1EKUQALENI wa be e kona uLizwi, uLizwi wa be e noTixo, uLizwi wa be e nguTixo.
2Yena lowo wa be e noTixo ekuqaleni.
3Konke kwenziwa uye; ngapandhle kwake a kwenziwanga uto olwenziwayo.
4Kwa be ku kona ukupila kuye; ukupila kwa ku ukukanya kwabantu.
5Ukukanya kwa kanya ebumnyameni; kepa ubumnyama a bu kwamkelanga.
6Kwa ku kona umuntu e tunyiwe uTixo, igama lake la li nguJohane.
7Yena weza ukuqinisa, ukuba a qinise ngokukanya, ukuba bonke ba kolwe ngaye.
8Yena wa be e nge siko lokukukanya, kodwa wa tunyelwa ukuqinisa ngokukanya.
9Ukukanya oku isiminya kwa ku iloku okuzayo emhlabeni ku kanyisa abantu bonke.
10Wa be e kona emhlabeni; umhlaba wenziwa uye, kepa umhlaba a u m azanga.
11Weza kokwake, kepa abake a ba m amkelanga.
12Kodwa labo aba m amkela, wa ba nika amandhla okuba ba be abantwana baka Tixo, labo abakolwa egameni lake.
13Aba be nga zalwa igazi, nentando yenyama, nentando yendoda, kodwa ba zalwa uTixo.
14uLizwi wa ba inyama, wa hlala pakati kwetu, sa bona inkazimulo yake, inkazimulo i nga ti eyozelweyo yedwa ka Yise, e gcwele umusa neqiniso.
15uJohane wa qinisa ngaye, wa memeza wa ti, Uyena e be ngi tyo ngaye ukuti, Lowo ozayo emva kwami, wa e kona pambi kwami: ngokuba wa e kona ngi nga ka bi ko.
16Tina sonke samkeliswa ekuvameni kwake umusa ngomusa.
17Umteto wa nikwa uMosi; kwa fika umusa neqiniso ngoJesu Kristu.
18uTixo ka bonanga e bonwa muntu; iNdodana ezelweyo yodwa, e sesifubeni sika Yise, iyona e m casiseleyo.
19Loku ku ukuqinisa kuka Johane, msukwana abaJuda ba tuma abapristi nabaLevi, be puma eJerusalema ukuya kumbuza, ukuti, Wena u ngubani na?
20Wa vuma, e nga piki; wa vuma, e ti, A ngi siye uKristu mina.
21Ba m buza, be ti, U ubani na? U uElija na? Wa ti, A ngi siye. Ba ti, U umprofeti na? Wa pendula wa ti, Qa.
22Ba ti kuye, U ubani na? si ze si ba pendule aba si tumileyo. U tini ngokwako na?
23Wa ti, Ngi izwi lomemezayo ehlane, e ti, Lungisani indhlela yeNkosi, njenga ku tyoyo uIsaya umprofeti.
24Labo aba tunywa ba be ngaba kubaFarisi.
25Ba m buza, ba ti kuye, Uma u nge siye uKristu, noElija, nomprofeti, u bapatizelani na?
26uJohane wa ba pendula, wa ti, Mina ngi bapatiza ngamanzi; kodwa ku mi pakati kwenu eni nga m aziyo:
27Uyena ozayo emva kwami, owa e kona pambi kwami, engi nga fanele, ukuba ngi tukulule intambo yesicatulo sake.
28Loku kwenziwa eBetabara, ngapesheya kweJordani, lapa uJohane wa e bapatiza kona.
29Ngangomso uJohane wa bona uJesu e za kuye, wa ti, Bheka, nanti iUndhlu lika Tixo eli susa izono zezwe.
30Uyena e be ngi tyo ngaye ukuti, U yeza umuntu emva kwami, owa e kona pambi kwami, ngokuba wa e kona ngi nga ka bi ko.
31Nga ngi nga m azi, kodwa ukuba a bonakaliswe kubaIsraeli, ngaloko ngi ze ngi bapatiza ngamanzi.
32uJohane wa qinisa, e ti, Nga bona uMoya ehla ezulwini njengejuba, weza wa hlala pezu kwake.
33Nga ngi nga m azi: kodwa o ngi tumile ukubapatiza ngamanzi, yena wa ti kimi, Lowo o ya kubona uMoya ehla, a hlale pezu kwake, uyena o bapatiza ngoMoya o ingcwele.
34Ngi bonile, ngi qinisile, lo u iNdodana ka Tixo.
35Ngangomso uJohane wa e mi kona futi nababili kubafundi bake.
36Wa bheka uJesu e hamba, wa ti, Bheka, nanti iUndhlu lika Tixo.
37Labobafundi ababili, ba mu zwa e kuluma, ba m landela uJesu.
38uJesu wa guquka, wa ba bona be landela, wa ti kubo, Ni funani na? Ba ti kuye, Rabi, (oku ukuti ngokukunyushwa, mFundisi), u hlalapi na?
39Wa ti kubo, Yizani ni bone. Beza ba bona lapa e hlala kona; ba hlala naye nga lolosuku; kwa ku nga ba ihora leshumi.
40Omunye ku labobabili aba mu zwa uJohane, be m landela, wa e nguAndrea, umfo wabo ka Simone Petro.
41Yena wa qala wa fumana umfo wabo uSimone, wa ti kuye, Si m fumene uMesia (oku ukuti ngokukunyushwa, uKristu).
42Wa m yisa kuJesu. uJesu e m bheka wa ti, Wena u nguSimone, indodana ka Jona, u ya kubizwa ngokutiwa, uKefasi (ukuti ngokukunyushwa, itye).
43Ngangomso uJesu wa tanda ukupuma ukuya eGalile; wa fumana uFilipu, wa ti kuye, Ngi landele.
44uFilipu wa e ngowa seBetsaida, emzini ka Andrea noPetro.
45uFilipu wa fumana uNataneli, wa ti kuye, Si m fumene lowo, aba loba ngaye emtetweni oMosi nabaprofeti, uJesu wa seNazareta, indodana ka Josefa.
46uNataneli wa ti kuye, Ku nga vela into elungileyo eNazareta na? uFilipu wa ti kuye, Yiza u bone.
47uJesu wa bona uNataneli e za kuye, wa ti ngaye, Nangu umIsraeli impela, o nge nankohliso.
48uNataneli wa ti kuye, U ngazi ngani na? uJesu wa pendula wa ti kuye, Nga ku bona u nga ka bizwa uFilipu, u pansi komkiwane.
49uNataneli wa pendula wa ti kuye, Rabi, u iNdodana ka Tixo, u inkosi ya kwa Israeli.
50uJesu wa pendula wa ti kuye, U ya kolwa, ngokuba nga ti kuwe, Nga ku bona u pansi komkiwane na? U ya kubona okukulu ku na loku.
51Wa ti kuye, Ngi qinisile, ngi qinisile, ngi ti kini, Ni ya kubona izulu li vuleka, nezingelosi zika Tixo zenyuka, zehlela pezu kweNdodana yomuntu.