1KWA ti futi ngosuku olutile amadodana ka Tixo eza ukumkonza uJehova, uSatani weza naye ukumkonza uJehova kanye nawo.
2uJehova wa ti kuSatani, u vela ngapi na? uSatani wa m pendula uJehova, wa ti, Ngi vela kudabula umhlaba, nokuhambahamba kuwo.
3Wa ti uJehova kuSatani, Imbala inhliziyo yako i si m qondile uJobe inceku yami, ukuti ka ko emhlabeni o fana naye, umuntu olungileyo okolekileyo, o m hlonipayo uTixo, o xwaya okubi, na manje u sa qina ekulungeni kwake, nokuba wena wa ngi vusa ngi m cite e nge nacala.
4uSatani wa pendula kuJehova, wa ti, Isikumba ngesikumba, yebo, umuntu wo nika konke a nako ngokupila kwake.
5A ke welule isandhla sako, u pate itambo lake nenyama yake, u ya kukutuka ebusweni bako.
6uJehova wa ti kuSatani, Bheka u se sandhleni sako; wo m linda a nga fi kodwa.
7Njaloke wa suka uSatani ebusweni buka Jehova, wa m tela uJobe ngamatumba amabi kwa ti pihli kwa qala pakati kwezinyawo zake kwa za kwa ti ngci pezulu.
8Wa tata iqobolondo ukuzonwaya, wa hlala emloteni.
9Njaloke umkake wa ti kuye, U sa qina yini ekulungeni kwako na? m delele uTixo, u fe.
10Wa ti kuye, U kulumisa okomfazi o isiula. Si zo piwa ngesandhla sika Tixo okuhle, ku be kupela, si nga piwa nokubi futi na? Ngako konke loko uJobe a konanga ngomlomo wake.
11Abantu abatatu abangane baka Jobe lapo se be zwile ngezinhlupo zonke e za be zi mehlele, beza bonke be vela kubo; uElifazi umTemani, uBildade umShuhi, uZofari umNama;
12Lapo ba bheka be kude be nga m bonisisi, ba kala izinyembezi; ba hxebula kwa ilowo ingubo yake, ba tela umhlabati emakanda abo pezulu.
13Ba hlala emhlabatini naye izinsuku ezi isikombisa nobusuku obu isikombisa, ba tula bonke ba ti du; ba bona ukuti u hlupekile impela.