1NGOMOABI u tyo uJehova wemikosi, uTixo ka Israeli, u ti, Nako kulo iNebo, ngokuba li citekile; iKiriataimi li jabile, li nqotyiwe; iMisgabi li jabile, lesabeka.
2uMoabi ka se nakubongwa; ba cebile okubi ngaye eHeshboni, be ti, Wozani, si m nqume, a nga bi isizwe. Nawe, Madmeni, u qediwe, inkemba i ku landela.
3Izwi lokukala li vela eHoronaimi; ukupangwa nokuciteka okukulu.
4uMoabi u citekile; ku zwakele ukukala kwabancinyane bake.
5Ngokuba ekwenyukeni kwa seLuhiti kwenyukwa ngokulila, ngokulila; ngokuba ekwehleni kwa seHoronaimi ku zwakele izita zokukala kokuciteka.
6Balekani, ni zisindise, ni be njengohleziyo yedwa ehlane.
7Ngokuba ngokwetemba kwako emisebenzini yako na semfuyweni yako, nawe u ya banjwa, noKemoshi u ya kutunjwa, kanye nabapristi bake nezikulu zake.
8Umpangi u ya kufika emizini yonke, u nga sindi namuzi; isihlambo so citeka, netafa li ya kuqedwa, njengokutyo kuka Jehova.
9Nikani uMoabi amapiko, ngokuba u ya kubaleka, kepa imizi yalo i ya kuciteka, i ngakiwa muntu.
10Ka tukiwe lowo o sebenza umsebenzi ka Jehova ngokunqena; ka tukiwe lowo o vimbela inkemba yake i nga palazi igazi.
11uMoabi u be hlezi kahle iloku wa zalwa, wa hlala enzikeni yake, ka tululwanga ezityeni ngezitya, ka tunjwanga; ngako ukuzwakala kwake ku ini kuye, nepunga lake a li guqukanga.
12Ngako, bheka, ku yeza izinsuku, u tyo uJehova, engi ya kutuma ngazo abatambekisi aba za kumtambekisa, ba tulule izitya zake, ba pahlaze amagaba abo.
13uMoabi u ya kujaba ngoKemoshi, njengabakwaIsraeli ba jaba ngeBeteli, itemba labo.
14Ni nga tyo kanjani ukuti, si ngamaqawe, si ngabantu abaqata ekulweni?
15uMoabi u citekile, imizi yake i yenyuka; izinsizwa zake ezinhle zehla ukuya kubulawa, i tyo iNkosi. uJehova wemikosi igama layo.
16Ukuhlupeka kuka Moabi ku seduze ukufika, usizi lwake lu ya tyetya ngamandhla.
17M kaleleni, nina nonke enakeleni naye, nani nonke enaziyo igama lake, ni ti, Yeka, yapukile intonga e namandhla, uti oluhle.
18Yehla ebukosini, u hlale womile, wena owakileyo ndodakazi ya seDiboni; ngokuba ocitayo uMoabi u yeza kuwe, u ya bidhliza izinqaba zako.
19Yima ngasendhleleni, u buke, wena sifazana owakileyo eAroeri; u buze kowesilisa obalekayo, na kowesifazana osindayo, u ti, ku ini okwenziweyo?
20uMoabi u jabile; ngokuba u bidhliziwe. Lila, u kale; memezelani eArnoni, ni ti, uMoabi u citekile;
21Ukwahlula kwehlele ezweni letafa, eHoloni, na seJahaza, na seMefati,
22Na seDiboni, na seNebo, na seBetdiblataimi,
23Na seKiriataimi, na seBetgamuli, na seBetmeoni,
24Na seKerioti, na seBozra, na semizini yonke yezwe lika Moabi, e kude ne seduze.
25Upondo luka Moabi lu nqunyiwe, nengalo yake yapukile, u tyo uJehova.
26M dakiseni, ngokuba u zikukumezile kuJehova; uMoabi u ya kuhlala ebuhlanzweni bake, u ya kweiswa.
