1NGABANTWANA baka Amoni, u tyo uJehova, u ti, uIsraeli ka nabantwana? ka nandhlalifa na? Po, uMalkomi u dhlelani ifa lika Gadi, abantu bake be hlala emizini yake.
2Ngako, bheka, ku yeza izinsuku, u tyo uJehova, engi ya kuzwakalisa ngazo umkosi wokulwa eRaba la kwaAmoni; li ya kuba inqwaba yezibi, amadodakazi alo a ya kutyiswa ngomlilo; uIsraeli u ya kuba indhlalifa yezindhlalifa zake, u tyo uJehova.
3Kala, Heshboni, ngokuba iAi li citekile; kalani, nina madodakazi ka Raba, ni bince indwangu yamasaka; ni lile, ni gijigijime ezindongeni: ngokuba uMalkomi u ya kutunjwa, abapristi bake nezikulu zake kanyekanye.
4U zikukumezelani ngezihlambo zako na? isihlambo sako si yemuka namanzi, wena ndodakazi ehlubukayo, eyetemba imfuyo yayo, i ti, Ubani o ya kuza kimi na?
5Bheka, ngi yehlisela kuwe ukwesaba ku vela kubo bonke abakelene nawe, i tyo iNkosi, uJehova wemikosi; ni ya kuxotywa, ku be ilowo a qonde; a ku yi kubako obutayo abedukileyo.
6Kodwa ngi ya kubuya ngi buyisele abatunjiweyo ba kwaAmoni, u tyo uJehova.
7NgoEdomi, u tyo uJehova wemikosi, u ti, A ku se ko ukuhlakanipa eTemani na? ukuceba ku pelile kwabaqondayo na? ukuhlakanipa kwabo ku nyamalele na?
8Balekani, pendukani, hlalani ezindaweni ezijulileyo, nina bakileyo eDedani, ngokuba ngi yehlisela kuye ukubujiswa kuka Esau, isikati engi m tyaya ngaso.
9Uma ku fika kuwe aba vuna amavini a ba shiyi amavini okukotozwa, uma amasela e fika ebusuku a ya cita a ze e sute.
10Ngokuba ngi nqunisile uEsau, ngi penyile izindawo zake zokucatya; ka nakucatya; inzalo yake i citekile nabafo wabo, nabakelene naye, ka se ko.
11Shiya izintandane zako, ngi ya kuzigcina, zi pile, nabafelokazi bako ma ba tembe kimi.
12Ngokuba u tyo uJehova, u ti, Bheka, labo, aba nomteto wokungapuzi isitya, bo si puza, wena u ya kutetelelwa ini? a u yi kutetelelwa, kepa wo si puza.
13Ngokuba ngi zifungile, u tyo uJehova, nga ti, iBozra li ya kuciteka, li delelwe, li be ugwadule, li tukwe; nemizi yonke yalo i ya kuhlala i citekile njalo.
14Ngi zwile indaba e vela kuJehova, isigijimi si tunyiwe ezizweni, si ti, Butani, ni hlasele kulo, ni sukele ukulwa.
15Ngokuba, bheka, ngi ya kukwenza u be mncinyane ezizweni, u delelwe abantu.
16Ukwesabeka kwako u ku kohlisile, ukuzidhla kwenhliziyo yako, wena o hlezi emfanteni yamatye, o nesiqongo sentaba; noma waka indhlu yako pezulu njengokozi, ngi ya kukwehlisa kona, u tyo uJehova.
17Naye uEdomi u ya kuciteka; bonke aba dhlula kuye ba ya kwetuka, ba hlabe amakwelo ngenxa yokutyaywa konke kwake.
18Njenga sekucitekeni kweSodoma neGomora nemizi e ngakona, u tyo uJehova, a ku yi kwaka kona umuntu, nendodana yomuntu a i yi kuhlala kwake.
19Bheka, u ya kupuka njengengonyama ekuzidhleni kweJordani u ye edhlelweni eli luhlaza njalonjalo, ngokuba ngokucwazima kweso ngi ya m xotya lapo; ubani o ketiweyo? ngi ya kumbeka yena pezu kwake; ngokuba ubani o ngangami? ubani o ya kungimangalela na? ubani o ngumalusi o ngema pambi kwami?
