1EMVA kwa loku uJesu wa hlala eGalile; e nga tandi ukuhlala eJudia, ngokuba abaJuda be funa ukumbulala.
2Kwa ku sondele umhlangano wabaJuda wamadokodo.
3Abafo wabo ba ti kuye Muka lapa, u ye eJudia, ukuba abafundi bako ba bone imisebenzi yako o yenzayo.
4A ku ko muntu o lwenza uto esita, nxa e funa a be sobala. Uma wenza loku, u zibonakalise ezweni.
5Abafo wabo ba be nga kolwa uye.
6uJesu wa ti kubo, Isikati sami a si ka fiki, kodwa isikati senu si lungile njalo.
7Izwe li nge ni zonde nina; kodwa mina li ya ngi zonda, ngokuba ngi qinisa ngalo, ngokuti, imisebenzi yalo mibi.
8Kupukelani ku lomhlangano, a ngi sa kupukeli mina ku lomhlangano; a si ka peleli isikati sami.
9Wa tyo loku kubo, wa hlala eGalile.
10Kepa se be kupukile abafo wabo, wandu kukupuka naye, wa ya emhlanganweni, ku nge sobala, ku nga ti ku sesita.
11Ba se be m funa abaJuda emhlanganweni, ba ti, Upi yena?
12Kwa ba kona ukukonona okukulu ngaye ebantwini; abanye ba ti, U lungile; abanye ba ti, Qa, wedusa abantu.
13Kepa kwa ku nge ko muntu owa kuluma obala ngaye ngokwesaba abaJuda.
14Kwa ti ngapakati komhlangano, uJesu wa kupukela etempelini, wa fundisa.
15abaJuda ba mangala, ba ti, Lo u yazi kanjani imibalo, loku e nga fundanga na?
16uJesu wa ba pendula wa ti, Ukufundisa kwami a siko okwami, ku ngokongitumileyo.
17Uma umuntu e tanda ukwenza intando yake, wo kwazi ukufundisa, ukuba ku vela kuTixo ini, nokuba ngi zikulumela.
18Ozikulumelayo u funa ukudunyiswa kwake; kodwa o funa ukudunyiswa komtumileyo, u qinisile, a ku ko ukungalungi kuye.
19uMosi ka ni nikanga ini umteto? kodwa a ku ko kini o gcina umteto. Ni funelani ukungibulala na?
20Abantu ba pendula ba ti, U nedemone wena; ubani o funa ukukubulala na?
21uJesu wa pendula wa ti kubo, Ngenze umsebenzi munye, ni mangala nonke.
22uMosi wa ni nika ukusoka; (a ngi tyo kwa vela kuMosi, kwa vela kobaba;) ni soka umuntu ngeSabata.
23Uma umuntu wamkela ukusoka ngesabata, ku nga pulwa umteto ka Mosi; ni ngi tukutelela, ngokuba ngi pilisile umuntu impela ngeSabata na?
24Ni ngahluli ngokubonakalayo, kodwa yahlulani ukwahlula okulungileyo.
25Abanye kwaba seJerusalema ba ti, Lo a siye aba funa ukumbulala na?
26Bhekani, u kuluma obala, ba nga tyo luto kuye. Imbala amakosi a yazi ukuba lo u nguKristu isibili na?
27Kepa lo si ya m azi lapa e vela kona; kodwa uKristu, nxa e fikile, ka yi kwaziwa muntu lapa e vela kona.
28uJesu wa se e memeza e fundisa etempelini, e ti, Ni ya ngazi, ni yazi lapa ngi vela kona; a ngi zizelanga mina, kodwa o ngi tumileyo u qinisile; eni nga m aziyo nina.
29Ngi ya m azi mina, loku ngi vela kuye; nga tunywa uye.
30Kona ba funa ukumbamba; kodwa ka ba nga ko owa m beka isandhla, be si nga ka fiki isikati sake.
31Kepa abaningi ba kolwa uye, ba ti, uKristu, nxa e fikile, u ya kwenza izibonakaliso eziningi ku na lezi, a zenzileyo lo na?
32abaFarisi bezwa abantu be konona loko ngaye; abaFarisi nabakonzi abakulu ba tuma amapolise, ukuba a m bambe.
33Kona uJesu wa ti, Ku isikatyana ngi se nani, ngi suke ngi ye kongitumileyo.
34Ni ya kukngifuna, ni nga ngi fumani; na lapo ngi ya kona, ni nge ze nina.
35abaJuda ba kuluma, be ti, U za kuya ngapi, si nga m fumani na? u za kuya kwabahlakazekileyo ezizweni, ukuba a fundise abezizwe na?
36Li tini lelizwi a li tyoyo lokuti, Ni ya kungifuna, ni nga ngi fumani; na lapo ngi kona ni nge ze nina?
37Ngosuku lokugcina, olukulu lomhlangano, uJesu wema wa memeza, e ti, Uma e kona owomileyo, a keze kimi, a puze.
38O kolwa imi, njengokutyo, kombalo, imifula yamanzi okupila i ya kupuma esiswini sake.
39Wa tyo loko ngoMoya, aba za kumamkela aba kolwa uye; ngokuba uMoya o ingcwele wa e nga ka piwa, loku uJesu e nga ka dunyiswa.
40Abaningi ebantwini, se be zwe lokukutyo, ba ti, Lo u umprofeti impela.
41Abanye ba ti, Lo u uKristu: Abanye ba ti, uKristu u ya kuvela eGalile na?
42A u tyo ini umbalo ukuti, uKristu u vela enzalweni ka Davida, na seBetlehema, emzini lapa wa e kona uDavida.
43Njalo kwa ku kona ukwahlukana ebantwini ngaye.
44Abanye kubo ba tanda ukumbamba; kodwa kwa ku nge ko owa m beka isandhla.
45Kwa fika amapolise kubapristi abakulu nabaFarisi; ba ti kuwo, A ni m letanga ngani na?
46Amapolise a pendula a ti, Napakade a ku zanga ku kulume muntu njenga lomuntu.
47Ba se be wa pendula abaFarisi, ba ti, Nedusiwe nani na?
48U kona ini na semakosini na kubaFarisi o kolwa uye na?
49Kodwa lababantu aba nga wazi umteto ba tukiwe.
50Wa ti kubo uNikodemu, lowo oweza kuye ebusuku, e ngomunye kubo,
51Umteto wa kiti u lahla umuntu u nga ka mu zwa, u nga kwazi a kwenzayo na?
52Ba pendula ba ti kuye, Nawe u ngowa seGalile na? Hlola u bone; a ku velanga umprofeti eGalile.
53Besuka ba goduka bonke.