27uIsraeli wa e ngeiswanga uwe ini, lapo e se funyenwe pakati kwamasela? ngokuba nxa u kuluma ngaye wa nikina ikanda.
28Shiyani imizi, ni hlale edwaleni, nina bakileyo kwaMoabi, ni be njengejuba elakayo ezindongeni ngasesiweni.
29Si zwile ukuzidhla kuka Moabi, o zidhlayo kakulu, ukupakama kwake, nokuzidhla kwake, nobukosi bake, nokukukumala kwenhliziyo yake.
30Ngi ya kwazi ukuzidhla kwake, u tyo uJehova, nokuize kokubonga kwake, a kwenzanga luto.
31Ngako ngi ya lilela uMoabi, ngi ya kukalela uMoabi wonke, ku dabukelwa abantu ba seKerheresi.
32Ngi ya kalela iJazeri ngi suke ngi ku kalele, wena vini la seSibma; amahlumela ako a welile ulwandhle, a finyelela elwandhle lwa seJazeri; o citayo wehlele ezitelweni zemiti na sezitelweni zesivini;
33Kwamukiwe ukwenama nokujabula emasimini emiti na sezweni lika Moabi; ngenzile ukuba ku nqamuke iwaini ezikameni; a ba yi kunyatela ngokuhalalisa, ngokuhalalisa oku nge siko ukuhalalisa.
34Ba kipa izwi labo ku suka eHeshboni ku ze ku fike eEleale, ku ze ku fike eJahazi; ku suka eZoari ku ze ku fike eHoronaimi, be kalisa okwesitokazi esiminyaka mitatu, ngokuba namanzi a seNimrimi a ya kuciteka.
35Ngi ya kuqeda eMoabi, yena onikelayo ezindaweni ezipakamileyo, notyisela otixo bake impepo.
36Ngako inhliziyo yami i ya kalela uMoabi njengemityingo, inhliziyo yami i ya kalela abantu ba seKirheresi, ngokuba ubuningi a bu zuzileyo bu citekile
37Ngokuba amakanda onke a izimpandhla, nezilevu zonke zi puculiwe, izandhla zonke zi zauliwe, nezinkalo zi botyiwe ngendwangu yamasaka.
38Ku kona ukulila pezu kwezindhlu zonke zika Moabi, na sezitalatini zake; ngokuba ngi ma pulile uMoabi njengesitya esi nge nakutandeka, u tyo uJehova.
39Yeka, wapukile, ba ya lila; yeka, uMoabi u pendukile e hlazekile; uMoabi u ya kudelelwa, a sabeke kubo bonke abakelene naye.
40Ngokuba u tyo uJehova, u ti, Bheka, u ya ndiza njengokozi, elule amapiko ake pezu kuka Moabi.
41Imizi i nqotyiwe, izinqaba zi zumekile, inhliziyo yamaqawe a kwaMoabi ngalolosuku i ya kuba njengenhliziyo yomfazi obeletayo.
42uMoabi u ya kunqunywa a nga bi isizwe, ngokuba u zikukumezile kuJehova.
43U yehlelwa ukwesaba, negebe, nomgibe, wena owakileyo kwaMoabi, u tyo uJehova.
44Obalekela ukwesaba u ya kuwa egebeni, nopumayo egebeni u ya kubanjwa ngomgibe; ngokuba ngehlisela kuye, yebo, kuMoabi umnyaka wokutyaywa kwabo, u tyo uJehova.
45Ababalekileyo ba yema emtunzini wa seHeshboni be nge namandhla; ngokuba umlilo u ya puma eHeshboni, nelangabi eSihoni, ku ya dhla izwe la kwaMoabi nokakayi lwabantwana bomsindo.
46Nako kuwena, Moabi, abantu ba seKemoshi ba pelile, ngokuba amadodana ako a tunjiwe, namadodakazi ako a tunjiwe.
47Kepa ngi ya kubuyisa abatunjiweyo ba kwaMoabi ezinsukwini zokupela, u tyo uJehova. Se ku pelile ukwahlulwa kuka Moabi.