20Ngako yizwani icebo lika Jehova a li cebileyo ngoEdomi, nezinzindhlo a zi zindhlile ngabantu ba seTemani; impela ba ya kuhudulwa abancinyane bomhlambi; impela idhlelo li ya kumangala ngabo.
21Umhlaba u ya dikizela ngomsindo wokuwa kwabo; ukukala, udumo lwawo lu zwakele elwandhle olubomvu.
22Bheka, u yenyuka, a ndize njengokozi, elule amapiko ake pezu kweBozra; inhliziyo yeziqwaga zika Edomi ngalolosuku i ya kuba njengenhliziyo yomfazi o beletayo.
23NgeDameseku. Ku jabile iHamati neArpadi; ngokuba be zwile indaba embi, ba pela mandhla; ku kona ukwesaba elwandhle, a lu nakutula.
24iDameseku se li butakataka; li ya penduka ukubaleka, li ya tyaywa uvalo, li ya banjwa izinsizi nobuhlungu njengomfazi obeletayo.
25Yeka, a u shiyiwe ini umuzi odumileyo, umuzi wokutokoza kwami?
26Ngako izinsizwa zawo zi ya kuwa ezitalatini, nabantu bonke bokulwa ba ya kunqunywa ngalolosuku, u tyo uJehova wemikosi.
27Ngi ya kupemba umlilo odongeni lweDameseku, o za kuqeda izindhlunkulu zika Ben-Hadadi.
28U tyo uJehova ngeKedari, na ngemibuso ya seHazori, a i nqobayo uNebukadrezari, inkosi ya seBabulona, u ti, Sukani, ni kupuke ni ye eKedari, ni cite amadodana a sempumalanga.
29Ba ya kutabata otente babo nemihlambi yabo, ba zitabatele izilenge zabo, nezinto zonke zabo, namakamelo abo; ba ya kukala ngabo ba ti, Ukwesabeka inxa zonka.
30Balekani, ni gijime kakulu, ni hlale emigodini, nina bantu ba seHazori, u tyo uJehova, ngokuba uNebukadrezari inkosi ya seBabulona u cebile icebo ngani, wa qamba isu ngani.
31Sukani, ni kupuke ni ye esizweni esitulileyo, si hlezi kahle, u tyo uJehova; a si nasivalo nezihlutulelo, sakile sodwa.
32Amakamelo aso a ya kupangwa, samukwe neningi lezinkomo zaso; ngi ya kubahlakazela emoyeni yonke abapuculwa izilevu emacaleni, ngi behlisele izinsizi zi vela inxa zonke, u tyo uJehova.
33iHazori li ya kuba indawo yamankentyane, li be ugwadule ku ze ku be pakade, ku ngaki kona umuntu, nendodana yomuntu i nga hlali kulo.
34Izwi lika Jehova ela fika kuJeremia umprofeti ngeElamu, ekuqaleni kokubusa kuka Zedekia, inkosi ya kwaJuda, li ti,
35U tyo uJehova wemikosi, u ti, Bheka, ngi ya kwapula umcibityolo weElamu, amandhla abo amakulu.
36Ngi ya kwehlisela eElamu imimoya emine i vela emacaleni omane ezulu, ngi ba hlakazela ku leyomimoya yonke, ku nga bi ko isizwe aba nga yi kufika kuso abaxotyiweyo ba seElamu.
37Ngi ya kwesabisa iElamu pambi kwezita zabo, na pambi kwabafuna ukupila kwabo; ngi ya kubehlisela okubi, ulaka lwami oluvutiweyo, u tyo uJehova; ngi ya kutuma emva kwabo inkemba ngi ze ngi ba qede.
38Ngi ya kumisa isihlalo sami eElamu, ngi bubise kona inkosi nezikulu, u tyo uJehova.
39Kepa ku za kuti ezinsukwini zokupela ngi ya kubuyisa abatunjiweyo ba seElamu, u tyo uJehova.