1WA pendula uJobe, wa ti,
2Ngi zwile izindaba eziningi ezinje; nina nonke ni ngabaduduzi ababi.
3Amazwi a ize a se pelile na? u cunulwa yini ukuba u pendule na?
4Nami ngi nga kuluma njengani; uma umpefumlo wako u be u sesikundhleni sowami, be ngi nga hlanganisela amazwi kuwe, ngi ku nikinele ikanda lami.
5Be ngi nga ku qinisa ngomlomo wami, nokuhaukela kwezindebe zami, ku ku duduze.
6Nokuba ngi kuluma, ukuhlupeka kwami a ku ncipi, nokuba ngi tule, ku pelani?
7Ngeqiniso manje u ngi danisile; u ba citile bonke a bendhlu yami.
8U ngi bambisisile, ku ufakazi; nokuzaca kwami okubonakalayo ku ya fakaza ngobuso bami.
9Ulaka lwake lu ngi dabulile lu yalwa nami; u ngi gedhlile ngamazinyo ake njengesita sami u ngi kipele amehlo ake.
10Ba ngi kamisele umlomo wabo, ba ngi mukula esihlatini ngenhlamba; ba hlangana ngami.
11uTixo u ngi nikele kuye okohlakeleyo u ngi ponsile ezandhleni zezoni.
12Nga ngi hlezi kahle, kepa wa ngi coboza; wa ngi bamba ngentamo wa ngi fohloza, wa ngi misa nga ba okokudutyulwa.
13Imicibityelo yake ya ngi haqa, u ya dabula izinso zami, e nge namhau; u ya cita inyongo yami emhlabatini.
14U ya ngapula futifuti; a gijime pezu kwami njengeqawe.
15Ngi tungile indwangu yamasaka emzimbeni wami, ngi lu tobisele upondo lwami emhlabatini.
16Ubuso bami bu bomvu ukukala, na kuzo izinkope zami ku kona itunzi lokufa.
17Nokuba ku nge ko icala ezandhleni zami; nokukuleka kwami ku lungile.
18Mhlabati, ma u nga fihli igazi lami, ukukala kwami ma ku nga bi noku ngezwakali.
19Bhekake ufakazi wami u se sezulwini, nomboneli wami u sezindaweni ezi pezulu.
20Imihlobo yami i yona e ngi delelayo, kepa iso lami li kala kuTixo.
21Ukuba sengati omunye a nga m nxusela umuntu kuTixo, njengokuba umuntu e nxusela umhlobo wake.
22Ngokuba ngeminyaka e incozana, e nga balwayo, ngi ya kumuka ngendhlela e ngi nga sa yi kubuya ngayo.