuni endhlini yake ngasemva kwake, loku izinyanga zake zi nqunyiwe?
22U kona o ya kufundisa uTixo ukwazi na? loku u yena o ba hlulayo aba pakamileyo.
23Omunye u gqabuka amandhla ake e sa pelele, e tokoza e nokutula.
24Amabele ake e sa gcwele amasi, amatambo ake e se manzi umkantya.
25Omunye u fa inhliziyo yake i nosizi e nga za nge a tokoze nakanye.
26Ba ya kulala pansi emhlabeni bobabili, ba sityekelwe izimpetu.
27Bhekani, ngi ya yazi imicabango yenu, namacebo enu e ni hlangene ngawo ukungicita.
28Ni ti, I pi indhlu yekunzana na? A pi amadokodo ezoni na?
29A ni ba buzanga ini abadhlulayo endhleleni? a ni kwazi ini ukupendula kwabo?
30Ukuba izoni zi bekelwa usuku lokubujiswa? ba ya kukitywa ngosuku lolaka.
31Ubani o ya kubonisa indhlela yake ebusweni bake na? Ubani o za ku m pindisela ngaloku a kwenzileyo na?
32U ya kwehliselwa emangcwabeni, a hlale etuneni.
33Amagabade a sesihlanjeni a ya kuba mnandi kuye, ba ya ku m landela bonke, njengokuba be nga balwa aba ngapambili.
34Ni zamelani ukungiduduza ngeze na, loku impendulo yenu i amanga?